Izimfihlakalo Zezulu #7842

Po Emanuel Swedenborg

Proučite ovaj odlomak

  
/ 10837  
  

7842. Ngamazwi “kuze kube sosukwini lweshumi nane lwaleyonyanga” kufanekiswa ukuthi kuze kufinyelelwe esimweni esingcwele. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kwesimo esingcwele ngo “suku lweshumi nane”. Ngo “suku” kufanekiswa isimo (bheka inombolo 7831 ngenhla), kanti nge“shumi nane” kufanekiswa okufanayo nesikhombisa, nange “sikhombisa” kufanekiswa okungcwele (bheka izinombolo 395, 433, 716, 881, 5265, 5268). Ngokuba isibalo esiqukatha esinye isibalo izikhathi ezithile kungasali lutho (multiple number) sifanekisa okufanayo nezibalo eziqukethwe (factors) [bheka izinombolo 5291, 5335, 5708]. Nalokhu kuyincazelo yokuthi kungani iPhasika laliqala ngosuku lweshumi nane enyangeni, liqhubeke kuze kube wusuku lwamashumi amabili nane kuleyonyanga, nalo olufanekisa okungcwele, ngoba lesisibalo sikhiqizwa ngokuthathu kuphindwe kasikhombisa. Kungalesisizathu futhi ukuba kwakumele kube nembizo engcwele ngosuku lokuqala lwePhasika, nenye futhi imbizo engcwele ngosuku lwamashumi amabili nanye kuleyonyanga (bheka isahlukwana 16).

  
/ 10837