Izimfihlakalo Zezulu#7599

作者: エマニュエル・スウェデンボルグ

この節の研究

  
/ 10837に移動  
  

7599. Ngamazwi “Kepha wena nezinceku zakho, ngiyazi ukuthi anikamesabi uJehovah uNkulunkulu” kufanekiswa ukuthi labo abahluphayo abakayesabi iNkosi. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kwalabo abahluphayo ngo “Faro nezinceku zakhe”, osekukhulunywe ngakho ngaphambili. Kuchachiswa futhi wukufanekiswa kokungayesabi iNkosi ngo “kungakamesabi uJehovah”, naseZwini ngo “Jehovah” kushiwo iNkosi (bheka izimpinda ezicashunwe ngenhla kwenombolo 7598). Empeleni uJehovah uchazwa lapha ngo “buso bukaJehova”; kusetshenziswe lapha “ubuso bukaJehova” esikhundleni sika “Jehovah” ngoba ngo“buso baKhe” kufanekiswa umusa, nakanjalo kufanekiswa ukuthula nakhokonke ukulunga (bheka izinombolo 222, 223, 5585), nasengqondweni ephambene kufanekiswa ukungabikho kobubele nokuthula kanye nokulunga (bheka izinombolo 5585, 5592, 5816, 5823). Isizathu sokuba ukungabikho komusa, nokuthula, kanye nokulunga kufanekiswe ngo “buso bukaJehovah” wukuthi ababi bayamfulathela uJehovah noma iNkosi; ngokuba bafulathela ukulunga kwesisa senhliziyo neqiniso lenkolo okuhlala kukho iNkosi. Nangalokho bachilizela konke okweNkosi emva kwabo, banake kuphela okungokwabo, nokungemva kwabo kabakuboni futhi kabanandaba nakho. Lokhu kungumsuka wabobonke ububi bomuntu, nakanjalo kungumsuka wokweswela injabulo nokuba sesihogweni.

  
/ 10837に移動