Izimfihlakalo Zezulu #2838

വഴി ഇമ്മാനുവൽ സ്വീഡൻബർഗ്

ഈ ഭാഗം പഠിക്കുക

  
/ 10837  
  

2838. Ngamazwi “njengalokhu kuthiwa nanamuhla” kufanekiswa okunga nqamukiyo. Lokhu kuchachiswa ngokufanekiswa nge “namuhla” eZwini, okuzo khulunywa ngakho ngezansi. Kuvanywe ukufundwa kwesisho eZwini esithi “ku ze kube namuhla [noma nanamuhla]” njengamazwi akhomba okwandulelayo, njengalapho kuthiwa: UMowabi unguyise wabakwaMowabi kuze kube namuhla, uBhenami waba nguyise wabakwa-Amoni kuze kube namuhla (Genesise 19:37, 38); nanjengamazwi akhomba okuvela kamuva, njengalapho kuthiwa: Igama lomuzi lithi BeriSheba kuze kube namuhla (Genesise 26:33).

Futhi:

Abantwana bakwaIsrayeli kabawudli umsipha wenqulu osesikhoxeni senyonga kuze kube namuhla (Genesise 32:32).

Futhi:

Lokhu kuyinsika yethuna likaRasheli kuze kube namuhla (Genesise 35:20). UJosefa washaya umthetho ngezwe laseGibhithe kuze kube namuhla (Genesise 47:26).

Engqondweni engumlando yeZwi ngamazwi “kuze kube namuhla” nokuthi “namuhla” kukhonjwa inkathi yokuphila kukaMose, kodwa engqondweni engapha kathi lamazwi afanekisa ukunganqamuki nokuba phakade kwesimo. Ngo “muhla” noma ngo “suku” kufanekiswa isimo (bheka izinombolo 23, 487, 488, 493, 893), kanjalo nango “namuhla”, osho inkathi esikuyo. Lokho okudlulayo noma kwesikhashana emhlabeni kuphakade ezulwini. Ukuze kufanekiswe okuphakade kujotshelelwe izwi namuhla noma amazwi kuze kube phakade, yize kubantu abazi ingqondo yomlando yeZwi kuphela lamazwi engasho lutho olunye. Okunye ukusetshenziswa kwalamazwi kuyavela nakwezinye izindawo eZwini, njengakuJoshuwa 4:9; 6:25; 7:26; AbAhluleli 1:21, 26; nakwezinye izindawo.

[2] Ukuthi ngo “namuhla” kufanekiswa okunganqamukiyo nokuphakade kungabonakala kumaHubo kaDavidi, lapho kuthiwa khona: Ngizolanda ngesinqumo: UJehovah uthe kimi: UyiNdodana yaMi Wena; namuhla ngikuzele (AmaHubo 2:7).

Kusobala ukuthi ngo “namuhla” lapha kufanekiswa lokho okuphakade. Kuye futhi lomlobi kuthiwa: Kuze kube phakade, Jehovah, iZwi laKho limi liqinile emazulwini, iqiniso laKho ezizukulwaneni ngezizukulwane. Wamisa umhlaba, namanje usemi. Nezahlulelo zaKho zisemi nanamuhla (AmaHubo 119:89-91).

Nalapha kusobala ukuthi ngo “namuhla” kufanekiswa lokho okuphakade. KuJeremiya kuthiwa: Ngingakakubumbi esiswini, ngangikwazi, nalapho ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa; ngakubeka umphrofethi ezizweni. Namuhla ngikubekile phezu kwezizwe naphezu kwemibuso; ngikwenzile namuhla waba ngumuzi obiyelweyo, waba yinsika yensimbi, nezingange zethusi (Jeremiya 1:5, 10, 18).

Lapha engqondweni engaphandle kukhulunywa ngoJeremiya, kodwa engqondweni engaphakathi kukhulunywa ngeNkosi. Ukuthi “namuhla ngikubekile phezu kwezizwe naphezu kwemibuso; ngikwenzile namuhla waba ngumuzi obiyelweyo” kufanekisa ukuthi kusukela phakade. Akukho lutho olungashiwo malungana neNkosi kushiywe ubuphakade baYo.

[3] KuDuteronomi kaMose kuthiwa: Nimi namuhla, nonke, phambi kukaJehovah uNkulunkulu wenu, ukuze ningene esivumelwaneni sikaJehovah uNkulunkulu wenu, nasesifungweni saKhe uNkulunkulu uJehovah wenu asenza nani namuhla, ukuze azimisele nina namuhla njengesizwe saKhe, Yena abe nguNkulunkulu wenu. Akenzi lesisivumelwano nani nodwa, kodwa usenza nabemi nathi lapha namuhla phambi kukaJehovah uNkulunkulu wethu, nabangekho nathi namuhla (Duteronomi 29:10, 12-14).

Lapha engqondweni engaphandle ngo “namuhla” kushiwo lesosikhathi uMose ethula ngaso inkulumo kubantu. Nokho kuyachacha ukuthi lelizwi ligudlisa izinkathi ezilandelayo nokunganqamukiyo; ngokuba ukwenza isivumelwano nanoma wubani, nanabantu abakhona nabangekho, kugudlisa okunganqamukiyo. Empeleni kushiwo ukunganqamuki uqobo engqondweni engaphakathi.

[4] Ukuthi ngamazwi “imihla ngemihla”, nangezwi “namuhla” kufanekiswa okunganqamukiyo kuchachiswa futhi wumnikelo owawunikelwa zonke izinsuku . Lomnikelo wawubizwa ngomnikelo oqhubekayo noma onganqamukiyo ngenxa yokwakufanekiswa ngosuku, ngemihla ngemihla, nangonamuhla (bheka kuNumeri 28:3, 23; Daniyeli 8:13; 11:31; 12:11). Lokhu kusobala ngokuchache kakhulu kuEksodusi ngemana eyayina ivela ezulwini, okukhulunywa ngayo kanje: Bheka, ngizokuninisela isinkwa sivela ezulwini, nabantu bayo phuma babuthe isabelo sosuku imihla ngemihla. Abayukushiya lutho kukho kuze kuse. Abakushiya kwaze kwasa kwazala izimpethu, kwabola, ngaphandle kokubuthwe ngosuku olungaphambi kweSabatha (Eksodusi 16:4, 19, 20, 23).

Lesisenzeko senzeka ngoba “imana” yayifanekisa uBuntu beNkosi boBunkulunkulu (bheka kuJohane 6:31, 32, 49, 50, 58), nangoba uBuntu beNkosi boBunkulunkulu babufanekisa ukudla kwasezulwini, okungelutho olunye ngaphandle kothando nesisa senhliziyo, kanye nokulunga namaqiniso kwenkolo. Ezulwini iNkosi ipha izingelosi lokhukudla umzuzu ngomzuzu, kanjalo ngokunganqamukiyo futhi kuze kube phakade (bheka inombolo 2493). Kufanekiswa lokhu eMkhu lekweni weNkosi ngesicelo: Siphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla (bheka kuMathewu 6:11; Luka 11:3), okungukuthi, ngayoyonke imizuzu kuze kube phakade.

  
/ 10837