Izimfihlakalo Zezulu #316

За Емануель Сведенборг

Вивчіть цей уривок

  
/ 10837  
  

316. Lapho umphefumulo usuzahlukanise ngalendlela nezingelosi zikamoya, wamukelwa yimimoya elungileyo, nayo emnika lonke usizo engamnika lona ngesikhathi ephakathi kwayo. Kodwa uma empilweni yakhe yasemhlabeni ebewuhlobo lomuntu obengakwazi ukubekezelela abantu abalungileyo noma ukuhlala nabo, uba nentshisekelo yokuyishiya naleyomimoya elungileyo. Lokhukungena nokushiya imigwamanqa eyahlukene ukwenza aze athole ibandla labantu ababenempilo efana ncamashi nempilo yakhe yasemhlabeni. Kulelobandla kuba sen-gathi usethole impilo ethi yena, okungukuthi, engeyakhe. Nalapho esefike kulelobandla, okumangalisayo wukuthi uqala ukuphila njengoba wayephila esesemzimbeni wemvelo. Nokho lapho eseqale leyompilo, usuke eseqale isigaba noma indima entsha yempilo yakhe. Abanye, ngemuva kwesikhathi eside, abanye ngemuva kwesikhathi esingeside, basuswa lapho basiwe esihogweni. Kanti abantu abebesenkolweni yokukholwa eNkosini, ngemuva kokuqala indima entsha yempilo yabo baholelwa kancane kancane ezulwini.

  
/ 10837