Izimfihlakalo Zezulu #2686

Door Emanuel Swedenborg

Bestudeer deze passage

  
/ 10837  
  

2686. Ukuthi ngo “mcibisholo” kushiwo imfundiso yeqiniso noma yenkolo kusobala ngokufanekisa kwawo. EZwini, noma yikuphi lapho izimpi ziyisihloko khona nalapho ziphathwa khona, engqondweni engaphakathi kusuke kungashiwo lutho olunye ngaphandle kwezimpi zikamoya (inombolo 1664). NaseSontweni laseMandulo kwakukhona izincwadi ezazibizwa ngeZimpi zikaJehovah, njengoba lokhu kuchachile encwadini kaMose, kuNumeri 21:14-16. Lezozincwadi, ezazilotshwe ngendlela yokubikezela, zazigodle ingqondo engaphakathi esihloko sazo kwakuyizimpi noma ukulwa kweNkosi nokulingwa kwaYo, nokulwa nokulingwa kweSonto, kanye nokulwa nokulingwa kwamalungu aleloSonto. Lokhu kusobala ngokuthi uMose wakhetha ezinye izinto kulezozincwadi, wakhetha futhi nakwezinye izincwadi zaleloSonto ezazibizwa ngeZincwadi zabaPhimisa iziBikezelo, eziphathwa kuNumeri 21:27-30, lapho kulotshwe khona amazwi acishe afane ncamashi nakuJeremiya; (qhathanisa okushiwo kuNumeri 21:28 nokushiwo kuJeremiya 48:45). Ngokusukela kulokhu kunganqunywa nokuthi iSonto laseMandulo nalo lalinezibhalo, zomlando nezokubikezela, ezazingezoBunkulunkulu futhi zifunzelelwe, nasengqondweni yazo engaphakathi zazikhuluma ngeNkosi nombuso waYo, nakubantu baleloSonto lezozincwadi zaziyiZwi njengoba nezincwadi zomlando nokubikezela zeZwi ziyiZwi nakithina, okuyizincwadi engqondweni engaphandle ezimalungana namaJuda namaIsrayeli kepha engqondweni engaphakathi zimalungana neNkosi namalungana nezinto zaYo.

[2] EZwini, njengasezincwadini zeSonto lasMandulo, nge “mpi” kufanekiswa impi kamoya, ngakhoke zonke izikhali njengensabula, umkhonto, isihlangu, ihawu, imisebe, umphini nomcibisholo, kushiwo izinto zempi efanekiswa engqondweni engaphakathi. Okufanekiswa ngqo ngezikhali zempi ezahlukene kuzokwethulwa kwenye indawo ngomusa weNkosi woBunkulunkulu. Lapha kuzokhonjiswa okufanekiswa ngo “mcibisholo”, okuyinto efanekisa imfundiso yeqiniso, nokuthi lokhu kufanekisa kususelwe kanjani kwimisebe, imiphini noma imicibisholo, okuyizinto ezifanekisa izinto abantu bakamoya abalwa ngazo nabalwa ngokusukela kuzo, okungabantu ababebizwa kuqala nga “banembi ngomnsalo”.

[3] Ukuthi “umcibisholo” ufanekisa imfundiso yeqiniso kuba sobala kulezizindawo ezilandelayo: KuIsaya kuthiwa: Imicibisholo kaJehovah ibukhali, nayoyonke iminsalo yaKhe insaliwe. Izinselo zamahhashi abo zibalwa njengensengetsha, namasondo aKhe njengesivunguvungu (Isaya 5:28).

Lapha kukhulunywa ngamaqiniso emfundiso. Nge “micibisholo” kushiwo amaqiniso kamoya; nge “minsalo” kushiwo imfundiso; nge “zinselo zamahhashi” kushiwo amaqiniso emvelo; nanga “masondo” kushiwo imfundiso yamaqiniso emvelo. Kungenxa yokufanekiswa kwalezizinto ukuba lezizinto zibuyiselwe kuJehovah, okuyinto engenakwenzeka ngaphandle kokwenzeka ngengqondo engaphakathi, ukuba kakunjalo lamazwi abeyoba yize futhi angabi namfanelo. KuJeremiya kuthiwa: INkosi insale umnsalo waYo njengesitha, yema njengomelene nathi ngesokunene saYo, yabulala konke obekumnandi emehlweni ethu etendeni lendodakazi yeSiyoni, yathulula ukufutheka kwaYo njengomlilo (IsiLilo 2:4).

