Izimfihlakalo Zezulu # 1807

Napsal(a) Emanuel Swedenborg

Prostudujte si tuto pasáž

  
/ 10837  
  

1807. Ukuthi ngamazwi “Bheka, manje, ngasezulwini” kufanekiswa ukuqhanyiswa kombuso weNkosi lapho kubukwa umkhathi ngameso engqondo kusobala ngokuqhanyiswa nge “zulu”. Engqondweni engaphakathi yeZwi nge “zulu” kakushiwo lesisibhakabhaka esiphezulu esibonakala ngameso, kodwa kushiwo umbuso weNkosi kabanzi nangokwemininingwane. Lapho umuntu obona izinto zangaphakathi ngesu lezinto zangaphandle ebuka isibhakabhaka kacabangi nakancane ngesibhakabhaka nezinkanyezi kodwa ucabanga ngezulu lezingelosi. Nalapho ebuka ilanga kacabangi nakancane ngalo kodwa ucabanga ngeNkosi, okuyiYona eyiLanga lasezulwini. Kwenzeka okufanayo nalapho ebuka inyanga nezinkanyezi. Ngakhoke nalapho ebuka ukungabi namkhawulo kwesibhakabhaka kacabangi ngokungabi namkhawulo kwaso kodwa ucabanga ngokungabi namkhawulo nokungabi nasiphelo kwamandla eNkosi. Kwenzeka kanjalo ngazozonke izinto azibukayo, ngokuba kakulutho olusemhlabeni wemvelo olungafanekisi okuthile kwasempilweni yangemuva kokufa.

[2] Kwenzeka okufanayo nangezinto eziphansi emhlabeni, njengokuthi, lapho umuntu obona okungaphakathi ngesu lokungaphandle ebuka uvivi lokusa kacabangi ngalo kodwa ucabanga ngokuvela kwazozonke izinto eNkosini nokuqhubekela kwazo ekukhanyeni kwasemini okuyinhlakanipho. Kunjalo nalapho ebuka izivande, imithi, nezimbali, iso lakhe kaligxili emthini othile, ezimbalini zawo, emaqabungeni awo, nasezithelweni zawo, kodwa ligxila ezintweni zasezulwini ezifanekiswa ngalezizinto. Futhi iso lakhe kaligxili embalini, ebuhleni bayo, nasekuthandekeni kwayo kodwa ligxila kulezozinto ezifanekiswa ngalezizinto empilweni yangemuva kokufa. Ngokuba kayikho neyodwa into ephezulu esibhakabhakeni nasemhlabeni phansi enhle nethandekayo engafanekisi okuthile okusemmbusweni weNkosi; namalungana nalokhu ungabheka okuphawulwe enombolweni 1632 ngenhla. Kuyilokhu “ukubheka ngasezulwini” okufanekisa ukuqhanyiswa kommbuso weNkosi lapho kubukwa umkhathi ngamehlo engqondo.

[3] Isizathu sokuba kungabikho neyodwa into ephezulu esibhakabhakeni nasemhlabeni phansi enhle nethandekayo engafanekisi okuthile okusembusweni weNkosi wukuthi lezozinto zabakhona futhi ziqhubeka nokubakhona, okungukuthi, zigcinwa ebukhoneni ngesu lomngenela ophuma eNkosini odlula ezulwini. Lokhu kufana nokwenzeka ngomzimba womuntu, obakhona futhi ugcinwe ukhona ngesu lomphefumulo, nokuyisizathu sokuba zonke izinto ezisemzimbeni zifanekise izinto ezisemphefumulweni kabanzi nangokwemininingwane. Okusemphefumulweni wumsebenzi owusizo nenhloso, kanti okusemzimbeni wukufezwa kwalowomsebenzi nenhloso. Yonke imiphumela, ngendlela efanayo, ifanekisa imisebenzi okuyiyona eyisisusa saleyomiphumela, kanti imisebenzi ewusizo ifanekisa inhloso okuyiyona eyandulelayo noma engamaqaliso.

[4] Abantu abagxila emiqondweni yoBunkulunkulu kabazinaki noma kabazikhathazi ngezinto ezibonakala ngamehlo abo enyama, kodwa ngazo nakuzo baqonda noma babona izinto zangaphakathi ngokunganqamukiyo. Izinto ezingaphakathi kunazozonke yilezo ezingezombuso weNkosi, kanjalo yilezo eziyinhloso esemqoka kunazozonke. Kunjalo nangeZwi leNkosi. Umuntu ogxila ekuqondeni imiqondo yoBunkulunkulu kabonaze azikhathaze ngengqondo engaphandle noma yemvelo yeZwi, kodwa uthatha ingqondo yalo engaphandle njengento emele nefanekisa izinto zezulu lamazulu nezinto zezulu likamoya zeSonto nezommbuso weNkosi. Kulowomuntu umsebenzi wengqondo yemvelo wukuba kuphela yisu lokuba akwazi ukucabanga ngezinto zeSonto nangezinto zommbuso weNkosi. Kwakunjalo nokubuka kweNkosi izinto zemvelo.

  
/ 10837