Izimfihlakalo Zezulu #1103

Par Emanuel Swedenborg

Étudier ce passage

  
/ 10837  
  

1103. Ukuthi “uKhanani uyokuba yisigqila sakhe” kufanekisa ukuthi abantu abasenkolweni yangaphandle kuphela bayakwazi ukwenza imisebenzi ephansi eSontweni. Lokhu kusobala ngosekwethulwe ezahlukwaneni 25, 26, ngobu gqila bukaKhanani. Empeleni abantu abasenkolweni yangaphandle kuphela kabazona izigqila eSon-tweni loBukhrestu emhlabeni, ngokuba baningi abasezikhu ndleni eziphakeme nabangomongameli phezu kwa-banye. Kabenzi lutho ngokusukela esiseni senhliziyo nonembeza, kodwa nokho bayawagcina futhi bawakhuthalele amasiko eSonto langaphandle, babasole nokubasola abantu abangawagcini. Kepha ngenxa yokungabi nesisa senhliziyo nonembeza, futhi benza inkonzo yabo ibe ngeyangaphandle kuphela engamumethe eyangaphakathi, lababantu bayi “zigqila”embusweni weNkosi, okungukuthi, empilweni yabo engemuva kokufa; ngokuba babayingxenye yabantu abangenanjabulo. Izinhlobo zemisebenzi abayenzayo iphansi, nanjengoba iminingi kakhulu kayikubalwa lapha, kepha ngomusa weNkosi woBunkulunkulu kuzokhulunywa ngayo kamuva.

[2] Imbala bonke abantu, noma ngabe wubani, kumele enze umsebenzi owusizo empilweni yakhe yangemuva kokufa; ngokuba inhloso yokubakhona komuntu wukuba enze umsebenzi owusizo emphakathini akuwo, enze um-sebenzi owusizo kumakhelwane wakhe esaphila emhlabeni wemvelo, nasempilweni engemuva kokufa akwazi ukwenza umsebenzi owusizo ngokuhambisana nezinhlo so zomusa noma zentando yeNkosi. Kuyafana nangomzimba womuntu; zonke izinto ezisemzimbeni womuntu kumele zifeze umsebenzi othile—ngisho nezinto ezibonakala sengathi kazinamsebenzi walutho, njengoketshezi olusemzimbeni olungelutho olunye oqotsheni lwalo ngaphandle kothuvi, njengamathe nenyongo, okuwuketshezi olungalungisi njekuphela ukudla okudlulayo kodwa futhi okwahlukanisa uthuvi kushanele amathumbu. Kukanjalo nangomsebenzi owenziwa wumanyolo nomquba emasimini nasezivinini; njalo.

  
/ 10837