Izimfihlakalo Zezulu #3993

Ngu Emanuel Swedenborg

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

3993. Ngamazwi “ngikhiphe kuwo zonke izinkomo ezimanakanaka nezimagqabhagqabha” kufanekiswa ukuthi konke okulungileyo nokuyiqiniso okufanekiswa ngo “Labani”—lapho kuxutshwe nobubi obufanekiswa nga “manakanaka”, noma kuxutshwe namanga afanekiswa nga “magqabhagqabha”—kuyokwahlukaniswa nalobubi namanga. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kokwahlukanisa ngo “kukhipha emhlanjini”, nangokufanekiswa kwamanga nobubi okukhishwayo ngezimbuzi nezimvu ezimanakanaka nezimagqabhagqabha (bheka izinombolo 1824, 3519). Ukuthi kucashe izimfihlakalo kulamazwi kulezizahlukwana nasezahlukwaneni ezilandelayo zalesiSahluko kungabonwa ngokuthi lamazwi alezizahlukwana ayengeke aphathwe nokuphathwa eZwini loBunkulunkulu ukuba kawagodlile enye imfihlakalo ejule kakhulu nengabonakali engqondweni yalo engaphandle, njengalemfihlakalo elandelayo: UJakobe wacela ukuba umvuzo wakhe kube yizimbuzi ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, nezimvu ezimnyama emhlanjini; ngemva kwalokho wafaka emseleni izinduku zomhezela nomuthi mumbe ayeziphale onke amaxolo azo phambi kwemihlambi kaLabani ngesikhathi zivukwa wukufudumala kokufuna ukukhwela noma ukukhwelwa, kepha wabhekisa ubuso bezimvu ezilwaneni ezimanakanaka nezimnyama, kanjalo wazenzela umnotho ngekhono lobubi esikhundleni sekhono lokulunga. Akukho lutho olubonakala lungoloBunkulunkulu kulemininingwane, ekubeni nokho lonke iZwi lingoloBunkulunkulu kabanzi nangemininingwane, ngisho nengxenye yalo encane kakhulu. Okunye, ukwazi yonke lemininingwane kakusizi ngalutho ekuzalweni kabusha komuntu, ekubeni nokho njengoba iZwi lingeloBunkulunkulu kaliqukethe lutho olunye ngaphandle kwezinto eziholela ekusindisweni komuntu nasempilweni yakhe ephakade. Ngazozonke lezizinto kanye nezinye ezinjengazo kwezinye izindawo, noma wubani anganquma ukuthi nakanjani kucashe imfihlakalo ethile kulamazwi, nokuthi lowo nalowomniningwane walamazwi ukhomba okoBunkulunkulu okugodlwe emazwini engqondo engaphandle. Nokho lokho koBunkulunkulu okukhonjwa yimininingwane yengqondo engaphandle kakunakubonakala kumuntu ngaphandle kokubonakala ngesu lengqondo engaphakathi; okungukuthi, kakunakubonakala kumuntu ngaphandle lapho umuntu azi ukuthi izingelosi ziyibona noma ziyiqonda kanjani lemininingwane esengqondweni engaphandle yomlando kumuntu kodwa esengqondweni engaphakathi ezingelosini. Ukuthi lezizingqondo zahlukene noma kazifani kangakanani yize zixhumene ngokusondelene kungaba sobala ngemininingwane yomlando esichaziwe nangeminye imininingwane ekwezinye izindawo. Uqobo lwemfihlakalo egodlwe emininingwaneni yalezizahlukwana nasezahlukwaneni ezilandelayo zalesiSahluko lungaziwa ngezinga noma ngebanga elingengakanani ngosekuphawulwe ngoLabani nangoJakobe, okungukuthi, “uLabani” ufanekisa ukulunga okunomsebenzi wokwethula kumuntu ukulunga namaqiniso kwempela, no “Jakobe” ufanekisa ukulunga kweqiniso. Kepha njengoba beyingcosana abantu abaziyo ukuthi kuyini ukulunga kwemvelo okuqhamisa ukulunga kukamoya, bengasaphathwa abaziyo ukuthi ukulunga kukamoya kuyini, nokuthi kukhona ukuqhamisana phakathi kokulunga kwemvelo nokulunga kukamoya; nanjengoba beyingcosana kakhulu abaziyo ukuthi uhlobo lokulunga okubonakala njengokulunga kwempela kepha kungekhona kuyisu lokwethula ukulunga namaqiniso kwempela, ngakhoke incazelo yalemininingwane ngengqondo engaphakathi kayinakuchazwa kalula nangokuzwakalayo lokhu iwela ezindaweni ezifiphele zengqondo. Ukuchaza lemininingwane kufana nokukhuluma komuntu ngolimi lwakwelinye izwe, okuyinto eyenza ukuba ngisho imininingwane ingachazwa ngokuchache kangakanani kodwa umlaleli angezwa futhi angaqondi lutho. Nokho lemininingwane kumele ichazwe ngoba konke okufihlakele engqondweni engaphakathi yeZwi sekumele kwambulwe manje.

