IBhayibheli

 

John 10:30

Funda

       

30 I and the Father are one."

Okususelwe Emisebenzini kaSwedenborg

 

Izimfihlakalo Zezulu #6832

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

6832. Ngamazwi “elangabini lomlilo livela phakathi kwesihlahla” kufanekiswa uthando lukaNkulunkulu olugodlwe yiziminya ezivuna iqiniso. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kothando lukaNkulunkulu nge “langabi lomlilo”, okuzokhulunywa ngakho ngezansi. Kuchachiswa futhi wukufanekiswa kweziminya ezivuna iqiniso nge “sihlahla”. Isizathu sokuba “isihlahla” sifanekise iziminya wukuthi zonke izinhlobo zezihlahla zifanekisa iziminya, kanti amasimu emithi, ekubeni imithi imikhulu kunezihlahla, ifanekisa ulwazi nokubona ngengqondo. Ngenxa yokuthi izihlahla zikhiqiza izimbali nezithelo ezithile, ngakho-ke zifanekisa iziminya ezivuna iqiniso. Iziminya ezivuna amaqiniso eSonto kazilutho olunye ngaphandle kwengqondo engaphandle yeZwi kanye nazozonke izifanekiso nezibonakaliso zeSonto ezazikhona futhi zaziwa yisizukulwane sikaJakobe. Ingaphandle lezifanekiso nezibonakaliso libizwa ngeziminya ezivuna iqiniso; kanti ingaphakathi lazo lingamaqiniso kamoya. Nokho amaqiniso kamoya kawabonakaliswanga ezizukulwaneni noma ozalweni lukaJakobe, ngenxa yokuthi uzalo lukaJakobe lwalunake kuphela izinto zangaphandle, lungenaso ngisho nesincane isifiso sokwazi ngezinto zangaphakathi. Ngakho-ke iNkosi yabonakala esihlahleni—ngokuba lapho iNkosi ibonakala kubantu ibonakala kubo ngendlela efanelene nohlobo abayilo, ekubeni umuntu engenakumamukela uNkulunkulu ngaphandle kokumamukela ngokuhambisana nohlobo ayilona; ngakho-ke nalapho iNkosi ibonakala eNtabeni iSinayi, yabonakala kubantu njenge “ntaba evutha umlilo kuze kube phakathi kwezulu, inobumnyama, namafu, nesigayegaye (bheka kuDuteronomi 4:11; 5:22-25; naku-Eksodusi 19:18). Yayizobonakala ngendlela eyahlukile ukuba abantu ababeyikhangela bemi phansi kwentaba babengelona uhlobo lwabantu ababeyilo. Nangenxa yokuthi labobantu babenake kuphela izinto zangaphandle, kuthiwa ngesikhathi uMose eya eNkosini eNtabeni iSinayi wangena efwini (bheka ku-Eksodusi 20:21; 24:2,18; 34:2-5), nange “fu” kufanekiswa ingqondo engaphandle yeZwi (bheka iSanduleliso seSahluko 18, nezinombolo 4060, 4391, 5922, 6343[ekugcineni], nakanjalo nge“fu” kufanekiswa izifanekiso eSontweni okubonakala ingaphandle lazo.

[2] Iqiniso lokuthi iNkosi ibonakala kulowo nalowo muntu ngendlela efanelene noma ehambisana nohlobo ayilo lifakazelwa wukuthi iNkosi ibonakala ezingelosi zezulu eliphakathi noma eliphezulu kunawowonke njengeLanga elikukhanya kwalo kubukhali ngokungakhulumeki, nesizathu salokhu wukuthi lezozingelosi zibuswa wukulunga kothando lokuthanda iNkosi. INkosi ibonakala ezingelosini zezulu lesibili njengeNyanga, nesizathu salokhu wukuthi lezozingelosi zibuswa wuthando lokuthanda iNkosi kepha ngendlela efiphafiphele; nalolothando olufiphafiphele lokuthanda iNkosi empeleni luwuthando lokuthanda umakhelwane. Ezulwini lokuqala iNkosi kayibonakali njengeLanga noma njengeNyanga kepha ibonakala njengoKukhanya kuphela, okuwukukhanya okunamandla noma okubukhali ngaphezulu kakhulu kokukhanya kwasemhlabeni wemvelo. Nanjengoba-ke iNkosi ibonakala kulowo nalowomuntu ngokusukela ohlotsheni lwalowomuntu, ngakho-ke kayinakubonakala emimoyeni yasehogweni ngaphandle kokubonakala njengefu elimnyama nanjengesigayegaye. Ngokuba lapho ukukhanya kwezulu okuvela eNkosini kukhanyisa noma yisiphi isihogo kulesosihogo kukhiqika ubumnyama nesigayegaye. Ngakhokonke lokhu sekungabonakala manje ukuthi iNkosi ibonakala kulowo nalowomuntu ngendlela ehambisana nohlobo noma nesimilo sakhe, ngokuba leyondlela ifanelene nendlela amukela ngayo iNkosi. Nanjengoba uzalo lukaJakobe lwalukhathelele kuphela izinto zangaphandle, iNkosi yabonakala kuMose isesihlahleni, futhi yabonakala isefwini ngesikhathi uMose eya eNkosini eNtabeni iSinayi.

