Izimfihlakalo Zezulu #1100

Од страна на Емануел Сведенборг

Проучи го овој пасус

  
/ 10837  
  

1100. Ukuthi ngo “Jafethe” kufanekiswa iSonto langaphandle elihambisana noma eliqhamisana nelan-gaphakathi sekukhulunyiwe ngakho; nokufanekiswa ngeSonto elingaphandle, ukuthi kufanekiswa inkonzo yan-gaphandle, kanjalo kufanekiswa abantu abangazi ukuthi umuntu wangaphakathi uyini nokuthi yini engeyomuntu wangaphakathi, kodwa nokho bephila impilo yesisa senhliziyo. INkosi ikhona nakuloluhlobo lwabantu, ngokuba iNkosi isebenza ngesu lesisa senhliziyo noma yikuphi lapho kukhona khona isisa senhliziyo. Isimo saloluhlobo lwabantu sifana nesimo esitholakala kubantwana nasezinganeni, ngokuthi yize abantwana nezingane zingazi ukuthi isisa senhliziyo siyini, ikakhulu inkolo, nokho iNkosi ikhona kuzo ngaphezulu kokubakhona kwaYo kubantu abadala, ikakhulu uma izingane ziphila impilo yesisa senhliziyo ngokwenananayo. INkosi ikhona futhi nakubantu abayiminguphane abamsulwa, abanesisa senhliziyo, nabanesihawu. Ulwazi oluningi kalumsizi ngalutho umuntu uma engaphili impilo ehambisana nalololwazi lwakhe, ngokuba inhloso kuphela yolwazi wukuba umuntu abe wumuntu olungileyo ngesu lolwazi. Lapho esewumuntu olungileyo uba ngumnini wezinto eziningi kakhulu kunomuntu owazi izinto eziningi eziningi kodwa engalungile, ngokuba umuntu ongalungile lapho ezama ukuthola lokho afuna ukukuthola ngezindlela ezithile eziningi, umuntu olungileyo usuke esekwazi. Kuyahluka kumuntu olungileyo owazi amaqiniso amaningi nokulunga okuningi, khonalapho enesisa senhliziyo nonembeza, ngalokho eyilungu leSonto langaphakathi elifanekiswa ngo “Shemi”. Abantu abazi okuyingcosana kodwa benonembeza bayakhanyiselwa emva kokufa baze babe yizingelosi ezinenhlakanipho nenkalipho okusezingeni eliphakeme ngokungenakuchazwa. Lababantu bafanekiswa ngo “Jafethe”.

  
/ 10837