[3] Engqondweni ephakeme kunazozonke isihloko manje wukuthi iNkosi yabuguqula kanjani uBuntu baYo babanguBunkulunkulu, kanti engqondweni efanekisayo isihloko wukuthi iNkosi imzala kanjani umuntu ongaphandle kabusha, imenze aqhamisane nomuntu ongaphakathi, okungukuthi, imenze nomuntu okunguyena oyophila ngemuva kokufa komzimba, okungumuntu obizwa ngomumoya ngemuva kokufa komzimba wakhe, nongumuntu ogodla konke okomuntu ongaphandle ngaphandle kwamathambo nenyama. Uma ukuqhamisana komuntu ongaphandle nomuntu ongaphakathi kungafezekanga ngenkathi esaphila emzimbeni wenyama, kakube kusafezeka ngemuva kokufa kwawo. Wukuxhunywaniswa yiNkosi komuntu ongaphandle nomuntu ongaphakathi ngesu lokuzalwa kabusha komuntu ongaphandle okukhulunywa ngakho engqondweni engaphakathi manje.

[4] Amaqiniso kabanzi okumele umuntu awamukele futhi awavume ngaphambi kokuba azalwe kabusha abeyisihloko kuze manje—efanekiswa ngamadodana ayishumi kaJakobe noLeya kanye nezincekukazi. Ngemuva kokuba lamaqiniso kabanzi amukelwe futhi avunywe ngumuntu kukhulunywe ngokuxhunywaniswa komuntu ongaphandle kumuntu ongaphakathi, noma komuntu wemvelo kumuntu kamoya ofanekiswa ngo “Josefa”. Manje, ngokuhambisana nehlelo, kukhulunywa ngokuchuma kokulunga nangokwanda kweqiniso okuqala ngemuva kokuxhunywaniswa, nokwenzeka kangangebanga lokuxhumana. Yilokhu kuchuma nokwanda kokulunga neqiniso okufanekiswa ngo “mhlambi” owazuzwa wuJakobe ngesu lomhlambi kaLabani. Ngo “mhlambi” lapha kushiwo ukulunga neqiniso, njengakwezinye izindawo eZwini lapho kuphathwa khona umhlambi; nango “mhlambi kaLabani” kushiwo ukulunga okufanekiswa ngoLabani, nesici sakho esingenakusala sesiphawuliwe ngenhla. Ngo “mhlambi kaJakobe” kushiwo ukulunga neqiniso kwempela okuzuzwe ngesu lokulunga okufanekiswa ngoLabani, nalapha kuchazwa indlela okuzuzwe ngayo lokho kulunga neqiniso.

