2839. Ngamazwi “Entabeni uJehovah uyobonelela” kufanekiswa isisa senhliziyo iNkosi eyahlinzeka ngaso abantu abawuhlobo lwasezulwini likamoya ukuze basindiswe. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kothando nesisa senhliziyo nge “ntaba”, okukhulunywe ngakho ezinombolweni 795, 796, 1430. Ngesisho “uJehovah uyobonelela” kufanekiswa iSondlo seNkosi, noma isihlinzeko esihlinzekwa yiNkosi, njengoba kusanda kuphawulwa ngenhla enombolweni 2837. Lapha kushiwo isisa senhliziyo, esikhundleni sothando, ngenxa yomahluko ophakathi kwesisa senhliziyo nothando, okukhulunywe ngakho enombolweni 2023. Ukusindiswa kwabantu bohlobo lwasezulwini likamoya ngesu lesisa se nhliziyo, esikhundleni sokusindiswa ngesu lenkolo eyahlukaniswe nesisa senhliziyo, kuchache ezindaweni eziningi eZwini. Umumo mayelana nesisa senhliziyo namayelana nenkolo yilona: Isisa senhliziyo esingenankolo kakusona isisa senhliziyo sempela, nenkolo engenasisa senhliziyo kakuyona inkolo yempela. Ukuze isisa senhliziyo sibe ngesempela kumele sibe nenkolo; nenkolo ukuze ibe ngeyempela kumele ibe nesisa senhliziyo. Nokho okungenakushiywa nakancane yisisa senhliziyo, ngokuba leyombewu eyinkolo ingetshalwe kolunye uhlobo lomhlabathi. Ngokuxhumana kwesisa nenkolo ngokuzwana nangokwenanana kubakhona umshado wasezulwini, okungukuthi, kubakhona umbuso weNkosi. Ngaphandle kokutshaleka kwenkolo esiseni senhliziyo, leyonkolo iba wulwazi njekuphela, ngokuba kayidluleli ngaphezulu kwenkumbulo, ekubeni kungekho nkanuko yokuyamukela enhliziyweni. Kodwa lapho inkolo itshalwe esiseni senhliziyo, okungukuthi, lapho itshalwe empilweni, iba yinkalipho nenhlakanipho. Isisa senhliziyo esingenankolo, njengaleso esisezinganeni ezincane nakubantu bezizwe noma abangaphandle kweSonto kodwa abaqotho, singumhlabathi oku tshalwa kuwo inkolo, uma ingatshalwanga empilweni yasemhlabeni wemvelo itshalwa empilweni yangemuva kokufa (bheka izinombolo 1802, 2280, 2289-2309, 2417, 2589-2604).