Izimfihlakalo Zezulu #3562

Da Emanuel Swedenborg

Studia questo passo

  
/ 10837  
  

3562. Ngamazwi “wamphatha” kufanekiswa ukubona ngengqondo ngokugcwele, okukhulunywe ngakho ngenhla ezinombolweni 3528, 3559, nalapha kufanekiswa ukubona ngengqondo ngokugcwele ngoba konke ukubona ngengqondo kuvela ekuboneni kwangaphakathi. Lokhu kungukuthi, abantu abanokubona kwangaphakathi bakwazi ukubona konke okungaphansi noma okungaphandle, ngokuba izinto ezingaphansi kazilutho olunye ngaphandle kwezinto eziphuma noma ezisuselwe kwezingaphezulu noma ezingaphakathi kanye nenhlanganisela yazo. Imbala zonke izinto zangaphakathi zikhona kuzozonke izinto zazo zangaphandle noma zangaphansi, ngokuba uma izinto zangaphandle zingasuselwe ezintweni zangaphakathi, noma okuyinto efanayo, zingasuselwe ezintweni ezingaphezulu kwazo, njengomphumela osuselwa esisuseni, kazibikhona. Ngokusukela kulokhu kusobala ukuthi kungani inhloso ikhamelele ukujabula noma ukungajabuli komuntu empilweni yakhe yangemuva kokufa, ngokuba inhloso iyingxenye engaphakathi yazozonke izisusa, kangangokuba uma inhloso ingekho ngaphakathi kwesisusa, imbala uma inhloso ingeyikhokonke okwesisusa, kasikho ngisho nesincane isisusa esibakhona. Ngokufanayo inhloso iyingxenye engaphakathi yayoyonke imiphumela, ngokuba umphumela uphuma kulesosisusa. Ngakhoke nomayini ekhona kumuntu ikhona ngokusukela enhlosweni anayo. Empilweni yangemuva kokufa isimo somuntu sikhanyelelwa yisimilo esingenakusala sanoma iyiphi inhloso yakhe (bheka izinombolo 1317, 1568, 1571, 1645, 1909, 3425). Ngokusukela kulokhu kungabonakala ukuthi “ukuphatha”, ekubeni kufanekisa ukubona kwangaphakathi, ngakhoke kufanekisa ukubona ngengqondo ngokugcwele.

  
/ 10837