Izimfihlakalo Zezulu#5774

原作者: 伊曼纽尔斯威登堡

学习本章节

  
/10837  
  

5774. Ngamazwi “yileyo naleyo yethwesa imbongolo yayo, abuyela emzini” kufanekiswa ukuthi amaqiniso abuyiswa ezintweni zezinzwa zomzimba, abuyiselwa elwazini lwenkumbulo. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kolwazi lwenkumbulo noma kwesiminya nge “mbongolo” (bheka inombolo 5492). ngo “kwethwesa imbongolo” kufanekiswa ukubuyiswa ezintweni zezinzwa zomzimba ngoba ngo “kwehlisela amasaka abo phansi” kufanekiswa ukwehlisa okukumuntu ongaphandle, nokukwehlisela phansi ezintweni zezinzwa zomzimba (bheka inombolo 5767); ngakho-ke ukwenyusela amasaka abo abephansi emihlane yezimbongolo kufanekiswa ngo “kwethwesa izimbongolo zabo”. Kuchachiswa futhi wukufanekiswa kweqiniso lemfundiso yeSonto ngo “muzi” (bheka izinombolo 402, 2449, 2943, 3216).

[2] Kuzothiwa fahlafahla mayelana nokuthi kushiwoni ngokubuyiswa kwamaqiniso ezintweni zezinzwa zomzimba, ebuyiselwa elwazini lwenkumbulo. Izinto zezinzwa zomzimba zingenye into, iziminya noma izinto zolwazi lwenkumbulo zingenye into eyahlukile, kanti futhi amaqiniso angenye into eyahlukile. Lokhu kokuthathu kuyelamana; ngokuba izinto zolwazi lwenkumbulo ziphuma ezintweni zezinzwa zomzimba, namaqiniso aphuma eziminyeni noma elwazini lwenkumbulo; ngokuba izinto ezingena kumuntu ngesu lezinzwa zakhe zomzimba zitakwa enkumbulweni, nangalezozinto umuntu ufunda noma ubona ngengqondo iziminya okumele azikhumbule, nangalezoziminya ufunda noma ubona ngengqondo amaqiniso okumele awazi futhi amhlenge. Bonke abantu baqhubekela eqinisweni ngalendlela kusukela ebunganeni bazo. Lapho umuntu eseyingane ucabanga futhi uqonda izinto ngokusukela ezinzweni zakhe zomzimba; lapho esekhulakhulile ucabanga futhi uqonda izinto ngokusukela eziminyeni ezisenkumbulweni yakhe, nalapho esekhulile ucabanga futhi uqonda ngokusukela eqinisweni. Yilendlela umuntu angena ngayo ekwahluleleni kokukhula ngeminyaka.

[3] Ngokusukela kukhokonke lokhu sekungabonakala ukuthi izinto zezinzwa zomzimba, iziminya, namaqiniso kwahlukene, futhi kuhlala kwahlukene — kangangokuba umuntu uyakwazi ukuba sezintweni zezinto zomzimba ngesinye isikhathi, njengalapho ecabanga kuphela ngezidingo zezinzwa zakhe zomzimba; ngesinye isikhathi uba sezintweni zeziminya, njengalapho enyusa umqondo wakhe ezintweni zezinzwa zomzimba ecabanga ngokukamoya; ngesinye isikhathi uba semaqinisweni, njengalapho esemaqinisweni awafunde eziminyeni, lapho ukucabanga nokuqonda kwakhe kuphakeme noma kungokwangaphakathi kakhulu. Noma wubani ozindla ngalezizinto angabona ukuthi lokhu kuyinyaniso ngoba kwenzeka nakuye. Umuntu uyakwazi ukwehlisela amaqiniso eziminyeni noma ezingeni leziminya, awabone njengeziminya; futhi uyakwazi ukwehlisela iziminya ezinzweni noma ezingeni lezinzwa zomzimba, awabone njengezinzwa zomzimba; uyakwazi futhi ukwenyusela ezingeni eliphezulu okusezingeni eliphansi. Ngalokhu sekuyachacha ukuthi kushiwoni ngokwehlisela okukumuntu ongaphandle phansi ezintweni zezinzwa zomzimba wakhe, nangokubuyisa amaqiniso ezintweni zezinzwa zomzimba enyuselwe eziminyeni noma ezingeni leziminya noma lolwazi olusenkumbulweni.

  
/10837