Izimfihlakalo Zezulu # 3704

By ემანუელ შვედენბორგი

შეისწავლეთ ეს პასაჟი.

  
/ 10837  
  

3704. Ngamazwi “noNkulunkulu ka-Isaka” kufanekiswa uBuntu beNkosi boBunkulunkulu. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa koBuqotho beNkosi boBunkulunkulu ngo “Isaka”; nanjengoba ubuntu buqala ebuqothweni (bheka inombolo 2194), kanjalo ubuqotho—noma umuntu ongaphakathi—bungumsuka nesizathu sokubakhona kumuntu ongaphandle, ngakhoke lapha ngo “Nkulunkulu ka-Isaka” kufanekiswa uBuntu beNkosi boBunkulunkulu. Njengasezulwini, nanjengakumuntu, nasehlelweni lemvelo kabanzi nangemininingwane, zonke izinto zihlobene noma ziphathelene nokulunga neqiniso, ngakhoke noBunkulunkulu beNkosi bahlukaniswe ngoKulunga koBunkulunkulu neQiniso loBunkulunkulu—uKulunga kwaYo koBunkulunkulu kubizwa ngo “Yise” kanti iQiniso laYo loBunkulunkulu libizwa nge “Ndodana”. Nokho uBunkulunkulu beNkosi kabulutho olunye ngaphandle koKulunga, imbala buwuqobo loKulunga, kanti iQiniso loBunkulunkulu lingukubonakala noma ukuzethula koKulunga kwaYo ezulwini, okungukuthi, ezingelosini. Lokhu kufana nokubonakala noma nokuzethula kwelanga kubantu bemvelo. Empeleni ilanga kalilutho olunye ngaphandle komlilo, kepha ukukhanya okubonwa ngumuntu wemvelo kakukho elangeni kodwa kuvela kulo. Ngokuba uKulunga kweNkosi koBunkulunkulu kufanekiswa ngelanga, nasempilweni yangemuva kokufa iNkosi iyiLanga lalolonke izulu (bheka izinombolo 1053, 1521, 1529-1531, 2495, 3636, 3643), neQiniso laYo loBunkulunkulu lifanekiswa ngokukhanya, nasempilweni yangemuva kokufa iNkosi inguKukhanya kwalolonke izulu (bheka izinombolo 1053, 1521, 1529, 1530, 2776, 3138, 3139, 3222, 3223, 3339, 3341, 3636, 3643).

[2] Ngakhoke empeleni ingqikithi yeNkosi kayilutho olunye ngaphandle koKulunga koBunkulunkulu—nalengqikithi ingeyoqobo loBunkulunkulu noBuntu baYo boBunkulunkulu. Nokho iQiniso loBunkulunkulu kalikho engaphakathini loKulunga koBunkulunkulu kepha liphuma kukho, ngokuba njengoba sekuphawuliwe ngenhla, iQiniso loBunkulunkulu lingukubonakala noma ukuzethula koKulunga koBunkulunkulu ezingelosini. Njengoba-ke uKulunga koBunkulunkulu kuzethula njengeQiniso loBunkulunkulu, ngakhoke uBunkulunkulu beNkosi kwahlukaniswe ngoKulunga koBunkulunkulu nangeQiniso loBunkulunkulu ukuze buqondwe ngumuntu—uKulunga koBunkulunkulu bubizwa ngo “Yise” eZwini, neQiniso eliphuma kukho kubizwa nge “Ndodana”. Yilena-ke imfihlakalo ecashe ekubeni iNkosi ikhulume kaningi kangakaya ngoYise sengathi Yona noYise behlukeni noma sengathi kabayena uMuntu oyedwa, kodwa kwezinye izindawo iphikelele ukuthi Yona noYise banguMuntu oyedwa. Ukuthi engqondweni engaphakathi ngo “yise” kushiwo ukulunga, nasengqondweni yezulu lamazulu kushiwo uKulunga kweNkosi koBunkulunkulu, kusanda kukhonjiswa ngenhla enombolweni 3703; nokuthi nge “ndodana” kushiwo iqiniso, nge “Ndodana kaNkulunkulu” nange “Ndodana yoMuntu” kushiwo iQiniso leNkosi loBunkulunkulu kukhonjiswe ezinombolweni 1729, 1733, 2159, 2803, 2813. Lokhu kusobala futhi kuzozonke izindawo eZwini lapho iNkosi isebenzisa khona igama “uBaba” nalapho izibiza khona nge “Ndodana”.

