Izimfihlakalo Zezulu # 64

Napsal(a) Emanuel Swedenborg

Prostudujte si tuto pasáž

  
/ 10837  
  

64. Yonke lencazelo engenhla, iyonake ingqondo yangaphakathi yeZwi, ewuqobo lwempilo yaLo, nengabonakali nakancane engqondweni yaLo yemvelo noma yamabala. Izimfihlakalo ezingabonakali nakancane eZwini ziningi kangagoba imiqingo ngemiqingo ayinakwenela ukuyidalula noma ukuyichaza yonke. Lapha kwethulwe izim-fihlakalo ezimbalwa kakhulu, ezifakazela ukuthi isihloko lapha wukuzalwa kabusha, nokuthi ukuzalwa kabusha kuqala kumuntu ongaphandle, kwedlulele kumuntu ongaphakathi. Izingelosi ziliqonda kanjalo iZwi. Azazi lutho noluncane olushiwo engqondweni yemvelo, kazazi ngisho nokuthi igama elilodwa lemvelo likhombani, kungasaphathwa ukwazi amagama amazwe, amadolobha, imifula, nabantu, okuyizinto ezivamile ezingxenyeni zeZwi ezilandayo nezibikezelayo. Zinomqondo kuphela wezinto ezifanekiswa ngamazwi nangamagama noma nangamabizo. Isibonelo: ngoAdam epharadisi ziqonda iSonto laseMandulondulo, nokho hhayi lelosonto, kodwa inkolo yalo eNkosini. NgoNoah ziqonda isonto elasala ezizukulwaneni zesonto lasemandulondulo nelaqhubeka kwaze kwaba yisikhathi sikaAbram. NgoAbraham kaziqondi neze umuntu ogama lakhe nguAbraham, kodwa ziqonda inkolo esindisayo, ayeyifanekisa; njalo njalo. Kanjalo izingelosi ziqonda izinto zikamoya nezezulu lamazulu, okuyizinto ezingahlangene namagama namabizo aseZwini.

  
/ 10837