5202. Ngamazwi “Bheka, ezinye izithole eziyisikhombisa zenyuka emfuleni emva kwazo” kufanekiswa amanga akumuntu ongaphandle nawo angumngcele noma angumkhawulo. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kwamaqiniso akumuntu ongapha ndle nge “zithole”, okusanda kukhulunywa ngakho ngenhla enombolweni 5198, ngakhoke engqondweni ephambene nge “zithole” kufanekiswa amanga (ngokuba izinto eziningi ezisezwini zinengqondo ephambene engabonakala engqondweni eyiyonayona. Njengobake engqondweni eyiyonayona nge “zithole” kufanekiswa amaqiniso akumuntu ongaphandle, ngakhoke engqondweni ephambeneyo nge “zithole” kufanekiswa amanga akumuntu ongaphandle). Kuchachiswa futhi wukufanekiswa komkhawulo noma komngcele ngo “mfula”, nakho okusanda kukhulunywa ngakho ngenhla ezinombolweni 5196, 5197. Ukubakhona kwalawomanga emkhawulweni kusobala futhi ngokusetshenziswa kwamazwi “zenyuka [ziphuma] emfuleni”, ngokuba ukuphuma noma ukwenyuka kushiwo maqondana nokuthuthuka okusuka kokungaphadle kuqhubekele kokungaphakathi (bheka izinombolo 3084, 4539, 4969).
[2] Okugudliswa lapha, ekubeni kuyisihloko kokulandelayo, kumele kuphawulwe. Isihloko seSahluko esandulelayo bekungumuntu ongaphandle, sokuthi eminye imiqondo yakhe iphuma ezinzweni zomzimba ezesekela noma ezingaphansi kwengqondo, kodwa eminye iphuma ezinzweni ezesekela intando; imiqondo yezinzwa ezesekela ingqondo yamukelwa, kepha kamuva yachilizelwa eceleni. Imiqondo yezinzwa ezesekela ingqondo ibufanekiswa ngo “mphathizitsha”, nemiqondo yezinzwa ezesekela intando ibifanekiswa ngo “mphekizinkwa”. Okunye, ngenxa yowamukelwa kwezinzwa ezesekela ingqondo, ngakhoke zangeniswa ngaphansi komuntu ophakathi komuntu ongaphandle nomuntu ongaphakathi. Yilezizinto obekukhulunywa ngazo esahlukweni esandulelayo, nobekuyincazelo yesigaba sokuqala sokuzalwa kabusha komuntu ongaphandle.
[3] Nokho kulesisahluko esikuso manje isihloko wumngenela wokulunga kweqiniso ongena emiqondweni eyamukelweyo noma egodlwe kumuntu ongaphandle, okungukuthi, ongena emiqondweni yengqondo yomuntu ongaphandle, eyimiqondo efanekiswa lapha manje nge “zithole ezibukeka kahle futhi ezikhuluphele”. Kepha njengoba umuntu ongaphandle kanakuzalwa kabusha maqondana nemiqondo yengqondo kuphela, ngakhoke ukuzalwa kwakhe kabusha kumele nakanjani kuhambisane nokuzalwa kwakhe kabusha kwezinkanuko zakhe zentando; ngokuba kuzozonke izingxenye zomuntu ongaphandle kumele kubekhona okwengqondo khonalapho kubekhona okwentando ukuze zibe wutho; nanjengoba intando yakuqala isichilizelwe eceleni, kumele kubekhona intando entsha esikhundleni seyakuqala. Intando entsha iphuma ekulungeni kweqiniso, okuyikhona kanye nomngenela wakho ongena kumuntu ongaphandle okuyisihloko kulesiSahluko esiphezu kwaso. Ukuthi umuntu ongaphandle ukusiphi isimo lapho esemukele umngenela walokhu kulunga kuchazwe ngengqondo engaphakathi; okuyisimo lapho amaqiniso akuye esedingiswe ngamanga, nomuntu ongaphandle esechwanekele ukwamukela ukulunga kweqiniso. Yilemiziyo efanekiswa ngokudliwa kwezithole ezinhle zidliwa yizithole ezimbi, nangokugwinywa kwezikhwebu ezibhoxileyo zigwinywa yizikhwebu ezingenalutho, nangemva kwalokhu ngoJosefa ehlinzeka lonke izwe laseGibhithe ngokudla. Nokho ngomusa weNkosi woBunkulunkulu kuzobuye kuphawulwe okunye kamuva maqondana naloludaba.
[4] Kepha nokho lemiziyo kayilona uhlobo lwemiziyo esekukhanyeni kwengqondo yomuntu, nesizathu salokhu wukuthi lemiziyo iyizimfihlakalo zokuzalwa kabusha eziningi ngokungenakubalwa, futhi umuntu angenalo ngisho noluncane ulwazi ngazo. Umuntu osekulungeni noma onokulunga uzalwa kabusha ngayoyonke imizuzu, kusukela ekuqaleni kobuntwana bakhe kuze kube sesigabeni sokugcina sempilo yakhe yasemhlabeni wemvelo, nangemva kwalokho uzalwa kabusha kuze kube phakade. Lokhu kuzalwa kabusha kwenzeka engaphakathini lakhe nasengaphandleni lakhe; nalokhu kuzalwa kabusha kuqhubeka ngezindlela ezimangalisayo. Ziyizindlela eziqondeka ngesu lenhlakanipho yobungelosi, naleyonhlakanipho, njengoba kwaziwa kahle, ijule ngokungakhulumekiyo, exube izinto ezingakaze zizwiwe yindlebe yomuntu, ezingakaze zibonwe yiso lomuntu, nezingakaze zingene emcabangweni womuntu. Ingqondo engaphakathi yiyona efaneliselwe ukuchazwa kokuqhubeka kokuzalwa kabusha komuntu, ngakhoke yiyona efaneliselwe inhlakanipho yobungelosi. Nalapho ingqondo engaphakathi yehlela kumuntu ifaneliselwa inhlakanipho yobuntu, nangendlela engabonakaliyo ivukuza izinkanuko zalabo abaqhutshwa wukulunga futhi abakhanukela ukwazi amaqiniso eZwi.