Izimfihlakalo Zezulu #6896

Durch Emanuel Swedenborg

studieren Sie diesen Abschnitt

  
/ 10837  
  

6896. Ngamazwi “ngibonile okwenziwe kini eGibhithe” kufanekiswa umzamo wokubacindezela. Lokhu kuchachiswa wokushiwo ngaphambili mayelana nokuhlushwa kanye nokugqilazwa kwabantwana bakwa-Israyeli, okungukuthi, kwabantu beSonto likamoya. Yilokhu kuhlushwa nokugqilazwa okufanekiswa ngo “kwenziwe kini eGibhithe”. Ukuthi lolusizi nokugqilazwa kufanekisa ukuhlushwa nemizamo yokucindezela kungabonwa ezinombolweni 6663, 6666, 6668, 6670, 6671, 6851, 6852, 6863.

  
/ 10837