Izimfihlakalo Zezulu #63

Po Emanuel Swedenborg

Proučite ovaj odlomak

  
/ 10837  
  

63. Ngenkathi yesimo somuntu sesithupha, iNkosi iyaqhubeka nokumlwela nobubi namanga, nangokumlwela imgxilisa eqinisweni nasekulungeni. Isikhathi sokulwa yisikhathi sensebenzo yeNkosi; ngakhoke kubaPhrofethi umuntu ozelwe kabusha ubizwa ngo‘msebenzi weminwe kaNkulunkulu’. Futhi uNkulunkulu kaphumuli ukuseben-za kumuntu kuze kuhole uthando, kunqamuke nokulwa. Lapho insebenzo yeNkosi kumuntu isifinyelele ebangeni lapho inkolo isihlangene nothando, ibizwa ngokuthi “inhle kakhulu”, ngoba iNkosi lapho igunya umuntu ukuba abe wumfanekiso waYo. Ekupheleni kosuku lwesithupha, imimoya emibi yemuka maqede indawo yayo ithathwe yimimoya elungileyo, umuntu ethulwe ezulwini, noma epharadisi lasezulwini lamazulu, okuyinto okuzokhulunywa ngayo esahlukweni esilandelayo.

  
/ 10837