[5] Nokho indlela okuzuzwe ngayo lokho kulunga neqiniso kayinakuqondwa nakancane uma kungaziwa ukuthi kufanekiswani engqondweni engaphakathi nga “manakanaka”, nga “magqabhagqabha”, ngo “kumnyama”, nango “kumhlophe”; ngakhoke kumele kuqalwe ngencazelo yalamagama. Okumanakanaka nokumagqabhagqabha yilokho okunemibala emnyama nemhlophe, nangoku “mnyama” kufanekiswa ububi kabanzi, ikakhulu kufanekiswa iyena lomuntu, ngokuba iyena lomuntu kalilutho olunye ngaphandle kobubi. Oku “fiphele” kufanekisa amanga, ikakhulu imigomo engamanga. Oku “mhlophe” kufanekisa iqiniso engqondweni engaphakathi, kufanekisa ngqo ukulunga nemfanelo kweNkosi, nangokusukela kulokhu kufanekiswa ukulunga nemfanelo kweNkosi okukumuntu. Lobubumhlophe bubizwa ngo “bumhlophe obukhanyayo” ngoba bukhanyiswa wukukhanya okuvela eNkosini. Nokho engqondweni ephambene oku “mhlophe” kufanekisa ukulunga komuntu, noma imfanelo yakhe; ngokuba iqiniso elingenakulunga ligodle leyomfanelo umuntu akholwa ukuthi ingeyakhe; nesizathu salokhu wukuthi lapho umuntu enza ukulunga, kodwa engakwenzi ngokusukela ekulungeni kweqiniso, usuke ebheke ukubuyiselwa noma ukuzuza umvuzo, ngoba lokho kulunga kungokokuzizuzela yena. Kanti iqiniso elenziwa wumuntu ngokusukela ekulungeni, lokho kulunga kukhanyiswa wukukhanya okuvela eNkosini. Lokhu kukhombisa ukuthi kufanekiswa engqondweni engaphakathi nga “manakanaka”, okungukuthi, kufanekiswa iqiniso elixubene namanga; nokuthi kufanekiswani nga “magqabhagqabha”, okungukuthi, kufanekiswa ukulunga okuxubene nobubi.

[6] Imibala ebonakala empilweni yangemuva kokufa, yasezulwini, mihle futhi ikhanya ngokungakhulumeki (bheka izinombolo 1053, 1624); iwumphumela wokwahlukahlukana kokukhanya nethunzi ngobumhlophe nangokufiphala. Kepha yize ukukhanya kwasempilweni yangemuva kokufa kubonakala njengokukhanya emehlweni, nokho kakufani nokukhanya kwasemhlabeni wemvelo. Ukukhanya kwasezulwini kugodle inkalipho nenhlakanipho; ngokuba inkalipho nenhlakanipho koBunkulunkulu okuphuma eNkosini kwethulwa njengokukhanya, futhi kukhanyisa lonke izulu kabanzi (bheka izinombolo 2776, 3138, 3167, 3190, 3195, 3222, 3223, 3225, 3339-3341, 3485, 3636, 3643, 3862). Nangokufanayo, yize ithunzi libonakala khona njengethunzi emehlweni, nokho kalifani nethunzi lasemhlabeni wemvelo, ngokuba ithunzi lakhona lingukweswela ukukhanya, kanjalo lingukweswela inkalipho nenhlakanipho. Ngakhoke njengoba-ke ubumhlophe nobumnyama bangemuva kokufa kuphuma ekukhanyeni okugodle inkalipho nenhlakanipho, nasethunzini eliphuma ekwesweleni inkalipho nenhlakanipho, kusobala ukuthi ngo “kumhlophe” nango “kumnyama” kufanekiswa lezizinto eziphawulwe ngenhla. Ngakhoke njengoba imibala iyizintambiso ezithile zokukhanya nethunzi emehlweni, yilezozintambiso eziguquguqukayo ezibizwa ngemibala (bheka izinombolo 1042, 1043, 1053).

[7] Ngakhokonke sesingabona manje ukuthi oku “manakanaka”, okungukuthi, okubhadekwe ngamachashazi amhlophe namnyama, kufanekisa ukulunga okuxubene nobubi; nokuthi oku “magqabhagqabha” kufanekisa iqiniso elixubene namanga. Yilokhu kulunga okuxubene nobubi kanye neqiniso elixubene namanga okwathathwa ekulungeni kukaLabani ukuze kube wusizo lokwethula ukulunga namaqiniso kwempela. Nokho ukuthi lokhu kulunga neqiniso okudungwe ngobubi namanga kungaba wusizo kanjani lokwethula ukulunga namaqiniso kwempela, imbala kuyimfihlakalo engethulwa ichache kubantu abasekukhanyeni kwasezulwini, ngokuba ukukhanya kwasezulwini, njengoba sekuphawuliwe ngaphambili, kugodle inkalipho; kepha lemfihlakalo kayinakuchacha kubantu abasekukhanyeni kwasemhlabeni, ngaphandle uma ukukhanya kwabo kwasemhlabeni kukhanyiswa wukukhanya kwasezulwini, njengoba kwenzeka kubantu abazelwe kabusha; ngokuba bonke abantu abazelwe kabusha babona ukulunga namaqiniso asekukhanyeni kwasemhlabeni ngokusukela ekukhanyeni kwasezulwini, ngoba yilokhu kukhanya okukhiqiza ukubona kwabo ngengqondo, nokukhanya kwasemhlabeni kukhiqiza ukubona kwabo ngamehlo emvelo noma enyama.

