Okususelwe Emisebenzini kaSwedenborg

 

Izimfihlakalo Zezulu #8910

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  

Kuze kube manje, lokhu kuhumusha kuqukethe iziqephu eziya ku -#8032 . Cishe kusewumsebenzi oqhubekayo. Uma ushaya umcibisholo wesokunxele, uzothola leyo nombolo yokugcina ehunyushiwe.

  
Yiya esigabeni / 10837  

Okususelwe Emisebenzini kaSwedenborg

 

Izimfihlakalo Zezulu #6611

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

6611. Sengike ngakhuluma nemimoya ngokuguquguquka kwezimo zempilo yomuntu, ukuthi ngesinye isikhathi isimo sakhe sigebela ezulwini kodwa kwesinye sigebela esihogweni. Kepha isimo sabantu abazalwa kabusha sigebela ezulwini ngokunganqamukiyo, nakanjalo labobantu basemiphakathini yasezulwini engaphakathi kuneminye. YiNkosi eyenza ukuba isiyingi sabantu abazalwa kabusha sisabalalele kuleyomiphakathi ngesu lokulingwa nokunqotshwa kobubi namanga kulokho kulingwa. Ngokuba ekulingweni komuntu iNkosi isebenzisa izingelosi ukulwa nobubi namanga okuhlasela umuntu, nangalendlela umuntu uholelwa emiphakathini engaphakathi yalezozingelosi. Lapho eseholelwe kuleyomiphakathi yezingelosi akabe esaphuma kuyo, nangokuhlala kwakhe emphakathini wezingelosi wamukela amanye amandla asezingeni eliphakeme okubona ngengqondo.

  
Yiya esigabeni / 10837