IBhayibheli

 

John 10:30

Funda

       

30 I and the Father are one."

Okususelwe Emisebenzini kaSwedenborg

 

Izimfihlakalo Zezulu #144

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

144. Ukuthi “ukuqamba amagama” kusho ukwazi ubunjalo noma uhlobo lwento, kungoba abantu basemandulondulo, nge “gama” babeqonda ingqikithi yento, nangoku “bona nokuqamba amagama” babeqonda ukwazi noma ukubona uhlobo lwento. Yingakho babeqamba amadodana namadodakazi abo ngokusukela ezintweni ezifanekiswa yilawomagama; ngokuba kulelo nalelogama kwakukhona okuthile okungafani nokukwelinye igama, nokwakuyisu lokwazi umsuka nohlobo lwezingane zabo, njengoba kuzobonakala kamuva kulomsebenzi, lapho ngomusa weNkosi woBunkulunkulu, sekukhulunywa ngamadodana kaJakobe ayishumi nambili. Ngakhoke njen-goba igama lomuntu laligudlisa umsuka nohlobo lwakhe, akukho lutho olunye olwaluqondwa ngoku “qamba igama”. Lendlela yokukhuluma yayiyisiko labo; kodwa umuntu ongaliqondi lelisiko nakanjani angamangaliswa yilokhukukhuluma, nokuthi kuyafanekisa ngisho nokufanekisa.

  
Yiya esigabeni / 10837