[3] Ukuthi yiNkosi ebizwa ngo “Jehovah” eThestamenteni eliDala kungabonwa ngenhla ezinombolweni 1343, 1736, 2921; nokuthi kulo iNkosi ibizwa ngo “Yise” noma ngo “Baba” kusobala kulezizindawo ezilandelayo:

Ku-Isaya kuthiwa:

Sizalelwa uMntwana, siphiwa iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe aKhe, negama laKhe liyothiwa uMmangaliso, uMeluleki, uNkulunkulu, iQhawe, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula (Isaya 9:6).

Lapha kusobala ukuthi ngo “Mntwana ozozalwa nangesipho seNdodana” kushiwo iNkosi, ngakhoke yiNkosi ebizwa ngo “Yise wephakade”. KuJeremiya kuthiwa:

Ngiyokuba nguBaba ka-Israyeli, no-Efrayimi uyokuba yizibulolaMi (Jeremiya 31:9).

Lapha kushiwo iNkosi, nangenxa yokuthi inguNkulunkulu ka-Israyeli noNgcwele ka-Israyeli (bheka inombolo 3305), ibizwa ngo “Yise” noma ngo “Baba ka-Israyeli”. KuMalakhi kuthiwa:

Asinaye yini thina sonke uBaba oyedwa na? Asidalwanga wuNkulunkulu oyedwa na? (Malaki 2:10).

Lapha ngo “kudalwa” kufanekiswa ukuzalwa kabusha engqondweni engaphakathi, njengakwezinye izindawo eZwini (bheka izinombolo 16, 88, 472). Nanjengoba kuyiNkosi kuphela enguMzali kabusha nenguMkhululi, ngakhoke lapha ibizwa ngo “Baba” nango “Nkulunkulu”, njengaku-Isaya lapho kuthiwa khona:

Wena unguBaba wethu, ngokuba u-Abrahama akasazi, no-Israyeli kasivumi. Wena, Jehovah unguBaba wethu, igama laKho linguMhlengi wethu waphakade (Isaya 63:16).

[4] Kuyena futhi lomphrofethi kuthiwa:

Ngiyomembathisa ingubo yakho, ngimqinise ngebhande lakho, nginikeze ukubusa kwakho esandleni saKhe, abe nguyise kwabakhileyo eJerusalema nasendlini yakwaJudah. Ngiyobeka isihluthulelo sendlu kaDavidi ehlombe laKhe; uyovula kungavali muntu; avale kungavuli muntu. Ngiyombethelisa okwesipikili endaweni eqinile, ukuze abe yisihlalo sobukhosi esikhazimulayo endlini kayise, baphanyeke phezu kwaKhe lonke udumo lwendlu kayise, inzalo nabantwana, zonke izitsha ezincane, imicengezi nezinkamba (Isaya 22:21-24).

Kusobala ukuthi ngalamazwi kushiwo iNkosi engqondweni engaphakathi, okuyiYona eqhanyiswayo nefanekiswayo, nebizwa ngo “yise kwabakhe eJerusalema nasendlini kaJudah”; ngokuba kuse “hlombeni leNkosi lapho kubekwe khona isihluthulelo sendlu kaDavidi, evula kungavali muntu, nevala kungavuli muntu” (bheka iSanduleliso seSahluko 22). YiYona futhi iNkosi “eyisihlalo sobukhosi bukaYise” ekubeni zonke izinto ezingcwele zizinze kuYo futhi zisuselwa kuYo. Lezozinto ezingcwele zibizwa lapha nge “zitsha”—ezezulu lamazulu zibizwa nge “zitsha ezinezigoxi”, nezezulu likamoya zibizwa nge “zitsha ezinezinsinga”.