Ngo “mnsalo” kufanekiswa imfundiso emayelana neqiniso, ebonwa ngabantu abacwile emangeni njengesitha noma njengento enobutha. Kalukho olunye uhlobo lomnsalo olungashiwo uma kukhulunywa ngeNkosi. KuHabhakuki kuthiwa: O Jehovah, lokhu ukhwele amahhashi aKho, izinqola zaKho ziyinsindiso, umnsalo waKho uyovezwa obala (Habhakuki 3:8, 9).

Nalapha ngo “mnsalo” kufanekiswa imfundiso yokulunga neqiniso. KuMose kuthiwa: Abacibishileyo bazomkhathaza, bamdubule, bamzonde. Uyohlala emandleni omnsalo wakhe, nezingalo zezandla zakhe ziyoqiniswa yizandla zoMninimandla kaJakobe; okuvela kuye nguMalusi, iTshe likaIsrayeli (Genesise 49:23, 24).

Lapha kukhulunywa ngoJosefa, nango “mnsalo” kufanekiswa imfundiso yokulunga neqiniso.

[4] KuJohane kuthiwa: Ngabona, bheka, nanto ihhashi elimhlophe, nohlezi phezu kwalo wayephethe umnsalo; wanikwa umqhele (IsAmbulo 6:2).

Nge “hhashi elimhlophe” kufanekiswa inhlakanipho, nango “hlezi phezu kwalo” kufanekiswa iZwi, njengoba kuchachisiwe esAmbulweni 19:13, lapho kuphindwe kwaphathwa khona ihhashi elimhlophe. Nangesizathu sokuthi “ohlezi phezu kwalo” yiZwi, kuyachacha ukuthi ngo “mnsalo” kushiwo imfundiso yeqiniso. KuIsaya kuthiwa: Ngubani ovusile ukulunga ukuba kuphume empumalanga, akubize ukuba kumlandele, wanikela izizwe phambi kwaKhe, wamenza ukuba abuse amakhosi na? Ubenze baba njengothuli ngenkemba yaKhe, nanjengamabibi aphephezeliswa ngomnsalo waKhe (Isaya 41:2).

Lapha kukhulunywa ngeNkosi, nge “nkemba” kufanekiswa iqiniso, ngo “mnsalo” kufanekiswa imfundiso esuselwe eNkosini. Kuye futhi lomphrofethi kuthiwa: Ngiyobeka isibonakaliso phakathi kwazo, ngithume abasindileyo babo ezizweni, eTharishishi, nasePhuli, naseLudi, abagoba umnsalo, nakuThubali naseJavani (Isaya 66:19).

Nga “bagoba umnsalo” kufanekiswa abafundisa imfundiso. Ukuthi kufanekiswani ngeTharishishi kungabhekwa enombolweni 1156; ngeLudi ezinombolweni 1195, 1231; ngeThubali enombolweni 1151; nangeJavani ezinombolweni 1152, 1153, 1155.

[5] KuJeremiya kuthiwa: Umuzi wonke uyabaleka ngenxa yomsindo wogibele ihhashi nophethe umnsalo. Sebengene emafwini, bakhuphukela emadwaleni. Wonke umuzi ushiyiwe (Jeremiya 4:29).

“Ogibele ihhashi” ufanekisa labo abamemezela iqiniso noma abashumayela iqiniso; ngo “mnsalo” kufanekiswa imfundiso yeqiniso, ebalekelwa noma eyesatshwa yilabo abacwile emangeni. Kuye futhi lomphrofethi kuthiwa: Zihleleleni iBabele nxazonke; nina nonke enigoba umnsalo, nicibishele kulo, ninganqandi imicibisholo, ngokuba iBabele lonile kuJehovah (Jeremiya 50:14, 29; 51:2, 3).

Lapha “labo abagoba umnsalo, bacibishele” noma badubule bafanekisa labo abamemezela noma abafundisa imfundiso yeqiniso.

[6] KuZakhariya kuthiwa: Ngiyonquma inqola kwaEfrayimi, nehhashi eJerusalema, nomnsalo wokulwa uyonqunywa, [INkosi yaseSiyoni] iyokhuluma ukuthula ezizweni (Zakhariya 9:10).

