IBhayibheli

 

John 10:21

Funda

       

21 Others said, "These are not the sayings of one possessed by a demon. It isn't possible for a demon to open the eyes of the blind, is it?"

Okususelwe Emisebenzini kaSwedenborg

 

Izimfihlakalo Zezulu #2405

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

2405. Ukuthi ngamazwi “kusantwela” kufanekiswa isikhathi sokusondela kombuso weNkosi kuchachiswa ngokufanekiswa ngo “kuntwela” noma ngokusa eZwini. Njengoba isihloko kulesiSahluko kuyizimo zeSonto ezilandelanayo, okwenzeka ngokuhlwa, nokulandelayo okwenzeka ebusuku kukhulunywa ngakho kuqala. Okukhulunywa ngakho manje seku “ntwela” nokwenzeka ngemuva kokuphuma kwelanga kukhulunywa ngakho kamuva. Uvivi luchazwa lapha ngo “kuntwela”, okufanekisa isikhathi lapho abaqotho behlukaniswa kwababi. Lokhu kwahlukaniswa kuchazwa kulesisahlukwana esiphezu kwaso kuya esahlukwaneni 22 ngoLothi kanye nomkakhe namadodakazi akhe bekhishwa eSodoma besindiswa. Isiminya sokuthi ukwahlukaniswa kwenziwa ngaphambi kokwahlulelwa kuyachacha ngamazwi eNkosi kuMathewu, lapho ithi: Kuyobuthelwa phambi kwaYo zonke izizwe, yahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu ezimbuzini (Mathewu 25:32).

[2] EZwini leyonkathi noma lesosimo sibizwa ngovivi noma ngo “kuntwela” ngoba iNkosi ifika ngaleyonkathi, noma okuyinto efanayo, umbuso weNkosi usondela ngaleyonkathi. Kubanjalo nakwabalungileyo ngaleyonkathi, ngokuba ngaleyonkathi kubakhona okufuze ukukhanya kovivi okubakhanyiselayo. Lokhu kuyisizathu sokuba eZwini ukuza kweNkosi emhlabeni wemvelo kufaniswe futhi kubizwe ngo “kusa”. Ukufaniswa kokuza kwaYo nokusa kubonakala kuHoseya, lapho kuthiwa khona: UJehovah uyosivuselela ngezinsuku ezimbili, asivuse ngosuku lwesithathu, siphile phambi kwaKhe. Siyomazi, siyozikhandla ngokumazi uJehovah. Njengoba ukusa kungukuphuma kwaKhe (Hoseya 6:2, 3).

Nge “zinsuku ezimbili” kufanekiswa inkathi noma isikhawu sesikhathi nesimo esisandulelayo. Ngo “suku lwesithathu” kufanekiswa ukwahlulelwa noma ukuza kweNkosi, kanjalo kufanekiswa ukusondela kombuso waYo (bheka ezinombolweni 720, 901) — okungukuza noma ukusondela okufaniswa novivi noma no “kuntwela”.

[3] KuSamuweli kuthiwa: UNkulunkulu kaIsrayeli unjengokukhanya kwasekuseni ekuphumeni kwelanga, lapho ilanga liphuma ekuseni okungenamafu; ngokukhanya nangemvula kuvela uhlaza emhlabathini (2 Samuweli 23:4).

Ngo “Nkulunkulu kaIsrayeli” kufanekiswa iNkosi, ngokuba kamukho omunye uNkulunkulu kaIsrayeli owayeshiwo kuleloSonto, okwakuyiSonto elalifanekisa iNkosi ngazozonke izici zalo. KuJoweli kuthiwa: Usuku lukaJehovah luyeza, ngokuba lusondele, usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolokuhwaqabala, njengokusa kwenekwe ezintabeni (Joweli 2:1, 2).

Nalapha futhi kukhulunywa ngokuza kweNkosi nangombuso waYo. Lapha amazwi “usuku lobumnyama nolwesigayegaye” asetshenziswe ngoba ngaleyonkathi ukulunga kwahlukaniswa nobubi, njengoba noLothi wahlukaniswa namadoda aseSodoma; nangemuva kokwahlukaniswa kwabalungileyo ababi bayabhubha.

[4] Ukuza kweNkosi noma ukusondela kombuso waYo kakufaniswa nje kuphela nokusa kodwa futhi kuzwa ngakho, njengakuDaniyeli, lapho kuthiwa khona:

Ngase ngizwa izwi loNgcwele lithi: Koze kube nini kukhona lombono womnikelo oshiswa imihla yonke nesiphambeko esichithayo na? Wathi kimi: Koze kube yizikhathi zokuhlwa lapho sekuzokusa eziyizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu; bese ehlanjululwa oNgcwele. Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iyiqiniso (Daniyeli 8:13, 14, 26).