[5] Njengoba-ke amakhosi nabaphristi kwakufanekisa iNkosi—amakhosi ngobukhosi bawo efanekisa iQiniso laYo loBunkulunkulu, nabaphristi ngobuphristi babo befanekisa uKulunga kwaYo koBunkulunkulu (bheka inombolo 3670), ngakhoke abaphristi babebizwa ngo “baba” noma ngo “yise”, njengasencwadini yabaHluleli lapho kuthiwa khona:

UMikha wayesethi kumLevi: Hlala kimi, ube ngubaba nomphristi wami (AbaHluleli 17:10).

Nabantwana bakwaDani bakhuluma okufanayo kuye lowomLevi, bathi:

Thula, ubeke isandla sakho emlonyeni wakho, uhambe nathi, ube ngubaba nomphristi wethu (AbaHluleli 18:19).

Ukuthi namakhosi imbala ayebiza abaphristi ngo “baba” kubonakala encwadini yamaKhosi, lapho kuthiwa khona:

INkosi yakwa-Israyeli yathi ku-Elisha: Baba ngibabulale na? Ngibabulale na? Waphendula ngokuthi: Ungababulali (2 AmaKhosi 6:21, 22).

Nalapho u-Elisha esefa, uJowashi wamkhalela wathi kuye:

Baba, Baba, nqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe! (2 Amakhosi 13:14).

Amakhosi ayebiza umphristi ngo “baba” ngenxa yokuthi “amakhosi” ayefanekisa iQiniso leNkosi koBunkulunkulu, na “baphristi” babefanekisa uKulunga kweNkosi koBunkulunkulu, nangenxa yokuthi ukuhlobana okuphakathi kweqiniso nokulunga kufana nokuhlobana okuphakathi kwendodana noyise, ngokuba iqiniso liphuma ekulungeni.

[6] Ukuthi iqiniso liphuma ekulungeni kuyinto eyaziwa kahle kamhlophe empilweni engemuva kokufa, ngakhoke ezulwini kababizi muntu omunye ngo “Baba” ngaphandle kweNkosi; nalapho kuphathwa “uBaba” eZwini labavangeli kabaqondi lutho olunye ngaphandle kweNkosi (bheka izinombolo 15, 1729). Ezulwini, lapho izingane zethulwa ekulungeni okugobhoza kuphuma othandweni, zifundiswa ukuvuma iNkosi kuphela njengoYise; imbala nabasand’ukufika ezulwini bafundiswa ngokucophelela okukhulu ukuthi munye uNkulunkulu, nabasuke bezalelwe eSontweni bafundiswa ukuthi bonke uButhathu buseNkosini eyodwa; ngokuba cishe bonke abavela emazweni aMakhrestu bafika empilweni yangemuva kokufa benomqondo woNkulunkulu abathathu, yize bebekade begomela ngezindebe zabo zomlomo ukuthi uNkulunkulu munye. Ngokuba umanje lowomqondo woNkulunkulu abathathu usungene wazinza kumuntu, kuyilowo nalowoNkulunkulu ehlukene nabanye ngezici nangemisebenzi yakhe, futhi bekhonzwa nokukhonzwa bobathathu ngamunye, umuntu akabe esakwazi ukucabanga ngoNkulunkulu oyedwa. Ngenxa yalesisimo lowomuntu ukhonza oNkulunkulu abathathu ngenhliziyo kepha ngezindebe zomlomo wakhe ufunga uNkulunkulu oyedwa.

[7] Ukuthi bonke uButhathu buseNkosini eyodwa kuyinto eyaziwa kahle kamhlophe emazweni aMakhrestu, kepha phakathi kwaMakhrestu kuncane okuxoxwa ngeNkosi empilweni engemuva kokufa. Imbala isikhubekiso noma ingwaqane kuMakhrestu amaningi wuBuntu beNkosi, ngoba bahlukanisa uBuntu beNkosi noBunkulunkulu baYo, nakanjalo kabakholwa ukuthi uBuntu baYo bungoboBunkulunkulu. Umuntu uyakwazi ukuzibiza ngomuntu oqotho noma olungileyo, kanjalo ohlanjululiwe futhi ongcwelisiwe, kepha kanawo umqondo wokuthi iNkosi idunyisiwe, okungukuthi, uBuntu baYo buguquliwe baba wuBunkulunkulu. Nokho iqiniso elimsulwa wukuthi iNkosi yayizalwa wuJehovah uqobo lwaKhe; futhi vele kakho umuntu ongalungiswa, kungasaphathwa ukungcweliswa, ngaphandle kokulungiswa ngokusukela kuBunkulunkulu, imbala ngokusukela eBuntwini beNkosi boBunkulunkulu obuqhanyiswa nobufanekiswa eSidlweni esiNgcwele, lapho kubekwa khona ngembaba ukuthi isinkwa singumzimba waYo, newayini liyigazi laYo.