[8] Kuzokwengezwa amanye amazwi ambalwa maqondana nokuqhutshezwa kwencazelo yalesisimo esichazwe ngenhla. Umuntu kanakho ukulunga okucwebileyo, okungukuthi, kanakho ukulunga okungaxubene nobubi, futhi kanalo iqiniso elungaxubene namanga. Ngokuba intando yomuntu kayilutho olunye ngaphandle kobubi, namanga aphuma kuyo ngokunganqamukiyo agobhozele engqondweni yakhe; ekubeni kwaziwa kahle ukuthi umuntu ugodla ububi bofuzo ubebulokhu buqongelelwa ngokhokho bakhe ngokulandelana, nangenxa yalolufuzo uphokophela ukwenza ububi, okungububi agcina ebugilile ngoba esebugabadele kwaba ngokwakhe, nakanjalo aqoqele kuye obunye ububi ngaphezulu. Nokho ububi obukumuntu bunhlobonhlobo. Kukhona ububi obungenakuxubana nokulunga, nobubi obungaxubana nokulunga. Kuyafana nangamanga. Ukuba bekungenjalo kakukho noyedwa umuntu obengazalwa kabusha. Ububi namanga okungenakuxubana nokulunga namanga wububi obuphambene nothando lokuthanda iNkosi kanye nesisa senhliziyo esiqondiswe kumakhelwane; njengenzondo, ukuphindisa, nolunya, nomphumela wakho ongukubukela phansi abanye abantu lapho umuntu ebaqhathanisa naye; okuyizinto futhi eziholela umuntu kwimigobezelo yamanga. Kodwa ububi namanga anokuxubana nokulunga kanye namanga yilobobubi namanga okungaphambene nothando lokuthanda iNkosi kanye nesisa senhliziyo esiqondiswe kumakhelwane.

[9] Ngokwesibonelo, ake sibheke isimo somuntu ozithanda yena ngaphezulu kwabobonke abantu, nangenxa yalolothando ezikhandla ngokufunda noma ngokusebenza ukuze edlule abanye abantu ngempilo yakhe yangasese nangempilo yakhe yasemphakathini, abedlule ngolwazi nangemfundiso, ukuze futhi enyuselwe ezikhundleni eziphakeme futhi nasemnothweni ukwedlula bonke abanye. Uma khonalapho lowomuntu evuma futhi edumisa noma ethanda uNkulunkulu, enza ukulunga noma umusa ophuma enhliziyweni yakhe kumakhelwane, nangokusukela kunembeza wakhe eziqoqa ebubini ngokuziphatha kahle, ububi bakhe balolothando lokuzithanda bungaxubana nokulunga kanye neqiniso; ngokuba lobobubi busuke bugabadelwe wumuntu ngofuzo; nokususa lobobubi ngamawala noma ngokushesha kungaba wukucima umlilo abantu, nangenxa yaloluthando ebukela phansi abanye abantu, ezonda bonke abantu abangenandaba naye kumbe abangamkhonzile, nakanjalo ezwa ubumnandi ngenzondo egodlwe yimpokophelo yokuphindisa nolunya, ububi balolothando buwuhlobo lobubi olungenakuxubana nokulunga kanye neqiniso ngenxa yokuphambana geqe nokulunga neqiniso.

[10] Ake sithathe futhi esinye isibonelo: Uma umuntu ekholwa ukuthi kasenazono ngoba ehlanziwe kuzo, nakanjalo ekholwa ukuthi uhlanzeke njengomuntu ogezwe ukungcola ngamanzi amaningi, lapho lowomuntu esephendukile, waqeda nokuhlawula okuyaliweyo, noma lapho esezivumile izono zakhe maqede wezwa umphristi ovumisa izono ethi usehlambulukile ezonweni zakhe, noma lapho esehlanganyelile eSidlweni esiNgcwele—uma lowomuntu ephila impilo entsha ngemuva kwalokho, impilo yokukhanukela ukulunga neqiniso, lokho kuphunduleka noma lawomanga angaxubana nokulunga kanye neqiniso. Kepha uma eqhubeka nokuphila impilo yobubi neyezintokozo zomhlaba njengaphambili, lawomanga awuhlobo lwamanga olungenakuxubana nokulunga.

