Izimfihlakalo Zezulu #4952

By Emanuel Swedenborg

Studere hoc loco

  
/ 10837  
  

4952. Eminye imimoya ewuhlobo lwemimoya lwangaphandle yayithi kayazi ukuthi kumele ikholweni, ngenxa yokuthi lowo nalowomuntu ulindelwe yisigcino sakhe esiwumphumela wempilo abeyiphila, nesihambisana nemicabango yakhe ephuma emiqondweninqangi noma emigomeni kabanzi ayikholwayo. Kepha ngiyazisile leyomimoya lapho ngiyiphendula, ukuthi bekuzokwanela ukuba ikholwe ukuthi uNkulunkulu nguYena obusa zonke izinto, nokuthi kukhona impilo yangemuva kokufa. Ngiyazisile nokuthi beyokwanela ukuba bangaphili njengezilwane kodwa baphile njengabantu; okungukuthi, ukuba bathande uNkulunkulu nokuba babenesisa senhliziyo abasiqondise kumakhelwane, nakanjalo bajabulele okuyiqiniso nokungukulunga esikhundleni sokuphambana nakho. Lemimoya yaphendula ngokuthi yebo ibiyiphila leyompilo yothando, neqiniso nokulunga, kepha ngayiphendula futhi ngokuthi mhlawumbe ibiphila leyompilo ngezenzo zangaphandle noma ngengaphandle layo kuphela. Ngathi futhi ukuba yayingesabi umthetho bebeyohlasela noma wubani maqede baphange impahla noma ingcebo yakhe ngesihluku esibi kakhulu kunesesilwane.

Kulokhu yaphendula ngokuthi kayizange ibenolwazi lokuthi siyini isisa senhliziyo esiqondiswe kumakhelwane, futhi kayizange ibenolwazi lokuthi kuyini okwangaphakathi; kepha ngaphendula futhi ngokuthi yayingenakuzazi lezizinto ngoba uthando lokuzithanda nothando lokuthanda izintokozo zomhlaba, kanye neminako yangaphandle, bekubusa wonke umcabango nentando yayo.

  
/ 10837