Izimfihlakalo Zezulu #3995

Ngu Emanuel Swedenborg

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

3995. Ngamazwi “nezimagqabhagqabha nezimanakanaka ezimbuzikazini” kufanekiswa ukuthi ngemuva kwalokho konke ukulunga kweqiniso okuxubene namanga kanye nobubi kuyokuba ngokukaJakobe. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kwamanga nga “magqabhagqabha”; nangokufanekiswa kobubi nga “manakanaka”, njengoba kukhonjiswe ngenhla enombolweni 3993; nangokufanekiswa kokulunga kweqiniso, noma kwesisa senkolo, nge “zimbuzikazi” okukhulunywe ngakho enombolweni 3519. Ukuthi konke lokhu kuyokuba ngokukaJakobe kufanekiswa ngamazwi alandelayo, okuthi— “lokhu kuyokuba ngumvuzo wami”.

[2] Ake kuthiwe fahlafahla amazwana mayelana nokuthi kuyini ukulunga kweqiniso noma isisa senkolo. Lapho umuntu ezalwa kabusha kuba sengathi yiqiniso lenkolo elingaphambili noma elibaluleke kakhulu, kulandele ukulunga; kepha lapho esezelwe kabusha kuba wukulunga kwesisa senhliziyo okuba semqoka, kulandele iqiniso lenkolo. [Ukuthi ukuba ngaphambili kweqiniso kuyimbonakalo, nokuthi empeleni wukulunga okuhlala kungaphambili yikhona okuyiqiniso elimsulwa kungabonwa ngenhla ezinombolweni 3539, 3548, 3556, 3563, 3570, 3576, 3603, 3616, 3701]. Ngokuba lapho umuntu esazalwa kabusha wenza okulungileyo ngokusukela eqinisweni alifundile, ekubeni ngeqiniso efunda okulungileyo; nokho wukulunga okuzulumba ngaphakathi kweqiniso okufundisa okulungileyo. Ngokuba ukulunga kuphuma eNkosini kugobhoze ngomgudu ongaphakathi, okungukuthi, ngomgudu womphefumulo; kepha iqiniso liphuma eNkosini ligobhoze ngomgudu ongaphandle, noma ngomgudu wezinzwa zomzimba, owumgudu womzimba. Iqiniso elingena ngomgudu womzimba lamukelwa wukulunga okungaphakathi maqede kuxhumane nalo umuntu aze abe ngumuntu osezelwe kabusha. Ngemuva kokuzalwa kabusha kubakhona inguquko noma ukuphambana kwalesisimo, okungukwenza iqiniso ngokusukela ekulungeni. Lokhu kukubeka obala ukuthi ukulunga kweqiniso kuyini, nokuthi iqiniso lokulunga liyini. Lokhu futhi kuyincazelo yokuthi kungani abantu abaningi namuhla becabanga ukuthi izenzo ezilungileyo zesisa senhliziyo ziyizithelo zenkolo; ngokuba kubonakala kanjalo kumuntu ekuqaleni kokuzalwa kwakhe kabusha, nokucabanga kanjalo kusuka kuleyombonakalo. Futhi abantu abacabanga kanjalo kabakwazi okunye ngoba bayingcosana abazalwa kabusha; kakho ongaba nolwazi lwalesisimo somuntu ozelwe kabusha ngaphandle komuntu osezelwe kabusha, okungukuthi, ngaphandle komuntu oqhutshwa yinkanuko yokukhanukela ukulunga, noma osesiseni senhliziyo. Lesisimo somuntu ozelwe kabusha sibonakala futhi sizwakala ngokuchachile kumuntu osenkanukweni yokukhanukela ukulunga; kepha umuntu ongakazalwa kabusha kanalo ngisho nolwazi lokuthi iyini inkanuko yokukhanukela ukulunga, noma ukuthi siyini isisa senhliziyo. Nalapho bezindla ngalenkanuko noma ngesisa senhliziyo bazindla ngaso sengathi siyinto engaphandle kwabo, okuyisizathu sokuba babize isisa senhliziyo ngesithelo senkolo, ekubeni iqiniso elimsulwa kungukuthi yinkolo eyisithelo sesisa senhliziyo. Nokho kakubalulekile kakhulu kwiminguphane ukwazi ukuthi yikuphi okuyisithelo sokunye, umanje iphila impilo yesisa senhliziyo; ngokuba isisa senhliziyo siyimpilo yenkolo.

[3] Ngezwi “emhlanjini” lapha kakushiwo amawundlu kuphela, kodwa kushiwo nezimvu, amazinyane, izimbuzikazi, izinqama, nezimpongo, yize kuphathwa amawundlu nezimbuzikazi kuphela; nesizathu sokuphathwa kwamawundlu nezimbuzikazi kuphela wukuthi nga “mawundlu” kufanekiswa ubusulwa, nange “zimbuzikazi” kufanekiswa isisa senkolo, ngokuba yilokhu kokubili okuyisihloko lapha engqondweni engaphakathi. Ngalesisizathu izwi “amanakanaka” lisuselwe ezwini lolimi oluhunyushiweyo elisho “amawundlu” (njengaku-Isaya 40 :10, 11), kanti izwi “amagqabhagqabha” lisuselwe ezwini elisho umfuyi noma “umalusi” (njengaku-2 AmaKhosi 3:4; naku-Amose 1:1).

  
Yiya esigabeni / 10837