Okususelwe Emisebenzini kaSwedenborg

 

Izimfihlakalo Zezulu #6895

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

6895. Ngamazwi “wathi: Nginihambele nokunihambela” kufanekiswa ukuza kwaKhe kubantu beSonto likamoya. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kokuza kweNkosi ngo “kuhambela”, okwenzeka ngaphambi kwenkathi yokugcina yeSonto, eyinkathi ebizwa eZwini ngokwahlulelwa kokugcina. Mayelana nokufanekiswa kwalokho kwahlulelwa ngo “kuhanjelwa” (bheka izinombolo 2242, 6588); nokuthi lokho kwahlulelwa kubizwa ngokuza kweNkosi kusobala emazwini akuMathewu, lapho kuthiwa khona:

Abafundi bathi kuJesu: Sitshele ukuthi lokhu kuyokuba nini, nesibonakaliso sokuza kwaKho nesokuphela kwezwe siyokuba yini na? (Mathewu 24:3).

INkosi yayazisa abafundi baYo ngalesosikhathi mayelana nenkathi yokugcina yeSonto, njengoba kungabonakala ngezincazelo ezethulwe ezinombolweni 3353-3356, 3486-3489, 3897-3901, 4056-4060, 4229-4231, 4422-4424. INkosi yathi uma sekwenzeka zonke lezozinto: Kuyobonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yoMuntu, bese zikhala izizwe zonke zomhlaba; zibone iNdodana yoMuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu (Mathewu 24:30).

[2] Ngo “kuza kweNkosi” kakufanekiswa ukubonakala kwaYo kanye nezingelosi emafwini, kepha kufanekiswa ukwamukelwa noma ukuvunywa kwaYo ezinhliziyweni zabantu ngesu lothando nenkolo (bheka izinombolo 3353, 3900), kushiwo futhi nokubonakala kwaYo engaphakathini leZwi, elingqondo yalo ephakeme kunazozonke ikhuluma ngeNkosi kuphela (bheka inombolo 4060). Yilokhu kuvunywa kweNkosi okushiwoyo ngo “kuza kweNkosi”, okwenzeka lapho iSonto elidala libhubha nalapho iSonto elisha lisungulwa yiNkosi. Nangenxa yokuthi iSonto elisha lase lizosungulwa manje yiNkosi phakathi kwesizukulwane sikaJakobe, kusetshenziswe amazwi “Nginihambele nokunihambela”, okungamazwi afana nakaJosefa ngesikhathi esefa, lapho kuthiwa khona:

Wayesethi uJosefa kubafowabo: Mina sengiyafa; kepha uNkulunkulu uzonihambela nokunihambela, anikhuphule kulelizwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe (Genesis 50:24).

Engqondweni engaphandle ngo “kunihambela nokunihambela” kushiwo ukukhululwa kwama-Israyeli ebugqilini eGibhithe nokungeniswa ezweni laseKhanani. Nokho lokhu kakukhona okukhulunywa ngakho eZwini ngoba lokhu kuyingqondo yemvelo. Okukhulunywa ngakho engqondweni kamoya yeZwi kumayelana neNkosi, nombuso waYo, neSonto, nothando kanye nenkolo. Ngakho-ke engqondweni kamoya ngo “kunihambela nokunihambela” kufanekiswa ukukhululwa emangeni nakanjalo ukwethulwa ezintweni zeSonto nasezintweni zombuso weNkosi, okungukuthi, kufanekiswa ukuza kweNkosi ngothando nenkolo kulabo abazokuba ngabeSonto elisha.

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

Okususelwe Emisebenzini kaSwedenborg

 

Izimfihlakalo Zezulu #7840

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

7840. Ngamazwi “nilithathe ezimvwini noma ezimbuzini” kufanekiswa ukulunga kobusulwa, kwangaphakathi nokwangaphandle. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kokulunga kobusulwa nge “wundlu” (bheka inombolo 3994). Kuchachiswa futhi wukufanekiswa kokulunga kweqiniso okumumethe ubusulwa nge “mbuzikazi” noma nge “zinyane” (bheka izinombolo 3995, 4005, 4006, 4871). Ukuthi nge “wundlu” kufanekiswa ukulunga kobusulwa kwangaphakathi, nange “mbuzikazi” noma nge “zinyane lembuzi” kufanekiswa ukulunga kobusulwa kwangaphandle, kungabonwa enombolweni 3519. Ake kuthiwe fahlafahla ngokuthi ukulunga kobusulwa kwangaphakathi nokwangaphandle kuyini. Ukuze konke ukulunga kube wukulunga kwempela kumele kumumathe noma kugodle ubusulwa. Ngaphandle kobusulwa ukulunga kakunamphefumulo. Isizathu salokhu wukuthi iNkosi ingena kumuntu ngesu lobusulwa, nangesu lobusulwa inika impilo ekulungeni okukulabo abasazalwa kabusha. Ukulunga okunikwa wubusulwa empilweni bungobangaphakathi nobangaphandle. Ukulunga kwangaphakathi kuhlala kubantu ababizwa ngamalunga eSonto langaphakathi, kanti ukulunga kwangaphandle kuhlala kulabo abangamalunga eSonto langaphandle. Amalunga eSonto langaphakathi yilawo alethe isimilo noma isici esithile ekulungeni kwawo ngesu lamaqiniso angaphakathi engqondo engaphakathi yeZwi, kanti amalunga eSonto langaphandle yilawo alethe isici esithile ekulungeni kwawo ngesu lamamaqiniso angaphandle engqondo engaphandle yeZwi. Amalunga eSonto langaphakathi yilawo aholelwa ekwenzeni ukulunga kumakhelwane ngesu lenkanuko esuka esiseni senhliziyo, kanti amalunga eSonto langaphandle yilawo aholelwa ekwenzeni ukulunga ngesu lokulalela noma lokuhlonipha. Bonke abantu abazalwa kabusha baqala ngokuba ngamalunga eSonto langaphandle kuyima kamuva bebangamalunga eSonto langaphakathi. Abantu beSonto langaphakathi baqonda futhi bahlakanipha kakhulu kunabantu beSonto langaphandle, nangalokho bahlala endaweni engaphakathi kakhulu ezulwini. Ngakhokonke lokhu sekungabonakala manje kuyini ukulunga kobusulwa kwangaphakathi nokwangaphandle.

  
Yiya esigabeni / 10837