Izimfihlakalo Zezulu #7863

Ngu Emanuel Swedenborg

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

7863. Ngamazwi “izinkalo zenu ziboshiwe” kufanekiswa ukuthi maqondana nengaphakathi labo. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kwezinkanuko zothando lomshado wasezulwini nge “zinkalo” (bheka izinombolo 3021, 4277, 4280, 5050-5062), nakanjalo kufanekiswa izinkanuko zothando lokulunga neqiniso, lokhu uthando lomshado wasezulwini lwehla luphuma kulezozinkanuko (bheka izinombolo 686, 2618, 2727-2759, 4434, 5054). Ngakho-ke ngalesisizathu, nangesizathu sokuthi izinkalo zingenhla kwezinyawo—ezifanekisa ingaphandle, nokuzokhulunywa ngezansi—nge “zinkalo” kufanekiswa ingaphakathi. Umyalo wokuba babophe izinkalo zabo ufanekisa ukulungiselelwa kwabo ukwamukela umngenela wokulunga neqiniso eNkosini, nokwenza izinto ngokuhambisana nalowomngenela. Konke ukuboshwa nokugqoka kufanekisa isimo lapho umuntu eselungiselelwe ukwamukela nokwenza, ngokuba ngalesosikhathi esegqokile maqede wabopha ukhalo zisuke sezihlelekile noma sezimi ngononina. Kuyahluka uma bengabophile.

  
Yiya esigabeni / 10837