Izimfihlakalo Zezulu # 1875

Написано Эмануэль Сведенборг

Изучить этот эпизод

  
/ 10837  
  

1875. Ngake futhi ngavunyelwa ukubona imiqondo yezingelosi emalungana namazwi aseMthandazweni weNkosi athi: “Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi”. Imimoya elungileyo eyayiseduze kakhulu kwami yaqala ukususa igama “ukulingwa” negama “ububi” ngesu lomqondo othile owawubonakala kimi; yaqhubeka ukususa lamagama ngesu lalowomqondo kwaze kwasala kuphela umqondo wobungelosi, okungukuthi, umqondo wokulunga, washabalala umqondo wesilingo nowo bubi, nengqondo engaphandle yaphela nya. Ngalokho kulunga kwakwakheka imiqondo eminingi ngokungenakubalwa lapho lawomagama eqala ukususwa—imiqondo yokuthi ukulunga kungakhiqika kanjani osizini lomuntu lapho usizi lusuka kuye nasebubini bakhe, obuwububi obugodle isijeziso esihambisana nabo. Nokwakubhangqene naleyomiqondo kwakuyifununundu lokuthi abantu bacabanga ukuthi ukulingwa nobubi obuhambisana nabo kungakhiqika komunye umsuka ngaphandle komuntu uqobo, nokuthi bangayihlanganisa kanjani iNkosi nobubi lapho becabanga ngaYo. Lemiqondo yayicwengwa njalo lapho yenyukela ngenhla. Lokhu kwenyukela ngenhla kwakuqhanyiswa ngokususwa noma ngokwaliwa, futhi okuchazwe enombolweni 1393, okwakwenzeka ngokushesha nangendlela okungenakuchazwa, kwaze kwadlulela ohlangothini lomcabango wami oluyithunzi noma olusemthunzini. Lapho-ke leyomiqondo yase yenyukele ezulwini lapho kukhona imiqondo yobungelosi engenakuchazeka ngamazwi emalungana nalokho kulunga okungokweNkosi.

  
/ 10837