Izimfihlakalo Zezulu#5078

作者: エマニュエル・スウェデンボルグ

この節の研究

  
/ 10837に移動  
  

5078. Ngezwi “nomphekizinkwa” kufanekiswa [ukoniwa] kwezinto zomzimba ezesekela intando. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kwezinzwa zangaphandle noma zomzimba ezesekela noma ezingaphansi kwentando yomuntu ongaphakathi ngo “mphekizinkwa”. Isizathu salokhu kufanekisa wukuthi konke okudliwayo, njengesinkwa, ukudla okuqinile, nanoma yini eyenziwe ngumphekizinkwa, kumaqondana nokulunga, nakanjalo kumaqondana nentando; ngokuba konke ukulunga kondla intando, njengoba nalolonke iqiniso londla ingqondo, njengoba kusanda kuphawulwa ngenhla enombolweni 5077. nge “sinkwa” kufanekiswa okwezulu lamazulu, noma ukulunga (bheka izinombolo 1798, 2165, 2177, 3478, 3735, 3813, 4211, 4217, 4735, 4976).

[2] Isizathu sokuba lapha nakusosonke lesisahluko kukhulunywe engqondweni engaphakathi ngamandla ezinzwa zangaphandle anhlobombili, wukuthi eSahlukweni esandulelayo bekukhulunywa ngokuthi iNkosi yalidumisa kanjani noma yaliguqula kanjani ingaphakathi lobuntu bayo laba ngelobuNkulunkulu. Ngakhoke kulesiSahluko isihloko wukuthi iNkosi yalidumisa kanjani ingaphandle lobuntu bayo laba ngelobubuNkulunkulu. Uhlangothi olungaphandle lomuntu ongaphandle lubizwa lubizwa ngakhona ngomzimba, ekubeni luyizozombili izinhlobo zamandla ezinzwa, kanye nezitho ezigunywa yilawomandla; ngokuba izitho ezemukela lawomandla ezinzwa kanye nalawomandla kubizwa ngomzimba (bheka inombolo 5077). INkosi yakuguqula konke okomzimba wayo, amandla ezinzwa zaYo, kanye nezitho ezigunywa yilawomandla, kwaba ngokobuNkulunkulu, nokuyinto eyincazelo yokuthi kungani iNkosi yavuka ethuneni nomzimba waYo, nangemuva kokuvuka kwaYo yathi kubafundi bayo: Bhekani izandla zami nezinyawo zami, ukuthi yimina uqobo; ngophatheni, nibone, ngokuba ithongo kalinanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho (Luka 24:39).

[3] Abantu beSonto namuhla bakholwa ukuthi bonke abafileyo bayovuka ngosuku lokugcina, futhi bayovuka nemizimba yabo; nalomqondo ubusa amakholwa aMakhrestu kangangokuba cishe kungabibikho nelilodwa ikholwa elikholwa okwahlukileyo, ngenxa yemfundiso yawo. Kepha lowomqondo udlange kangako ngenxa yokuthi umuntu wemvelo ucabanga ukuthi wumzimba kuphela ongumnini wempilo. Ngalesisizathu ukuba amaKhrestu ayenqatshelwa ukukholwa lomzimba wabo wenyama noma wemvelo uyobuye wamukele enye futhi impilo, ayengeke akholwe ekuvukeni komuntu ngemva kokufa. Nokho iqiniso elimsulwa wukuthi umuntu uyavuka ngemuva kancane kokufa komzimba wakhe wemvelo, nalapho evuka kuba sengathi kuye usesemzimbeni wemvelo njengalapho esaphila emhlabeni wemvelo; uzibona enobuso abenabo esaphila emhlabeni wemvelo, izicubu, izitho, izingalo, izandla, izinyawo, isifuba, isisu, namanyonga; nalapho ezibuka futhi ezithinta uzibona efana ncamashi nomuntu abenguyena engakafi. Nokho lokho akubonayo nakuthintayo kakuwona umzimba wakhe wasemhlabeni wemvelo, kepha ubona futhi uthinta umzimba wakhe ongaphakathi obuwuqobo lwakhe esaphila emzimbeni wemvelo. Yilowomzimba ongaphakathi obugodle impilo, yize ubumbozwe wumzimba ongaphandle, noma umbozwe yingaphandle kuzozonke izingxenye zawo, nokuyinto eyenza ukuba umzimba ongaphakathi ukwazi ukuba semhlabeni wemvelo futhi wenze izinto ngobuqotho ufeze neminye imisebenzi yawo.