[11] Ake sithathe esinye futhi isibonelo: Uma umuntu ekholwa ukuthi umuntu usindiswa yinkolo elungileyo esikhundleni sokusindiswa yintando elungileyo, kodwa nokho enentando nezinhloso ezilungileyo, okuyizinto ezimenza afeze ukulunga—lawomanga okusindiswa ngenkolo elungileyo yodwa awuhlobo lwamanga angaxubana nokulunga neqiniso; nokho lamanga kawanakuxubana nokulunga neqiniso uma intando yakhe iyimbi futhi engakufezi ukulunga. Ngendlela efanayo uma umuntu engenalo ulwazi lokuthi umuntu uyavuka futhi ngemuva kokufa, kanjalo engakholwa ukuthi umuntu uyavuka ngemuva kokufa , noma enalo ulwazi kodwa elungabaza sakuluphikisa, kepha uma lowomuntu ephila impilo yokulunga neqiniso, lokhu kungabaza kwakhe kungaxubana nokulunga kanye neqiniso. Kodwa uma ephila impilo yobubi namanga, ukulunga neqiniso kakunakuxubana nalobobubi namanga akho ngenxa yokuphambana, nangenxa yokuthi amanga abhubhisa iqiniso, nobubi bubhubhisa ukulunga.

[12] Mayelana nesinye futhi isibonelo: Ukuzenzisa noma ukumbuluza nobuqili komuntu okunenhloso elungileyo, noma ngabe yinhloso yokwenza ukulunga kumakhelwane, ezweni lakhe, naseSontweni lakhe, kungubuhlakani, nobubi obuhambisana nokuzenzisa kanye nobuqili bungaxubana nokulunga ukuze kugcwaliseke inhloso yakhe yokulunga. Kepha ukuzenzisa nobuqili obugodle inhloso yobubi kakubona ubuhlakani kodwa kuyicebo lokukhohlisa, elingenakuxubana nokulunga ngisho nangengozi. Ngokuba ukukhohlisa, okuyinhloso yobubi, kugunya konke okukumuntu ngesihogo kabanzi nangokwemininingwane, kubeke ububi enkabeni, futhi kuchilizele ukulunga onqenqemeni, okuyizinto eziwuqobo lwehlelo lasesihogweni. Kuyafana nangazozonke ezinye izibonelo ezingakhonjiswa.

[13] Ukuthi kukhona ububi namanga okungakuxubana nokulunga neqiniso, kungabonakala ngokuthi emhlabeni kukhona izifundiso nezimfundiso eziningi ezahlukahlukene, nezingi zazo ziphambene nenkolo eyiyonayona noma eyiqiniso; kepha kukhona abasindiswayo phakathi kwabantu abakholwa yilezozimfundiso; nokuthi iSonto leNkosi likhona nakubantu bezizwe noma abangaphadle kwalo; nokuthi yize besemangeni nokho abantu abaphila impilo yesisa senhliziyo bayasindiswa (bheka izinombolo 2589-2604); okuyinto engenakwenzeka uma bungekho ububi obungaxubana nokulunga, noma engekho amanga angaxubana neqiniso. Ngokuba ububi obuxubene nokulunga, namanga axubene neqiniso kuhlelwa yiNkosi ngendlela emangalisayo, ekubeni kungahlangani, ikakhulu kungahlangani kube ntonye, kodwa kulala kucamele, okunye kokunye kuze kuthintane, nalokhu kwenzeka ngendlela yokuba ukulunga namaqiniso kube phakathi nendawo sengathi kusenkabeni, nobubi nokulunga kuye ngokuya kuqhelukela onqenqemeni. Ngalendlela ububi namanga kwamukela ukukhanya ekulungeni nasemaqinisweni, kwahlukahlukane ngamabala amhlophe namnyama ngokukhanyiswa wukukhanya okuphuma phakathi nendawo noma enkabeni. Lokhu kuyihlelo lasezulwini. Yilezizinto ezifanekiswa engqondweni engaphakathi nga “manakanaka” nanga “magqabhagqabha”.

  
Yiya esigabeni / 10837