[8] Iqiniso lokuthi iNkosi intonye noYise, nokuthi yayikhona kusukela phakade, nokuthi ibusa phezu kwazozonke izinto, nokuthi ngakhoke iwuqobo loKulunga koBunkulunkulu noqobo lweQiniso loBunkulunkulu, kusobala eZwini: Ukuthi iNkosi intonye noYise: kuJohane kuthiwa:

Akekho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise, [yiYo embonakalisile] (Johane 1:18).

Kulona futhi lelivangeli kuthiwa:

AbaJudah kwakuyikhona befuna ukumbulala uJesu ngokuba wayebize uNkulunkulu ngoYise, ezenza olingana noNkulunkulu. UJesu waphendula wathi kubo: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwaYo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza, ngokuba lokho akwenzayo Yena, neNdodana iyokwenza kanjalo. Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise, neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa. Ngokuba uYise kahluleli muntu; ukunike iNdodana konke ukwahlulela, ukuze bonke bazise iNdodana njengokuba bazisa uYise. Ongayazisi iNdodana kamazisi noYise oyithumileyo. Njengalokhu uYise enokuphila ngokwaKhe, kanjalo uyiphile neNdodana ukuba ibe nokuphila ngokwaYo. NoBaba ongithumileyo ufakazile ngaMi. Anizange nizwe izwi laKhe, anisibonanga nesimo saKhe. Hlolani imibhalo; yiyona efakaza ngaMi (Johane 5:18-39).

Lapha kusetshenziswe igama “uBaba”, njengoba sekuphawuliwe, ukufanekisa uKulunga koBunkulunkulu, negama “iNdodana” ukufanekisa iQiniso loBunkulunkulu, okuseNkosini kokubili. Akukho lutho olungaphuma eKulungeni koBunkulunkulu, okungu “Yise”, ngaphandle koBunkulunkulu, nalokho okuphuma eKulungeni koBunkulunkulu yiQiniso loBunkulunkulu, eliyi “Ndodana”.

[9] Kulona futhi lelivangeli kuthiwa:

Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kiMi. Akekho oke wambona uBaba, kuphela ovela kuNkulunkulu; nguyena ombonile uBaba (Johane 6:45, 46).

Futhi:

Base bethi kuYe: Uphi uYihlo na? UJesu waphendula ngokuthi: Anazi naMi naBaba; ukuba beningazi Mina beniyomazi noBaba (Johane 8:18, 19).

Futhi:

Mina noBaba simunye. Nakuba ningakholwa yiMi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, nikholwe ukuthi uBaba ukiMi, naMi ngikuBaba (Johane 10:30, 38).

Futhi:

UJesu wathi: Okholwa yiMi kakholwa yiMi kepha ngongithumileyo; nobona Mina ubona ongithumileyo. Ngize emhlabeni ngingukukhanya ukuze yilowo nalowo okholwa yiMi angahlali ebumnyameni (Johane 12 : 44 - 46).

Ukuthi “wuYise othume iNkosi” kufanekisa engqondweni engaphakathi ukuthi iNkosi iphuma noma izalwa nguYise; kufanekiswa okufanayo ezindaweni zeZwi lapho iNkosi ithi khona ithunywe nguYise. Ngo “kukhanya” kufanekiswa iQiniso loBunkulunkulu kungabhekwa ngenhla.

