Izimfihlakalo Zezulu #7839

Nga Emanuel Swedenborg

Studioni këtë pasazh

  
/ 10837  
  

7839. Ngamazwi “libe yindodana enonyaka owodwa” kufanekiswa isimo esiphelele noma esigcwele. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kweqiniso nge “ndodana” (bheka izinombolo 489, 491, 533, 1147, 2623, 2803, 2813, 3373, 3704).

Kuchachiswa futhi wukufanekiswa kwayoyonke inkathi kusukela ekuqaleni kwayo kuze kube sekupheleni kwayo ngo “nyaka” (bheka inombolo 2906), nakanjalo kufanekiswa isimo esiphelele. Ukuthi isimo esiphelele siyini kumele kuchazwe. Isisho “isimo esiphele” sisetshenziswa lapho ukulunga kungaswele lutho lokuba kwamukele umngenela wobusulwa. Amaqiniso enkolo lapho esehlanganiswe nokulunga kwesisa senhliziyo enza ukuba ukulunga kungasweli lutho lokuba kwamukele ubusulwa; ngokuba ukulunga kukamoya kwamukela isici sakho esingenakusala emaqinisweni enkolo. Kumele siqondwe kanjalo isimo esiphelele esifanekiswa ngo “nyaka”. Kepha isimo sisuke singakapheleli lapho amaqiniso engakalethi ekulungeni isici sakho esingenakusala, isici esizonika ukulunga amandla okwamukela ubusulwa. Lesosimo esiphelele siqala ukubakhona lapho bebheka emaqinisweni ngokusukela ekulungeni; ekubeni singakapheleli lapho abantu bebheka ekulungeni ngokusukela emaqinisweni, nalesi simo esingaphelele singesabantu abasazalwa kabusha, kanti isimo esiphelele singesabantu asebezelwe kabusha. Labo abasazalwa kabusha bahlengwa yiqiniso elibaholela ekulungeni, kanti asebezelwe kabusha baholwa yiqiniso elisuka ekulungeni; okungukuthi, abasazalwa kabusha baphila ngokulalela noma ngokuhlonipha iqiniso, kanti asebezelwe kabusha baholwa yinkanuko yokukhanukela iqiniso. Ngakho-ke abasazalwa kabusha bangamalunga eSonto langaphandle, kanti asebezelwe kabusha bangamalunga eSonto langaphakathi. Njengobake nge “ndodana yonyaka” kwakushiwo isimo esiphelele, ngakho-ke kwayalwa kaningi ukuba iwundlu noma izinyane, indodana yonyaka, kumele inikelwe, njengaku-Eksodusi 29:38; Levithikhuse 9:3; 12:6; 14:10; 23:12,18,19; Numeri 6:12; 7:15,87,88; 15:27; 28:9,11; nalapho kukhulunywa khona ngethempeli elisha kuHezekeli kuthiwa:

Isikhulu siyolungisa iwundlu elinonyaka owodwa, elingenasici,libe ngumnikelo wokushiswa kuJehovah imihla ngemihla, sililungise njalo ekuseni (Hezekeli 46:13).

Lapha, nge ‘thempeli elisha’ kufanekiswa umbuso weNkosi kamoya. Ngesikhulu kufanekiswa labo abazi amaqiniso empela futhi abaholelwa yiwo ekulungeni. Ngo “mnikelo wewundlu wokushiswa” kufanekiswa inkonzo yokukhonza iNkosi esuka ekulungeni kobusulwa. Ngo “nyaka owodwa” kufanekiswa isimo esiphelele.

  
/ 10837