Izimfihlakalo Zezulu #3564

Da Emanuel Swedenborg

Studia questo passo

  
/ 10837  
  

3564. Ngamazwi “Akamazanga, ngokuba izandla zakhe zazinoboya njengezandla zomnewabo u-Esawu” kufanekiswa ukuthi ngokusukela entandweni eyayisendaweni engaphandle u-Isaka wabona ukuthi kwabe kungukulunga kwemvelo. Lokhu kusobala ngokuthi kazanga ukuthi uJakobe nguJakobe, okungukuthi, kalazanga iqiniso njengeqiniso elifanekiswa nguJakobe, kepha wamazi njengo-Esawu, okungukuthi, njengokulunga kwemvelo okusendaweni engaphandle. Wamazi kanjalo ngenxa yomngenela, okusanda kukhulunywa ngawo ngenhla enombolweni 3563. Ngokuba phakathi kokulunga kwangaphakathi nokulunga kwangaphandle kukhona ukuxhumana noma ukuzwana ngenxa yokufanisana (bheka izinombolo 1831, 1832, 3514), kodwa kakukho lokhu kuxhumana phakathi kokulunga neqiniso ngaphandle kokuxhumana ngomngenela wokulunga ongena eqinisweni njengomngenela osanda kuchazwa ngenhla.

  
/ 10837