[10]

Futhi:

Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; kakho oza kuBaba ngaphandle kwaMi. Ukuba beningazi Mina, beniyokumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile. UFiliphu wathi kuYe: Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele. UJesu wathi kuye: Isikhathi eside kangaka nginani awukangazi, Filiphu na? Ongibonile Mina ubone uBaba; usho kanjani ukuthi: Sikhombise uYihlo na? Awukholwa ukuthi ngikuBaba, noBaba ukiMi, na? Amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwaMi; kepha uBaba ohlezi kiMi wenza imisebenzi yaKhe. Kholwani yiMi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukiMi. Noma yini eniyakuyicela egameni laMi ngiyoyenza, ukuze uBaba adunyiswe eNdodaneni (Johane 14:6 -11, 13).

Futhi:

Onemiyalo yaMi ayigcine,nguyena ongithandayo; ongithandayo uyothandwa nguBaba, naMi ngiyokumthanda, ngizibonakalise kuye. Uma umuntu engithanda, uyogcina izwi laMi, noBaba uyomthanda, siyokuza kuye, sihlale naye (Johane 14 : 21, 23).

[11] Ngalabo “abanemiyalo yaKhe bayigcine” kufanekiswa abantu ababuswa yiQiniso loBunkulunkulu, kanti labo ababuswa wuKulunga koBunkulunkulu bafanekiswa ngalabo “abathanda” iNkosi. Yingakho kuthiwa “labobantu bayothandwa nguBaba” futhi kuthiwa “siyokuza kubo, sihlale nabo”; okungukuthi, uKulunga koBunkulunkulu neQiniso loBunkulunkulu kuyokuza kuhlale kubo. Yingakho futhi kushiwo lokhu okulandelayo kuso lesiSahluko:

Ngalolosuku niyokwazi ukuthi ngikuBaba, nani nikiMi (Johane 14:20).

Nakwenye indawo kulo lelivangeli kuthiwa:

Baba ongcwele, bagcine egameni laKho, ukuze babemunye njengaThi (Johane 17:11).

Kulezizimpinda kusobala ukuthi iNkosi ikhuluma ngo “Yise” ngokusukela eKulungeni koBunkulunkulu kwaYo noma okwakukuYo, futhi ikhuluma nge “Ndodana” ngokusukela eQinisweni loBunkulunkulu eliphuma eKulungeni koBunkulunkulu. Ngakhoke uYise neNdodana kakubona abantu ababili, kepha ngumuntu oyedwa. Nokho iNkosi yayikhuluma ngalendlela ukuze iZwi lamukelwe ndawozombili, emhlabeni nasezulwini; futhi yayikhuluma kanjalo ngoba ngaphambi kokudunyiswa yayiyiQiniso loBunkulunkulu eliphuma eKulungeni koBunkulunkulu, kepha ngokudunyiswa kwaYo yaguquka yaba wuqobo loKulunga koBunkulunkulu ngazo zombili izingqikithi, nakanjalo ingumsuka wakhokonke uKulunga koBunkulunkulu neQiniso loBunkulunkulu.

[12] Ukuthi iNkosi yayikhona kusukela phakade: Lokhu kuchachiswa wukuthi kwakuyiNkosi eyayikhuluma nabantu ngesu labaphrofethi, nokuthi ngenxa yalokhu nangenxa yokuthi iQiniso loBunkulunkulu laliphuma kuYo, yayibizwa ngeZwi, okuyinto eshiwo kuJohane, lapho kuthiwa khona:

Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu. Konke kwavela ngaYe, nangaphandle kwaKhe kakuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo. Ukuphila kwakukuYe, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu. Ulizwi waba yinyama wahlala phakathi kwethu, sabona inkazimulo yaKhe, inkazimulo enjengeyozelwe Yedwa kuYise (Johane 1:1 - 4, 14).

NgeZwi noma ngo “Lizwi” kufanekiswa lonke iqiniso elisemazulwini nasemhlabeni eliphuma eBunkulunkulwini.

[13] Ukuthi iNkosi yayikhona kusukela phakade kufundiswa yiYono iNkosi uqobo ngokuchachile kuJohane lapho kuthiwa khona:

UJohane wafakaza ngaYe wathi: Nguye Lo ebengisho ngaYe ukuthi: Yize ozayo emva kwami wayengaphambi kwami, ngokuba ubengaphambi kwami. Phakathi kwenu kumi umuntu eningamazi. NguYe ozokuza ngemuva kwami,owayengaphambi kwami (Johane 1:15, 26, 27, 30).

