Izimfihlakalo Zezulu #6008

От Емануел Сведенборг

Проучете този пасаж

  
/ 10837  
  

6008. Ngamazwi “uJosefa uyobeka isandla sakhe phezu kwamehlo akho” kufanekiswa ukuthi ukulunga kwangaphakathi kuyophilisa. Lokhu kuchachiswa kokulunga kwangaphakathi ngo “Josefa” (bheka izinombolo 5869, 5877). Kuchachiswa futhi wukufanekiswa kokuvusa noma kokunika impilo ngo “kubeka isandla phezu kwamehlo”. Ngokuba ngo “kubeka isandla phezu kwamehlo” kufanekiswa ukuthi izinzwa zomzimba womuntu ongaphandle ziyovalwa maqede kuvulwe izinzwa zakhe zangaphakathi; nakanjalo kufanekiswa ukuthi kuyofezeka ukwenyuswa, okungukuvuswa noma okungukuphiliswa. Kwakungumkhuba wasemandulo ukubeka isandla phezu kwamehlo omuntu ofayo, ngoba ngo “kufa” kwakufanekiswa ukuvuselwa ekuphileni (bheka izinombolo 3498, 3505, 4618, 4621). Ngokuba lapho umuntu efa kusuke kufa umuntu wakhe ongaphandle kuphela, obekade ewusizo lomuntu wempela lwasemhlabeni wemvelo, umuntu wempela adlulele empilweni yangemuva kokufa ngomzimba ozokuba wusizo lwakhe lwasemhlabeni kamoya.

  
/ 10837