Izimfihlakalo Zezulu #3570

Ngu Emanuel Swedenborg

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

3570. Ngamazwi “Wayeseyiletha kuye, wadla” kufanekiswa ukuqala kokuhlangana nokulunga, nangamazwi “wamlethela newayini, waphuza” kufanekiswa ukulandelisa ngokuhlangana neqiniso. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa wukuhlanganiswa kanye nokugatshadelwa kokulunga ngoku “dla”, okusanda kukhulunywa ngakho ngenhla enombolweni 3568; kuchachiswa futhi wukufanekiswa kweqiniso elisuselwe ekulungeni nge “wayini”, okukhulunywe ngakho ezinombolweni 1071, 1798; futhi kuchachiswa wukufanekiswa kokuhlanganiswa kanye nokugatshadelwa kweqiniso ngo “kuphuza” (bheka inombolo 3168). Okugudliswayo lapha — ukuthi ukulunga kobuqotho noma komuntu ongaphakathi, okufanekiswa ngo-Isaka, kuqala ngokuzixhumanisa nokulunga komuntu ongaphandle, okufanekiswa ngoJakobe, maqede kuzixhumanise neqiniso lakhe — yilokhu: Njengoba umuntu ongaphandle ehlala esimweni lapho ukulunga kungaphandle neqiniso lingaphakathi, okuyinto okukhuluywe ngayo ngenhla ezinombolweni 3539, 3548, 3556, 3563, ziningi izinto ezivunyelwa ukungena kodwa zingalungile, kepha futhi ziwusizo — njengezinto eziyisu lomuntu ongaphandle lokuqhubekela ekulungeni ngehlelo lazo. Kepha ukulunga komuntu ongaphakathi kakuzixhumanisi futhi kakugabadeli lutho oluphuma ezintweni ezingalungile ngaphandle kokufanele lokho kulunga, ngokuba kakwamukeli olunye uhlobo lokulunga. Kuchitha konke okunye okungafanelene nakho. Kushiya konke okungamukelekiyo kumuntu ongaphandle ukuba kube yisu lokungenisa futhi lokwethula ezinye izinto ezifanelene nakho. Wubuqotho obungaphakathi komuntu ongaphakathi. Umuntu ongaphandle akakwazi okwenzekayo ebuqothweni noma kumuntu ongaphakathi ngoba lezizinto zingaphezulu kwezinga lakhe lokuqonda. Ngakhoke umuntu oziphilela impilo yemvelo kanakuba noluncane ulwazi lokuthi kwenzekani kumuntu wakhe ongaphakathi, okungukuthi ebuqothweni bakhe. INkosi ihlela kabusha izinto ezikumuntu ongaphakathi ngaphandle kokwazi komuntu ongaphandle. Ngakhoke umuntu ongaphandle kanalo ulwazi lokuthi uzalwa kanjani kabusha; imbala kazi nokwazi lapho ezalwa kabusha. Nokho uma ethanda ukwazi makamane anake izinhloso zakhe, ezingavamile neze ukudalulwa komunye umuntu. Uma kuyizinhloso zokufeza ukulunga, okungukuthi, uma ecabangela umakhelwane neNkosi ngaphezulu kokuzicabangela, lowomuntu usesimweni sokuzalwa kabusha. Kepha uma kuyizinhloso zokufeza ububi, okungukuthi, uma ezicabangela yena ngaphezulu kukamakhelwane neNkosi, lowomuntu kumele abone ukuthi kakho esimweni sokuzalwa kabusha.

[3] Izinjongo nezinhlosonqangi zomuntu empilweni yakhe yangaphambi kokufa zikhamelela indawo yakhe yasempilweni yakhe yangemuva kokufa; izinhloso zokufeza ukulunga zimbeka phakathi kwezingelosi ezulwini, kanti izinhloso zokufeza ububi zimbeka phakathi kodeveli esihogweni. Izinhlosonqangi zomuntu kazilutho olunye ngaphandle kothando lwakhe; ngokuba lokho okuthandwa ngumuntu kuyinhloso yakhe. Nangoba akuhlosileyo kuwuthando lwakhe, ngakhoke izinjongo nezintandonqangi zakhe ziwuqobo lwempilo yakhe yangaphakathi (bheka izinombolo 1317, 1568, 1571, 1645, 1909, 3425, 3562, 3565). Izinhloso zomuntu ezihlose ukulunga zihlala ebuqothweni noma kumuntu wakhe ongaphakathi, futhi zibizwa ngokulunga kobuqotho. Ngesu lokulunga kobuqotho iNkosi ihlela kabusha zonke izinto ezikumuntu ongaphandle noma wemvelo; ngokuba inhloso ifana nomphefumulo, nomuntu ongaphandle ufana nomzimba walowomphefumulo. Uhlobo noma isimilo somphefumulo sikhamelela uhlobo noma isimilo somzimba owungungile, njengoba nesimilo sokulunga kobuqotho noma somuntu ongaphakathi sikhamelela isimilo somuntu ongaphandle ogqokwe ngumuntu ongaphakathi.

