6007. Ngamazwi “impela ngizobuye ngikukhuphule futhi” kufanekiswa ukwenyuswa kamuva. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kokwenyuka ngo “kukhuphuka” (bheka izinombolo 3084, 4539, 5406, 5817). Ukwenyuswa okufanekiswa lapha wukukhuphuka eziminyeni, okuwukukhuphukela ezintweni ezingaphakathi. Ngokuba ngemuva kokugcwaliswa kweziminya ngamaqiniso (ngokusukela kokwethulwe ngenhla enombolweni 6004), umuntu ongaphandle wenyuswa eziminyeni, enyuselwe ezintweni ezingaphakathi, nalapho-ke iziminya ziba yisizinzo esizinzisa ubukhuphekhuphe bakhe bengqondo. Ukwenyuselwa ezintweni ezingaphakathi kungukucabanga ngendlela yangaphakathi, nasekugcineni kungukucabanga njengomumoya nanjengengelosi; ngokuba ukucabanga kanjalo kungukucabanga okuphelele ngenxa yokuthi kuseduze komngenela weqiniso nokulunga ophuma eNkosini. (Ukuthi kukhona umcabango ongaphakathi nomcabango ongaphandle kungabonwa ezinombolweni 5127, 5141).