Izimfihlakalo Zezulu#5775

作者: エマニュエル・スウェデンボルグ

この節の研究

  
/ 10837に移動  
  

5775. Ngamazwi “UJudah nabafowabo bafika” kufanekiswa ukulunga kweSonto kanye namaqiniso akho. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kokulunga kweSonto ngoJudah (bheka izinombolo 5583, 5603). Kuchachiswa futhi wukufanekiswa kwamaqiniso akumuntu ongaphandle nga “bafowabo” bakaJudah. Isizathu sokuba kube nguJudah okhulumayo noma ophambili lapha, kungeyena uRubheni owayeyizibulo, noma kungebona abanye abafowabo, wukuthi uJudah wayefanekisa ukulunga. Wukulunga okuxhumanisa noma okukhulumisana nezulu kusukela eBuNkulunkulwini, kakuwona amaqiniso, ngokuba amaqiniso akumuntu ongaphandle kawanayo indlela yokuxhumana noNkulunkulu ngaphandle kokuxhumana ngesu lokulunga. Kungalesisizathu-ke ukuba kube nguJudah kuphela okhulumayo.

  
/ 10837に移動