Kulo futhi lelivangeli kuthiwa:

Pho, uma nibona iNdodana yoMuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyothini na? (Johane 6:62).

Futhi:

UJesu wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Engakakabikho u-Abrahama, ngangikhona Mina (Johane 8 : 58).

Futhi:

UJesu wayekwazi ukuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu (Johane 13:3).

Futhi:

UBaba uqobo uyanithanda ngokuba ningithandile nina nakholwa ukuthi Mina ngavela kuBaba. Ngavela kuBaba, ngezaemhlabeni wemvelo; ngiyawushiya futhi umhlaba wemvelo, sengibuyela kuBaba (Johane 16:27, 28).

Futhi:

Ngikudumisile emhlabeni; ngiwufezile umsebenzi ongiphe wona ukuba ngiwenze. Ngakhoke manje-ke ngidumise Wena Baba kuwe uqobo ngendumiso ebenginayo ngikuWe, umhlaba ungakabibikho, ukuze babone inkazimulo yaMi ongiphe yona, ngokuba wangithanda umhlaba ungakasekelwa (Johane 17:4, 5,24).

Ku-Isaya kuthiwa:

Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa iNdodana; igama laKhe liyakuthiwa uSimangaliso, uMeluleki, uNkulunkulu, uQhawe, uYise wePhakade, neNkosi yoKuthula (Isaya 9:6).

[14] Ukuthi iNkosi ibusa phezu kwazozonke izinto: Lokhu kuchachile kuMathewu, lapho kuthiwa khona:

Konke ngikunikelwe nguBaba (Mathewu 11:27).

Kulona futhi lelivangeli kuthiwa:

UJesu wathi kubafundi baKhe: Ngiphiwe onke amandla ezulwini nasemhlabeni (Mathewu 28:18).

KuJohane kuthiwa:

UYise wanikela konke esandleni seNdodana. Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade (Johane 3:35, 36).

Futhi:

UYise kahluleli muntu; ukunike iNdodana konke ukwahlulela (Johane 5:22).

Futhi:

UJesu wayazi ukuthi uYise unikele konke esandleni saKhe (Johane 13:3).

Futhi:

Konke uBaba anakho kungokwaMi (Johane 16:15).

Futhi:

UJesu wathi: Baba, dumisa iNdodana yaKho, ukuze iNdodana ikudumise Wena, njengalokho uyiphile Amandla phezu kwayoyonke inyama (Johane 17:1, 2).

Futhi:

Konke okwaMi kungokwaKho, nokwaKho kungokwaMi, ngidunyisiwe kukho. Angisekho emhlabeni wemvelo, ngokuba ngiza kuWe (Johane 17:10, 11).

KuLuka kuthiwa:

Konke ngikunikelwe nguBaba (Luka 10:22).

[15] Kuzozonke lezizindawo kuyachacha ukuthi wuKulunga koBunkulunkulu okubizwa ngo “Yise”, neQiniso loBunkulunkulu libizwa nge “Ndodana”; nokuthi iNkosi ibusa zonke izinto ezidaliwe ngokusukela eKulungeni koBunkulunkulu ngesu leQiniso loBunkulunkulu. Njengoba-ke lesi kuyisimo esingaguqukiyo, futhi kuyisimo esisobala kangaka eZwini, kuyashaqisa ukuthi aMaKhrestu ayazi ngokufundiswa ukuthi bonke uButhathu buseNkosini, kodwa kabayivumi futhi kabayikhonzi iNkosi eyodwa, nakanjalo kabakhonzi uNkulunkulu oyedwa njengabantu abasezulwini. Iqiniso lokuthi uMoya oNgcwele, okhonzwa ngaMakhrestu njengomunye uNkulunkulu owehlukile nowehlukene noYise neNdodana, ungubungcwele bomoya—noma ubungcwele obuvela eNkosini maqede bewuke ngomgudu noma ngesu lemimoya noma lezingelosi, okungukuthi ubungcwele obuphuma eKulungeni koBunkulunkulu bewuke ngomgudu weQiniso loBunkulunkulu—liyokwembulwa kwenye indawo ngomusa weNkosi woBunkulunkulu.

  
/ 10837