Izimfihlakalo Zezulu #4951

By Emanuel Swedenborg

Studere hoc loco

  
/ 10837  
  

4951. Ngaphansi kwesithende, ngemuva kwaso kancane, kukhona isihogo esisenzilongweni noma phansi kakhulu, kukhona nesikhala esingenalutho phakathi kwaso nesithende. Imimoya yalesosihogo inezinhliziyo ezimbi ngokwedlulele, ngokuba ithola izimpokophelo zabanye abantu ngokunyenya ngenhloso yokubalimaza, nakanjalo ngenhloso yokubacathamela ibabhubhise. Lokhu bekungubumnandi bempilo yayo. Sengikubone kaningana ukwenza kwalemimoya. Ithulula noma iqondisa ubuthi bolunya lwayo emimoyeni esemhlabeni wemimoya, futhi isebenzisa amaqhinga ahlukene ukuvusa imimoya esemhlabeni wemimoya. Lemimoya yakulesosihogo inolunya ezinhliziyweni zayo. Ibonakala esihogweni sayo yembethe iziphuku, nangezinye izikhathi igqoke olunye uhlobo lwezingubo. Ngezinye izikhathi lemimoya ijeziswa ngokwehliselwa phansi ngokwedlulele, lapho kwendlalwa phezu kwayo okuthile okufana nefu, nalokho kuyisiyingi solunya oluphuma kubo. Kuleyondawo ephansi ngokwedlulele kuye kuzwakale umsindo wesidumo, onjengewesidumo sokubulawa kwabantu.

Imimoya yakhona ikwazi ukwenza eminye imimoya ikhale izinyembezi, ikwazi futhi nokuyifaka itwetwe. Lelikhono yalizuza ngenkathi isaphila emhlabeni wemvelo, lapho ngesikhathi belinde iziguli noma iminguphane abebefuna ukugabadela impahla noma ingcebo yabo babekhalisa lezoziguli izinyembezi, nakanjalo bevusa kuzo ukudabuka noma ukuhawuka. Kepha uma leyomimoya yahluleka ukuvusa isihawu kweminye imimoya, ifaka itwetwe kuyo. Iningi lalemimoya yayiwuhlobo lwabantu abebesebenzisa lendlela ukuphanga izindlu eziningi beziphangela izimpohlo zeSonto lasemaRomeni. Eminye yaleyomimoya yayibonakala kudebuduze, lowo nalowomumoya ubonakala ubonisana nomunye ekamelweni. Nalemimoya yayinonya kepha olungaphansi kwalemimoya ekhalisa eminye.

  
/ 10837