7864. Ngamazwi “izicathulo zenu zisezinyaweni zenu” kufanekiswa ukuthi maqondana nengaphandle labo. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kwezingxenye ezingaphandle noma eziphansi kunazozonke zomuntu ongaphandle nge “zicathulo”, eziyizingxenye ezemboze kabanzi ingaphakathi lomuntu ongaphandle. Kuchachiswa futhi wukufanekiswa komuntu ongaphandle nge “zinyawo” (bheka izinombolo 2162, 3147, 3761, 3986, 4280, 4938-4952).