[4] Kwaziwa kahle ukuthi umphefumulo womuntu uqala embewini kanina maqede ukhule esizalweni sakhe, lapho uzungelezwa khona wumzinjana omncane, imbala umzimba oyisu lokuba umphefumulo ukwazi ukusebenza ngendlela efanele emhlabeni ozalelwe kuwo. Kwenzeka okufanayo lapho umuntu ezalwa kabusha. Umphefumulo omusha awuzuzayo ngokuzalwa kabusha uhlosa ukufeza ukulunga. Leyonhloso iqala ebuqothweni bakhe noma kumuntu ongaphakathi, lapho inhloso isembewini, maqede ikhulele esizalweni. Umzinjana ogqokwe ngumphefumulo osesizalweni ungumuntu ongaphandle, nokulunga okukuwo kuwuhlobo lokulunga olwenza intando yezinhloso zomphefumulo. Amaqiniso akulomzinjana afana nemisipha yomzimba, ngokuba amaqiniso athatha isakheko sawo ekulungeni (bheka inombolo 3470). Ngokusukela kulokhu kuyachacha ukuthi ukuphenduka noma ukuguquka komuntu kufuza ukwakheka kwakhe esizalweni sikanina. Futhi uma ungabhekisisa, wukulunga kwasezulwini lamazulu neqiniso lasezulwini likamoya okuvela eNkosini okwakha umntwana nangaleyonkathi okumupha amandla okuya ngokuya amukela lokho kulunga naleloqiniso — imbala amukele ukulunga neqiniso ngendlela nakangangebanga kokuba abe nezinhloso ezilungileyo zasezulwini njengomuntu esikhundleni sokuba nezinhloso zasemhlabeni wemvelo njengesilwane.

[5] Udaba lokuthi ukulunga kobuqotho kuqala ngokuzixhumanisa nokulunga kwemvelo ngaphambi kokuzixhumanisa neqiniso lemvelo, ngesu lomuntu ongaphandle — okufanekiswa ngoJakobe eletha isilovela nesinkwa ku-Isaka, wadla, maqede waletha iwayini, waliphuza — kungakhonjiswa futhi ngesu lemisebenzi eyenziwa wumzimba uyenzela umphefumulo wawo. Wumphefumulo onika umzimba amandla okulambela ukudla futhi wumphefumulo onika umzimba amandla okukunambitha. Izinhlobo ezahlukene zokudla zethulwa kumuntu ngobumnandi obuhambisana nomkhangulo nangobumnandi obuhambisana nokunambitha, kanjalo zethulwa ngomgudu wokulunga okungaphandle; kepha kakuzona zonke izinhlobo zalokho kudla ezidlulela ekwakheni impilo yomzimba. Okwenzekayo wukuthi ezinye izinhlobo zokudla zisebenza ukuncibilikisa ukudla esiswini, ezinye zisebenza ukuthena amandla obuthi ekudleni, kanti ezinye zisebenza ukuvula imithambo, nezinye zethula ukudla osekugayiwe emithanjeni. Kepha izinhlobo zokudla ezilungileyo zedluliselwa egazini eligobhoza emithanjeni, zibe yigazi. Nasegazini umphefumulo ukhetha izinto eziwusizo kuwo uzixhumanise nazo.

[6] Kwenzeka okufanayo phakathi komuntu ongaphakathi nomuntu ongaphandle. Okuqhamisana nokuhahela noma nokulambela ukudla nokunambitha yintshisekelo nenkanuko yokukhanukela ukwazi iqiniso; kanti okuqhamisana nezinhlobo zokudla ezahlukene yiziminya nolwazi (bheka inombolo 1480). Nanjengoba lokhu kuqhamisana, ngakhoke kwenzeka okufanayo phakathi kwakho kokubili. Umphefumulo, okuyiwona ongukulunga komuntu ongaphakathi, uhlinzeka ngenkanuko yokukhanukela iqiniso nolwazi, futhi uvuswa yilezizinto, okuyinto ebanga ukuba izinto zolwazi nemfundiso zethulwe ngesu lobumnandi bentshisekelo, nangesu lokulunga kwenkanuko. Kepha kakusikho konke okwethulwayo okuba wuhlobo lokulunga olondla impilo; esikhundleni okunye kuba wusizo lokugaya noma lokwetshisa nokuthena ubuthi okusekudleni, kanti okunye kuvula imithambo, okunye kwethula ukudla osekugayiwe egazini. Kodwa ukulunga okondla impilo kwamukelwa wumphefumulo, kanjalo umphefumulo uzixhumanise nakho, maqede uzibumbele amaqiniso ngakho. Ngokusukela kulokhu kusobala ukuthi ubuqotho bomuntu noma umuntu ongaphakathi umhlela kanjani kabusha umuntu ongaphandle noma wemvelo ukuze umuntu ongaphakathi, njengomphefumulo, asetshenzelwe noma akhonzwe ngumuntu ongaphandle, noma okuyinto efanayo, ukuze umuntu ongaphandle asebenzele inhloso engumphefumulo ukuba izithuthukise ukuze ibe wusizo embusweni weNkosi.

  
Yiya esigabeni / 10837