[4] Umzimba wakhe wemvelo noma ongaphandle kawusizi lutho kumuntu kamoya, ngoba usuke esekunye umhlaba lapho eseneminye imisebenzi eyahlukile nolunye uhlobo lwamandla olufaneliselwe umzimba wakhe kamoya. Lowomzimba wakhe kamoya uwubona ngamehlo hhayi ngamehlo emvelo ayenawo engakafi kodwa ngamehlo kamoya asenawo emhlabeni kamoya. Angamehlo omuntu wakhe ongaphakathi, okuyiwona abebona izinto zemvelo nezomhlaba ngesu lamehlo omzimba wakhe wemvelo. Uyawuthinta futhi uyawuzwa lowomzimba wakhe kamoya hhayi ngezandla noma ngomuzwa wokuthinta abenakho emhlabeni wemvelo, kodwa ngezandla nangomuzwa wokuthinta akuphiwe emhlabeni kamoya, okungumuzwa obugunya umuzwa wakhe wokuthinta womzimba wakhe wemvelo ngenkathi esaphila emhlabeni wemvelo. Okunye, izinzwa zomzimba kamoya zibukhali kakhulu futhi ziphelele ngokwedlulele ngenxa yokuthi zingezomuntu ongaphakathi osekhululekile kumuntu ongaphandle noma wemvelo; ngokuba umuntu ongaphakathi usesimweni esiphelele ngokwedlulele ngenxa yokuthi nguyena onika umuntu ongaphandle amandla okuzwa ngezinzwa zakhe, yize lawomandla enqundekile futhi efiphele lapho owangaphakathi egunya owangaphandle. Okunye, izinzwa zomuntu ongaphakathi zizwa izimo zangaphakathi, kanti izinzwa zomuntu ongaphandle zizwa izimo zangaphandle noma zemvelo. Kungalesisizathu ukuba abantu babonane ngemuva kokufa, futhi babonana bendawonye emphakathini wabantu abanokulunga neqiniso okufanayo noma abanengaphakathi elifanayo. Ukuze ngibe nesiqinisekiso salokhu, ngivunyeliwe ukuyithinta leyomimoya futhi ngikhulume nayo kaningi ngaloludaba (bheka izinombolo 322, 1630, 4622).

[5] Ngemuva kokufa abantu ababizwa ngemimoya nababizwa ngezingelosi uma kade bephila impilo yokulunga bengakafi bayashaqeka lapho bezwa ukuthi umuntu weSonto ukholwani ngaye. Ngokuba umuntu weSonto ukholwa ukuthi ngeke ayibone impilo ephakade ngaphambi kosuku lokugcina nolokubhubha komhlaba, nokuthi ngalolosuku umuntu osewafa uyogqikiswa uthuli oluyisidumbu sakhe esilahliweyo; ekholwa lokhu phezu kolwazi lokuthi umuntu uyavuka futhi esandakufa. Ngokuba wubani ongakuphimisi ukuthi umphefumulo noma umumoya womuntu ofile ususezulwini, noma esihogweni? Futhi yimuphi umzali ongakuphimisi ukuthi izingane zakhe esezafa zisezulwini? Yiliphi ikholwa elingamduduzi umuntu noma umzalwane osegulela ukufa ngethemba lokuthi usezongena empilweni elandelayo? Nomuntu osegulela ukufa futhi esezimisele ukufa uyakukholwa lokhu. Imbala, inkolo yokuthi umuntu uyavuka esandakufa iholela abanye ukuba bagabadele amandla okusindisa abanye ekulahlweni, babase ezulwini, basholo nemiphefumulo yabo imisa. Wubani ongenalwazi lokuthi iNkosi yathini kwiselelesi, ukuthi yathi “Namuhla uzokuba nami epharadisi” (bheka kuLuka 23:43)?, nokuthi yathini mayelana nesigwili kanye noLazaro, ukuthi isigwili sasiwa esihogweni, kepha uLazaro wathathwa yizingelosi zamusa ezulwini (bheka kuLuka 16:22, 23)? Wubani ongenalwazi lokuthi iNkosi yayifundisani mayelana nokuvuka ekufeni, ukuthi “Yona kakuyena uNkulunkulu wabafileyo kepha inguNkulunkulu wabaphilayo” (bheka kuLuka 20:38)?

[6] Umuntu ozaziyo lezizinto ucabanga ngokusukela kuzo futhi ukhuluma ngokusukela kuzo lapho ecabanga futhi ekhuluma ngokusukela emumoyeni wakhe; kepha lapho ecabanga futhi ekhuluma ngokusukela emfundisweni yakhe lowomuntu ukhuluma okwahluke kakhulu ukuthi ngenke avuke kuze kube wusuku lokugcina. Nokho iqiniso elimsulwa wukuthi usuku lomuntu lokugcina yilolo afa ngalo, nokuwusuku futhi lokwahlulelwa kwakhe, njengoba kusho abaningi. Okufanekiswa ngamazwi akuJobe 19:25, 26, lapho kukhulunywa khona “ngokuba sesikhumbeni”, nango “kubuka uNkulunkulu ngokukhululeka enyameni”, kungabonwa ngenhla enombolweni 3540[ekugineni]. Lezizinto zethulwa lapha ukuze kwaziwe ukuthi kakho umuntu ovuka ngomzimba wakhe wasemhlabeni wemvelo ngaphandle kweNkosi. NeNkosi yavuka ngomzimba wemvelo ngenxa yokuthi yayisiwuguqulile waba wumzimba woBuNkulunkulu noma onguNkulunkulu.

  
/ 10837に移動