Izimfihlakalo Zezulu #1106

Од страна на Емануел Сведенборг

Проучи го овој пасус

  
/ 10837  
  

1106. Kukhona abantu okwathi lapho besaphila emhlabeni bamunca amanga enkolo yokholo lwabo ngen-xa yobunguphane nokungazi kwabo, kodwa nokho benonembeza othile ohambisana nemigomonqangi yokholo lwabo. Loluhlobo lwabantu kaluphilanga njengabanye abantu—kaluphilanga ngenzondo, ngokuphindisa, nangokuphinga. Lolohlobo lwabantu kaluvunyelwa ukungena emiphakathini yasezulwini umanje isaqhutshwa ngamanga, ngokuba lapho lababantu bekulesosimo bangadunga leyomiphakathi. Ngakhoke balindiswa emhlabeni ongezansana kancane isikhathi esithile ukuze kukhishwe imigomo engamanga kubo. Isikhathi abasihlala kulowomhlaba, eside noma esifishane, sikhanyelelwa wuhlobo lwamanga, impilo ephuma kuwona, nezinga lokugxila kwaleyomigomo engamanga. Abanye babo bezwa ubuhlungu obukhulu, kanti abanye bezwa ubuhlungu obun-cane ngenkathi belapho. Ubuhlungu ababuzwayo yibona obubizwa nge “zincithakalo”, eziphathwa kakhulu eZwini. Lapho sesiphelile isikhathi sabo sencithakalo benyuselwa ezulwini, nanjengabantu abayizifiki bamukela imfundiso yamaqiniso enkolo, efundiswa yizingelosi ezibamukelayo noma abafikela kuzo.

  
/ 10837