8030. Izulu abasiwa kulo yizulu lokuqala, eliyizulu eliphansi kunawo womathathu. Lelozulu libonakala ngakwesokunene somhlaba wabo, futhi lahlukene geqe nezulu lokuqala lezingelosi zomhlaba wethu. Izingelosi zakulelozulu zigqoka izevatho eziluhlaza njengesibhakabhaka, ezinamacashaza ezinkanyezi ezincinci zombala wegolide, lokhu zikholwa ukuthi lombala ungowezulu isibili. Abantu balowomhlaba lapho bebuka isibhakabhaka basibiza ngendawo okuhlala kuyo izingelosi, okuyinto eyincazelo yokuthanda kwabo umbala wesibhakabhaka.