Izimfihlakalo Zezulu #7778

Door Emanuel Swedenborg

Bestudeer deze passage

  
/ 10837  
  

7778. Ngamazwi “amazibulo onke asezweni laseGibhithe ayokufa” kufanekiswa ukuchithwa noma ukulahlwa kwenkolo engabhangqene nesisa senhliziyo. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kokulahlwa ngo “kufa” (bheka izinombolo 5407, 6119). Kuchachiswa futhi wukufanekiswa kwenkolo yeSonto okuphuma kuyo isisa senhliziyo nge “zibulo” (bheka izinombolo 352, 2435, 6344, 7035). Kepha nokho nge “ngezibulo lasezweni laseGibhithe” kufanekiswa inkolo engabhangqene nesisa senhliziyo (bheka inombolo 7766).

[2] Mayelana nenkolo engabhangqene nesisa senhliziyo, kuningi okungashiwo maqondana nakho. Inkolo engabhangqene nesisa senhliziyo kakuyona inkolo, kodwa iwulwazi njekuphela lwezinto zenkolo; ngokuba amaqiniso enkolo aphokophele esiseni senhliziyo njengenhloso yawo, nakamuva aqhubeka nokuphokophela ukufeza isisa senhliziyo njengenhloso yawo yokuqala. Ngoku sukela kulokhu kuyachacha ukuthi izinto ezenza inkolo kazikho kubantu abangenaso isisa senhliziyo, yize benolwazi lwamaqiniso enkolo, njengoba lokhu kwaziwa kahle. Lolulwazi yilona olubizwa ngenkolo ngabantu abangenaso isisa senhliziyo. Nalapho besebenzisa ulwazi abalwaziyo ngamaqiniso nokulunga kwenkolo ukwesekela amanga nobubi, lokho kush’ukuthi abasenawo amaqiniso nokulunga kwenkolo ngoba lawomaqiniso nokulunga kwenkolo kuguquka kufane namanga kanye nobubi okuwasekelayo. Ngokuba manje amanga nobubi okusekelwayo sekubonakala kuwona amaqiniso nokulunga.

[3] Izinto zenkolo yempela zibheka phezulu ezulwini naseNkosini, kanti lezo zenkolo engabhangqene nesisa senhliziyo zibheka phansi—nalapho lezi ezingabhangqene nesisa senhliziyo zesekela ububi namanga, zibheka esihogweni. Ngalokhu kuyachacha nokuthi inkolo engabhangqene nesisa senhliziyo kakuyona inkolo. Konke lokhu kukhombisa ukuthi kufanekiswani ngokulahlwa kwenkolo eyahlukanisiwe noma engabhangqene nesisa senhliziyo, okungukuthi, kufanekiswa ukuchithwa noma ukulahlwa esihogweni kweqiniso lenkolo eliphendukezelwe nokulunga kwenkolo okuhlanekezelwe. Ngokuba lapho iqiniso seliphendukezelwe kaliselona iqiniso kepha selingamanga, nalapho ukulunga sekuhlanekezelwe kakusekhona ukulunga kepha sekungububi; nenkolo uqobo kakuseyona inkolo ebunjwe ngeqiniso nokulunga kepha sekuyinkolo ebunjwe ngamanga nangobubi, yize ingezwakala noma ingabonakala kangakanani ngengaphandle layo ukuthi ibunjwe ngeqiniso nangokulunga. Okunye, okuyimfihlakalo, wukuthi isimilo senkolo yomuntu sikhanyelelwa yisimilo sempilo yakhe. Ngakho-ke uma impilo yakhe ilahliwe, kanjalo nenkolo yakhe ilahliwe, ngokuba iyinkolo ebunjwe ngamanga uma impilo yakhe iyimpilo yobubi. Akubonakali kuye ukulahlwa kwenkolo yakhe ngenkathi esaphila emhlabeni wemvelo, kepha kubonakala ngokuchachile empilweni yakhe yangemuva kokufa. Lapho ababi kuleyompilo bephucwa ulwazi abanalo lweqiniso nokulunga, ngokuba ngalesosikhathi kuvumbuka ububi namanga obekulele kucashe engaphakathini labo.

[4] Abanye abantu ababi bagotshezelwe ngokuthi iqiniso lenkolo yilona iqiniso, nalokhu kugotshezelwa bacabanga ukuthi kuyinkolo. Kepha empeleni kakuyona inkolo, lokhu kuphuma enhlosweni yokukusebenzisa njengesu lokuzuza ingcebo, izikhundla eziphakeme, nodumo. Umanje amaqiniso abawaziyo bewasebenzisa ukuzuza lezizinto, lawomaqiniso bawathandela ukuba yisu lokufeza ububi. Kepha uma lawomaqiniso engasabasizi ngokufeza izinhloso zabo zobubi bayawalahla, imbala bawathathe njengamanga. Isaga “inkolo yokugotshezelwa (persuasive faith) sichaza loluhlobo lokugotshezelwa, futhi yiloluhlobo lokugotshezelwa olufanekiswa yiNkosi kuMathewu, lapho ithi khona:

Abaningi bayokuthi kiMi ngalolosuku: Nkosi, Nkosi, asiphrofethanga yini ngegama laKho, sakhipha amademoni ngegama laKho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama laKho na? Khona ngiyofakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kiMi nina benzi bokubi (Mathewu 7:22,23).

Kufanekiswa inkolo yokugotshezelwa futhi nge “zibani ezingenamafutha” ezaziphethwe yizintombi eziyiziwula, nazo ezazithi:

Nkosi, Nkosi, sivulele. Kepha yaphendula ngokuthi: Ngiqinisile ngithi kini: Anginazi (Mathewu 25:11,12).

Nge “zibani” kufanekiswa amaqiniso enkolo, kanti nga “mafutha” kufanekiswa ukulunga kwesisa senhliziyo, ngakho-ke nge “zibani ezingenamafutha” kufanekiswa amaqiniso enkolo angenakho ukulunga kwesisa senhliziyo.

  
/ 10837