Ngo “Efrayimi” kufanekiswa ukuqondwa kweqiniso eliqondwa yiSonto; ngo “mnsalo” kushiwo imfundiso. KuSamweli kuthiwa: UDavidi walila ngalesisililo ngoSawuli nangoJonathani, indodana yakhe, wabatshela ukuba bafundise abantwana bakaJudah umnsalo. (2 Samuweli 1:17, 18).

Lapha “umnsalo” kawusona isihloko, kepha yizinto zemfundiso emalungana nenkolo okukhulunywa ngazo. KuHezekeli kuthiwa: INkosi uJehovih uthe: Yilolusuku engikhulume ngalo, nabahlala emizini yakwaIsrayeli bazophuma, baphembe umlilo ngezikhali, bazishise, kokubili izihlangu namahawu, iminsalo nemicibisholo, kokubili izinduku nemikhonto; benze umlilo ngakho iminyaka eyisikhombisa (Hezekeli 39:8, 9).

Izikhali eziphathwa lapha zifanekisa izikhali zempi kamoya. Nge “minsalo nemicibisholo” kufanekiswa imfundiso namaqiniso ayo. Okunye, lapho amaqiniso ahlukaniswe nokulunga ethulwa emehlweni futhi efanekiswa empilweni engemuva kokufa abonakala njengemicibisholo.

[7] Njengoba “umnsalo” ufanekisa imfundiso yeqiniso, kanjalo engqondweni ephambene ufanekisa imfundiso yamanga. EZwini izinto ezinjengalezi, okungukuthi, ezinjengezikhali, cishe ukuba zonke zinengqondo ephambene, njendoba sekuke kwaphawulwa futhi kwakhonjiswa ezindaweni ezahlukene; njengakuJeremiya lapho kuthiwa khona: Bheka, kuvela abantu ezweni elisenyakatho; isizwe esikhulu siyovuswa ekugcineni komhlaba. Babamba umnsalo nomkhonto; banolunya, kabezukuba namusa. Izwi labo liyoduma njengolwandle, bayogibela amahhashi, bonke behlelwe njengabantu abayokulwa, behlelelwe ukulwa nawe ndodakazi yeSiyoni! (Jeremiya 6:22, 23).

Lapha “umnsalo” ufanekisa imfundiso yamanga. Kuye futhi lomphrofethi kuthiwa: Bheka, kuvela abantu enyakatho, isizwe esikhulu, namakhosi amaningi kuyovuswa ekugcineni komhlaba. Babambe umnsalo nomkhonto; banonya, kabanamusa (Jeremiya 50:41, 42).

Lapha ngo “mnsalo” kusafanekiswa okufanayo, okungukuthi, kufanekiswa imfundiso yamanga.

Futhi:

Bagoba ulimi lwabo; umnsalo wabo ngumnsalo wamanga, kakuwona oweqiniso. Babanamandla ezweni, ngokuba basuke kokubi, baya kokubi, naMi kabangazi (Jeremiya 9:3).

Kusobala ukuthi lapha ngo “mnsalo” kufanekiswa imfundiso yamanga, ngokuba kuthiwa “bagoba ulimi lwabo, umnsalo wabo ngumnsalo wamanga, kakuwona oweqiniso”.

[8]

Futhi:

UJehovahSebawoti uthe: Bheka, ngephula umnsalo weElamu, okokuqala kwamandla abo (Jeremiya 49:35).

KuDavidi kuthiwa: Wozani nizobona izenzo zikaJehovah owenza izincithakalo emhlabeni, aphelise ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; wephula umnsalo, aphohloze umkhonto, futhi ashise izinqola zempi ngomlilo (AmaHubo 46:8, 9).

Kuye futhi lomlobi kuthiwa: UNkulunkulu uyaziwa kwaJudah, igama laKhe likhulu kwaIsrayeli, ithabenekeli laKhe liyokuba seSalema, nendawo yaKhe yokuhlala iyokuba seSiyoni. Lapho, wephula imicibisholo yomnsalo evuthayo, nesihlangu, nenkemba, nempi (AmaHubo 76:1-3).

Futhi:

Bhekani, ababi bansala umnsalo, babeka imiphini yabo entanjeni ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho enhliziyweni (AmaHubo 11:2).

Lapha nge “minsalo nemiphini” ngokusobala kufanekiswa izinto zemfundiso yamanga.

  
/ 10837