Izimfihlakalo Zezulu # 2688

Написано Эмануэль Сведенборг

Изучить этот эпизод

  
/ 10837  
  

2688. Ngamazwi “wahlala kukhashana phambi kwakhe” kufanekiswa isimo somcabango. Lokhu kuchachiswa ngosekuphawulwe ngenhla enombolweni 2684, lapho kukhona amazwi afanayo. Isizathu sokuba lamazwi aphindwe kulesisahlukwana ngukuthi isimo somcabango sakhula sabanamandla senza usizi ludlange ngokwedlulele, njengoba kusobala ngokwendulelayo, “Ngingebone ukufa komfana”, nakokulandelayo, “waphakamisa izwi lakhe, wakhala”.

  
/ 10837