Izimfihlakalo Zezulu # 3865

Por Emanuel Swedenborg

Estudar Esta Passagem

  
/ 10837  
  

3865. Ngamazwi “ngokuba manje umyeni wami uzongithanda” kufanekiswa ukuthi kulesisimo kuyovela ukulunga kweqiniso. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kokulunga okuvela kulesisimo ngo “kuzothanda”, ngokuba konke ukulunga kungokothando, noma, kukhiqizwa wuthando, yingakho lapha kufanekiswa ngo “thando”. Kuchachiswa futhi wukufanekiswa kweqiniso ngo “myeni”, okukhulunywe ngakho enombolweni 3134. Ukuthi ukulunga kweqiniso kuyini sekuchazwe kaningi ngaphambili, okungukuthi, kuyinkanuko yokukhanukela iqiniso nokuphila impilo esuselwe kulo, ngokuba impilo ingukulunga okubonwa kamuva kungaphakathi kweqiniso yilabo abazalwa kabusha. Ngaphandle kwempilo esuselwe noma ehambisana neqiniso kalikho iqiniso elingaxhumana nokulunga, nakanjalo kakukho ukulunga okungagatshadelwa.

[2] Noma wubani angakubona ngokuchachile lokhu okuchazwa lapha uma ebhekisisa abantu abaphila impilo yobubi nabantu abaphila impilo yokulunga. Labo abaphila impilo yobubi, yize sebefundisiwe ebunganeni nasebusheni babo njengabobonke abanye abantu ngezimfundiso zeSonto, ekuhlolweni kwabo batholakala bengakholwa lutho, ngisho noluncane, ngeNkosi, ngenkolo yokukholwa kuYo, noma ngamaqiniso eSonto. Labo abaphila impilo yokulunga batholakala benenkolo kulawomaqiniso. Nokho labo abafundisa amaqiniso, njengabaholi beSonto, kepha bephila impilo yobubi, imbala baye bathi bayakholwa, yize bengakholwa ezinhliziyweni zabo.

[3] Kwabanye balababantu kusuke kukhona intambiso noma ukugotshezelwa okuzenza inkolo, okungukuthi, okuyinkolombumbulu; naleyontambiso kayilutho olunye ngaphandle kolwazi lweziminya olugxilisiwe, lungagxilisiwe ngesizathi sokuthi luyiqiniso kodwa lugxiliswe ngesizathu sokuzizuzela isikhundla esiphakeme, udumo, nenzuzo. Lololwazi kaluqhubekeli phambili ngaphandle kokungena endlebeni, ludlulele enkumbulweni, lugcine ezindebeni zomlomo. Kalungeni enhliziyweni maqede luvunywe ngenhliziyo nangezindebe zomlomo. Ngokusukela kulemiziyo kuyachacha ukuthi yimpilo ekhombisa uhlobo lokuvuma iqiniso, okungukuthi, ekhombisa uhlobo lwenkolo. Lemiziyo ichachisa futhi ukuthi yinkolo eyahlukanisiwe noma engabhangqene nokulunga kwempilo eshumayela ukuthi noma umuntu angaphila nhloboni yempilo uyosindiswa ngesu lomusa weNkosi; ichachisa nokuthi lentambiso iphikelela ukuphikisana nemfundiso yokuthi wonke umuntu ulandelwa yimpilo yakhe yasemhlabeni ngemuva kokufa.

  
/ 10837