Izimfihlakalo Zezulu # 2689

Написано Эмануэль Сведенборг

Изучить этот эпизод

  
/ 10837  
  

2689. Ngamazwi “waphakamisa izwi lakhe wakhala” kufanekiswa elinye izinga elingaphezulu losizi. Lokhu kuba sobala ngokufanekiswa kosizi olwedlulele ngo “kuphakamisa izwi nokukhala”, ngokuba ukukhala ngezwi elikhulu kakulutho olunye. Okuchazwa kulesisahlukwana yisimo sokuchithakala kweqiniso nesokuhoxa emaqinisweni, okuyisimo esaziwa yilabo abaya ngokuya beba ngabakamoya noma ngabezulu likamoya. Ukuthi lesisimo sinjani kuzochazwa kafuphi: Abantu abangaguqukiyo kabanalo noluncane ulwazi lokuthi kuyini ukubalusizi ngenxa yokwamukwa amaqiniso, ngokuba bacabanga ukuthi kakho umuntu ongaba nosizi ngalesisizathu. Bakholwa ukuthi isimo esingaholela ekubeni umuntu abe nalolosizi kuphela wukuba amukwe lezozipho ezinhle kuye eziwuhlobo oluyimfanelo yomzimba neyomhlaba wemvelo, njengenhlala kahle, isikhundla, ukuhlonipheka, ingcebo, nempilo. Kodwa labo abakwazi ukuguqulwa bakholwa okwahluke geqe. INkosi ibalondoloza enkanukweni yokukhanukela ukulunga nasemcabangweni yokucabanga iqiniso, ngakhoke babalusizi lapho bephucwa lokhu.

[2] Kwaziwa kahle ukuthi ukudabuka nosizi kungumphumela wokwemukwa komuntu izinto azikhunukelayo, okungukuthi, azithandayo. Labo abankanuko yabo ngukukhanukela izinto zomzimba nezinto zomhlaba wemvelo, okungukuthi, abathanda lezizinto kuphela, babalusizi lapho bephucwa zona, kanti labo abankanuko yabo ngukukhanukela ukulunga neqiniso kukamoya, futhi abazithandayo lezizinto, babalusizi lapho bephucwa zona. Impilo ekumuntu kayilutho olunye ngaphandle kwenkanuko noma kothando. Ngokusukela kulokhu singabonakala isimilo sesimo salabo abachithakele malungana nokulunga namaqiniso abakukhanukelayo, okungukuthi, abakuthandayo; okungukuthi, kungabonakala ukuthi isimo sosizi lwabo, ekubeni singaphakathi, sinzima kakhulu, nokuthi ekwaphucweni kwabo ukulunga neqiniso akusikho ukufa komzimba okubakhathazayo kodwa bakhathazwa wukufa okuphakade. Yilesisimo esichazwa lapha.

[3] Ukuze kwaziwe ukuthi yibaphi abantu abalondolozwa yiNkosi enkanukweni yokukhanukela ukulunga neqiniso, kanjalo baguqulwe babe ngabakamoya, nokuthi yibaphi abangelondolozeke, nalokhu kumele kuchazwe kafuphi. Ngenkathi umuntu eseyingane, lapho eqala ngqa ukuphiwa ukulunga neqiniso, ulondolozwa yiNkosi ofudwini oluvumayo lokuthi nomayini eshiwo noma efundiswa ngabazali noma ngothisha iyiqiniso. Kulabobantu abazoya ngokuya beba ngabakamoya lolofudu oluvumayo luqiniswa ngesu leziminya nolwazi, ngokuba konke abakufundayo nokubalulekile kubo kuzethula esimweni sokuvuma sofudu lwabo, okuyinto eholela ekubeni bakukhanukele kakhulu lokho abakufundiswayo. Laba yilabo abaya ngokuya beba ngabakamoya ngokusukela eqinisweni abalikholwayo, futhi abanqobayo ekulingweni. Kodwa kwahluke geqe kulabo abangakwazi ukuba ngabakamoya. Yize nalaba benofudu oluvumayo ebunganeni babo, lapho sebekhulile bavumela ukungenwa wukuthandabuza nokungabaza okubhubhisa ufudu lwabo oluvuma maqondana nokulunga neqiniso. Nalapho sebebadala bavumela ukuphika ukuba kungene kubo, bavumele ngisho nenkanuko yokukhanukela amanga ukuba ingene. Uma lababantu beholelwa ekulingweni banganqotshwa yizilingo zabo kungakabiphi. Ngakhoke bagcinwa ngaphandle kwazo.

[4] Kodwa umsuka wangempela wokuba bavumele ukungabaza ekugcineni bavumele ukuphika ukuba kungene kubo yimpilo yabo yobubi. Abantu abaphila impilo yobubi kabakwazi ukwenza okunye ngaphandle kokungabaza nokuphika. Impilo ekumuntu, njengoba sekuphawuliwe, iyinkanuko noma uthando, nakanjengohlobo noma nakanjengesimilo senkanuko noma sothando kanjalo nesimilo somcabango wakhe. Inkanuko ekukhanukela ububi nomcabango ocabanga iqiniso kakuhlangani nangengozi. Lapho kubonakala sengathi kuyahlangana, empeleni kusuke kungahlangani, ngokuba umcabango weqiniso ukhona ngaphandle kwenkanuko yokukhanukela leloqiniso. Ngakhoke kulababantu iqiniso kakulona iqiniso, kodwa lingumsindo nje othile noma liyinto esezindebeni zomlomo njekuphela, inhliziyo iqhele kakhulu kuyo. Ngisho nabantu ababi ngokwedlulele bangalazi leliqiniso, kwesinye isikhathi balazi kangcono kunabobonke abanye abantu. Abanye babo bagotshezelwa yiloluhlobo lweqiniso kangangoba kakho ongabona ukuthi kakulona elempela. Kepha leloqiniso kakulona elempela noma liyiqinisombumbulu uma lingahambisani nempilo yokulunga. Yinkanuko ephuma othandweni lokuzithanda noma lokuthanda umhlaba nezinto zawo edala lokho kugotshezelwa, okungukugotshezelwa abakuvikela ngesankahlu esiwubufakazi bentshisekelombumbulu; imbala bakuvikela kangangoba basola noma balahla abantu abangakwamukeli noma abangakukholwa lokho kugotshezelwa njengabo. Kodwa loluhlobo lweqiniso lwahlukahlukana kubantu abahlukene ngokusukela ekucabangeni komuntu, namandla aleloqiniso ancika emandleni othando lwakhe lokuzithanda noma lokuthanda umhlaba nezintokozo zawo. Kuyiqiniso ukuthi loluhlobo lweqiniso luzalwa kanye nobubi, kodwa kalizihlanganisi nobubi, ngakhoke empilweni engemuva kokufa liyasishulwa. Kanti kwahlukile kulabo abaphila impilo yokulunga; kubo iqiniso lithola umhlabathi walo, namandla alo okukhula, lithole nempilo yalo eNkosini.

  
/ 10837