Izimfihlakalo Zezulu #1806

Da Emanuel Swedenborg

Studia questo passo

  
/ 10837  
  

1806. Ukuthi ngamazwi “uJehova wamphumisela ngaphandle” kufanekiswa ukubona koMuntu weNkosi oqotho okwakuyisu lezinto zangaphandle lokubona izinto zangaphakathi, kuba sobala ngokufanekiswa ngo “kuphumisela noma ngokukhiphela ngaphandle” nangokulandelayo. Izinto zangaphakathi “zikhishelwa ngaphandle” lapho umuntu ebuka phezulu esibhakabhakeni esinezinkanyezi ngamehlo akhe emvelo nangalokho ecabanga ngombuso weNkosi. Njalo lapho umuntu ebona into ethile ngamehlo akhe emvelo, kodwa kube sengathi kayiboni leyonto ayibukayo kepha ngayo ubona noma ucabanga ngento yeSonto noma yezulu, ukubona kwakhe kwangaphakathi, okungukuthi, kukamoya noma komphefumulo, kusuke ku “phunyiselwa ngaphandle”. Empeleni iso lenyama kalilutho olunye ngaphandle kokubona komumoya oku “phunyiselwe ngaphandle”, nenhlosonqangi lokuphumisela ukubona komphefumulo ngaphandle wukuba umuntu akwazi ukubona izinto zangaphakathi ngesu lezinto ezingaphandle, okungukuthi, ngezinto zemvelo umuntu azibona emhlabeni wemvelo, akwazi ukuzindla ngokunganqamukiyo ngezinto zasempilweni yangemuva kokufa, ngokuba kungesizathu saleyompilo ukuba aphile emhlabeni wemvelo. Kwakunjalo ukubona kwabantu beSonto laseMandulondulo; kunjalo nokubona kwezingelosi ezilinde noma ezihaqe umuntu; kwakunjalo nokubona kweNkosi.

  
/ 10837