3568. Ngamazwi “Wayesethi: Letha kimi, ngidle inyamazane yendodana yami” kufanekiswa intshisekelo yaleyonkanuko yokuzixhumanisa neqiniso lemvelo ngesu lokulunga. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kokuxhumana nokugabadela ngoku “dla”, okukhulunywe ngakho ezinombolweni 2187, 2343, 3168, 3513[ekugcineni]; kuchachiswa futhi wukufanekiswa kweqiniso elizuzwa ekulungeni noma ngokulunga nge “nyamazane yendodana yami”, okukhulunywe ngakho ezinombolweni 3309, 3501, 3508. Ukuthi kufanekiswa intshisekelo ngalamazwi kusobala.