Okususelwe Emisebenzini kaSwedenborg

 

Izimfihlakalo Zezulu #9670

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  

Kuze kube manje, lokhu kuhumusha kuqukethe iziqephu eziya ku -#8032 . Cishe kusewumsebenzi oqhubekayo. Uma ushaya umcibisholo wesokunxele, uzothola leyo nombolo yokugcina ehunyushiwe.

  
Yiya esigabeni / 10837  

Okususelwe Emisebenzini kaSwedenborg

 

Izimfihlakalo Zezulu #2288

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

2288. Ukuthi ngamazwi “uAbrahama wabuyela endaweni yakhe” kufanekisa ukuthi iNkosi yabuyela esimweni eyayikuso ngaphambi kokubona lezizinto ngengqondo kuchachiswa wukufanekiswa kweNkosi ngo “Abrahama” ngenkathi iseBuntwini baYo kulesiSahluko, nangokufanekiswa kwesimo nge "ndawo”, okukhulunywe ngakho eMqingweni wokuQala, ezinombolweni 1273, 1378. Ngakhoke lapha ngo "kubuyela endaweni yakhe” engqondweni engaphakathi kusho ukubuyela kweNkosi esimweni saYo sangaphambili. Ukuthi iNkosi yayinezinhlobo ezimbili zezimo ngenkathi isemhlabeni — isimo sokuthotshiswa nesimo sokudunyiswa — sekuphawuliwe kwabuye kwakhonjiswa. Isimo sokuthotshiswa senzeka ngenkathi iseBuntwini baYo eyayibuthathe ngofuzo kunina, kanti isimo sokudunyiswa senzeka ngenkathi isihlanganise uBuntu baYo noBunkulunkulu eyayibuthathe kuJehovah uYise. Isimo sakuqala, soBuntu eyayibuthathe kunina, iNkosi yasilahla ngokugcwele maqede yathatha esoMuntu woBunkulunkulu ngesikhathi isidlula emhlabeni ibuyela eBunkulunkulwini obabungobaYo kusukela phakade (Johane 17:5), okungukuthi, isibuyela eBunkulunkulwini kanye noBuntu baYo eyayisibenze baba ngoboBunkulunkulu, okuphuma kukho kokubili uphumo oluNgcwele olugcwala kulolonke izulu. Kanjalo iNkosi ibusa wonke umkhathi ngokusukela eBunkulunkulwini uqobo nakuMuntu waYo woBunkulunkulu ngesu loBungcwele obuphuma kukho kokubili.

  
Yiya esigabeni / 10837