Izimfihlakalo Zezulu # 1410

Ni Emanuel Swedenborg

Pag-aralan ang Sipi na ito

  
/ 10837  
  

1410. Ukuxabhelela okugudliswa ngamazwi “uJehova wathi kU-Abrama”, okungamazwi afanekisa ukulumuka noma ukuqonda zonke izinto okokuqala yilokhu: lesisenzeko somlando siyafanekisa, kodwa amagama asichazayo ayaqhamisa noma amumethe incazelo kamoya. Kwakuyindlela yaseSontweni laseMandulo ukuba lapho into ethile iyiqiniso abantu balo babethi “uJehova uthe” noma bathi “uJehova ushilo”, okwakungamazwi njengoba sekukhonjisiwe kwenye indawo, ayesho ukuthi yebo kunjalo. Nokho ngemuva kwalokho, lapho izinto ezimumethe incazelo engaphakathi ziguqulwa ziba yizifanekiso, uJehova—okungukuthi, iNkosi, ngalesosikhathi yayikhuluma nabo ngqo. Lapho-ke kuthiwa “uJehova uthe” noma kuthiwa “uJehova ushilo” kumuntu, kufanekiswa okufanayo nangaphambili, ngokuba amazwi eNkosi emlandweni wempela amumethe incazelo efanayo namazwi aYo emilandweni eqanjiwe. Umahluko kuphela wukuthi imilando eqanjiwe ikhandwe ngendlela yokuba ibonakale iwumlando wempela noma wezenzeko ezenzeka ngempela, kanti imilando yempela kayikhandwanga. Ngakho-ke ukuthi “uJehova wathi kU-Abrama” kakufanekisi lutho olunye ngaphandle kokulumuka okokuqala ngqa, njengalapho umuntu weSonto laseMandulo ngokusukela kunembeza wakhe, noma ngokusukela emyalelweni othile, noma ngokusukela eZwini lakhe elumkiswa ngokuthi okuthile kuyiqiniso, kwakuthiwa kuye “uJehova uthe”.

  
/ 10837