Kuyachacha ukuthi “ukusa” lapha kufanekisa ukuza kweNkosi. KumaHubo kaDavidi kuthiwa: Abantu baKho bayiminikelo yokuzithandela, ngosuku lwamandla aKho, ebuhleni bobungcwele, esizalweni sokusa unamazolo okuzalwa kwaKho (AmaHubo 110:3).

Lonke lelihubo likhuluma ngeNkosi nokunqoba kwaYo izilingo, okufanekiswa ngo “suku lwamandla nobuhle bobungcwele baYo”. Ukuthi “esizalweni sokusa” kufanekisa Yona iNkosi uqobo, kanjalo kufanekisa uThando loBunkulunkulu iNkosi eyayilwa ngokusukela kulo.

[5] KuZefaniya kuthiwa: UJehovah ulungile phakathi kwawo. Ngeke akwenze okungalungile. Ekuseni, uyoletha ukwahlulela kwaKhe ekukhanyeni (Zefaniya 3:5).

Lapha ngo “kusa” kushiwo inkathi nesimo lapho kwenzeka khona ukwahlulelwa, okuyinkathi nesimo okufanayo nokuza kweNkosi, nalokhu kuza kweNkosi kusho okufanayo nokusondela kombuso waYo.

[6] Njengobake “ukusa” kwakufanekisa lezizinto, uAroni namadodana akhe, ukuze nabo bafanekise lezizinto, bayalwa ukuba bokhele isibani maqede basilinde kusukela ngokuhlwa kuze kube sekuseni phambi kukaJehovah (Eksodusi 27:21). “Ukuhlwa” okukhulunywa ngakho kulesosahlukwana wuvivi olwandulela ukusa (bheka inombolo 2323). Ngesizathu esifanayo kwayalwa ukuba umlilo osealthare wokhelwe zonke izinsuku kusantwela (Levitekusi 6:12); nokuthi kwakungamele ukuba iwundlu lomnikelo nezingxenye zomnikelo ezibusisiwe zishiywe kuze kube sekuseni (Eksodusi 12:10; 23:18; 34:25; Levitekusi 22:29, 30; Numeri 9:12 — okwakufanekiswa ngakho ukuthi lapho iNkosi isifikile iminikelo yokushiswa iyophela.

[7] Kabanzi “ukusa” kusetshenziswa ukuchaza kokubili isikhathi lapho kuntwela nesikhathi lapho sekuphuma ilanga. Laphoke “ukusa” kufanekisa ukwahlulelwa malungana nokulunga kanye nobubi, njengakulesiSahluko esiphezu kwaso — lapho kuthiwa “Ilanga laliphumele phezu komhlaba, uLothi weza eSowari; khona uJehovah wanisa phezu kweSodoma naphezu kweGomora isibabule nomlilo (izahlukwana 23, 24). Ngendlela efanayo “ukusa” kufanekisa ukwahlulelwa kobubi, njengakumaHubo kaDavidi, lapho kuthiwa khona: Ekuseni imihla ngemihla ngiyobaqeda bonke ababi bomhlaba, ukuze nginqume emzini kaJehovah bonke abenzi bokubi (AmaHubo 101:8).

KuJeremiya kuthiwa: Lowomuntu makabe njengemizi uJehovah ayigumbuqela, futhi kazisoli; makezwe ukukhala ekuseni (Jeremiya 20:16).

Njengobake “ukusa” ngengqondo eyiyonayona kufanekisa iNkosi, ukuza kwaYo, kanjalo kufanekisa ukusondela kombuso waYo, okunye okufanekiswa ngo “kusa” kuba sobala, okungukuthi, kufanekisa futhi ukuqala kweSonto elisha, ngokuba leloSonto liwumbuso weNkosi emhlabeni. Lowombuso ufanekiswa kabanzi nangokwemininingwane, imbala ufanekiswa ngendlela eqonde ngqo; kabanzi ekubeni kuyilapho kusungulwa noma yiliphi iSonto kabusha; ngokwemininingwane ekubeni kuyilapho umuntu waleloSonto ezalwa kabusha eba ngumuntu omusha, ngokuba lapho, umbuso weNkosi usuke usungulwa kuye futhi eya ngokuya eba yiSonto; ngendlela eqonde ngqo ekubeni kungukuvama kuye kokusebenza kokulunga okuphuma kugobhoza othandweni nasenkolweni, ngokuba yilokho okuwukuza kweNkosi. Ngakhoke ukuvuka kweNkosi ngokusa kwesithathu (Markhu 16:2, 9; Luka 24:1; Johane 20:1) kuhlanganisa ngendlela yemininingwane nendlela eqonde ngqo iqiniso lokuthi iNkosi ivuka zonke izinsuku, imbala ivuka ngayo yonke imizuzu emiqondweni yabantu abazelwe kabusha.

  
Yiya esigabeni / 10837