Izimfihlakalo Zezulu #1101

Po Emanuel Swedenborg

Proučite ovaj odlomak

  
/ 10837  
  

1101. Ukuthi “uNkulunkulu amandise uJafethe” kufanekisa ukukhanyiselwa kwaleloSonto. Ngengqondo yemvelo yeZwi “ukwandisa” kusho ukunweba imingcele, kodwa ngengqondo yangaphakathi noma kamoya kusho ukukhanyiselwa. Imbala ukukhanyiselwa kuwuhlobo oluthile lokunweba imingcele yenhlakanipho nenkalipho, njengakuIsaya lapho kuthiwa khona:

Yandisa indawo yetende lakho, nezindwangu zamakhaya akho mabazelule (Isaya 54:2).

Lokhu kusho ukukhanyiselwa ngezinto zikamoya. Ilungu leSonto langaphandle li “yandiswa” lapho lamukela noma lifundiswa amaqiniso nokulunga kwenkolo. Nangesizathu sokuthi kukhona isisa senhliziyo kulelolungu, amaqiniso nokulunga akufundiswayo kwenza lelolungu ligxile kakhulu enkolweni. Okunye, lapho lomuntu eya ngokuya efundiswa, nefu elisithibeza ingqondo yakhe liya ngokuya lihlakazeka, okungukuthi, elisithibeza indawo lapho kuhlala khona isisa senhliziyo nonembeza.

  
/ 10837