Izimfihlakalo Zezulu #6206

Durch Emanuel Swedenborg

studieren Sie diesen Abschnitt

  
/ 10837  
  

6206. Kumele kwaziwe ukuthi wonke umngenela wobubi uphuma esihogweni, nawowonke umngenela wokulunga uphuma eNkosini ngesu noma ngomgudu wezingelosi. Isizathu sokuba umuntu abe ngumnini wobubi wukuthi umuntu ukholwa futhi uzigobezela ngokuthi lobobubi ubucabanga futhi ubenza ngokusukela kuyena, nangalokho uba ngumnini walobobubi. Ukuba umuntu kakholwa kanjalo ngabe kabi ngumnini wobubi, kepha ngabe uba ngumnini wokulunga okuphuma eNkosini, ngokuba laphonje ububi bungena kuye, ubeyokwazi ukuthi buphuma emimoyeni yasesihogweni emhaqile, nalapho ekubona noma ekucabanga lokhu, izingelosi ziyowunqanda futhi ziwuchithe lowomngenela wesihogo. Ngokuba umngenela wezingelosi ungena kokwaziwa nokukholwa ngumuntu, hhayi kongakwazi noma akungakukholwa; kayikho enye indawo okungazinza kuyo umngenela wezingelosi ngaphandle kokwakwaziyo noma kokwakukholwayo.

[2] Lapho umuntu egabadela noma enza ububi bube ngobakhe ngalendlela uzuza isiyingi esikhiqizwa yilobobubi. Lesi siyingi siyisiyingi okubuthana kuso imimoya emibi yasesihogweni enesiyingi esifanayo, ngokuba okufanayo kuyaxhumana. Isiyingi sikamoya somuntu noma somumoya siphuma empilweni yothando lwakhe, esiyisiyingi okubonakala ngaso isimilo somumoya ukude. Iziyingi zabo zikhamelela izindlela zokuxhumana kwayoyonke imimoya, nokuxhumana kwemiphakathi empilweni yangemuva kokufa. Yiziyingi futhi ezikhamelela ukwahlukana kwemiphakathi, ekubeni iziyingi eziphambene ziyalana noma ziyenqabana. Ngakho-ke iziyingi zothando lobubi zonke zisesihogweni, kanti iziyingi zothando lokulunga zonke zisezulwini, okungukuthi, yonke imimoya ekulezoziyingi ikulezozindawo.

  
/ 10837