[3] Isizathu sokuba “ilangabi” lifanekise uthando lukaNkulunkulu wukuthi uthando ekusukeni noma ekuqaleni kwalo kalulutho olunye ngaphandle kwamazwibela omlilo noma elangabi aphuma eNkosini njengeLanga. Umlilo noma ilangabi lalelilanga yikhona okuhlinzeka lowo nalowomuntu ngengqikithi noma ngoqobo lokuphila kwakhe; kungumlilo onika ukuphila nokugcwalisa ingaphakathi lalowo nalowomuntu ngokufudumala, njengoba kwaziwa ukuthi uthando luyafudumalisa. Umuntu ufudumala kangangebanga lokukhula kothando olukuye; kanti ukufudumala kudamba kangangebanga kuncipha uthando olukuye. Lokhu kuyincazelo yokuthi kungani ukuba ngesikhathi uHezekeli ebona iNkosi embonweni, wayibona injengomlilo nelangabi, nalokhu kubekwe kanje:

Ukubonakala kwezidalwa ezine (ezazingamakherubi) kwakunjengamalahle omlilo avutha njengezibani, ahambahamba phakathi kwezidalwa, nasemlilweni kwaphuma unyazi. Phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakunjengokungathi yisihlalo sobukhosi, isimo saso sinjengetshe lesafire. Naphezu kokwakunjengesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu phezu kwaso ngaphezulu. Ngase ngibona okufana namalahle avuthayo, okunjengomlilo, kufana nomlilo phakathi kwakho nxazonke, kusukela kokungathi wukhalo lwaKhe kuya phezulu; kusukela kokungathi wukhalo lwaKhe kuya ngaphansi ngabona okufana nomlilo; kwabengezela nxazonke kwawo (Hezekeli 1:13,26-28).

[4] Akekho ongaphika ukuthi yonke imininingwane yalombono iyizimpawu ezifanekisa izici zikaNkulunkulu; kepha ngaphandle kolwazi lokuthi kushiwoni nga “makherubi”, no “kunjengamalahle omlilo avutha njengezibani”, no “kubonakala komuntu phezu kwakho”, no “kungathi wukhalo lwakhe kusukela phezulu kuya phansi kuphuma kulo umlilo” no “kubenyezela okwakuphuma emlilweni” kalunakubakhona ulwazi lobungcwele obucashe kuleyomininingwane. Nga “makherubi” kufanekiswa iSondlo seNkosi (bheka inombolo 308); nge “sihlalo sobukhosi” kufanekiswa izulu, noma kufanekiswa ngqo iQiniso loBunkulunkulu eliphuma eNkosini okuyilona elibumba izulu (bheka inombolo 5313); ngo “kubonakala komuntu phezu kwesihlalo sobukhosi” ngokusobala kufanekiswa uBuntu beNkosi boBunkulunkulu; nge “zinkalo zakhe” kufanekiswa uthando lomshado wasezulwini, kanye nazozonke ezinye izinhlobo zothando ezisuselwe kulolothando (bheka izinombolo 3021, 4277, 4280, 4575, 5050-5062). Loluthando lwalufanekiswa ngo “kufana namalahle avuthayo, okunjengomlilo, kubengezela nxazonke”.

[5] KuDaniyeli kuthiwa:

Ngisabheka, kwabekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala oMdala weZinsuku. Izambatho zaKhe zazimhlophe njengeqhwa, nezinwele zekhanda laKhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo. Isihlalo saKhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo; amasondo aso engumlilo ovuthayo. Kwavela umnonjana womlilo, waphuma phambi kwaKhe (Daniyeli 7:9,10).

UKulunga koBunkulunkulu koThando lweNkosi loBunkulunkulu nakho kwabonakala kulombono njengelangabi lomlilo. KwisAmbulo sikaJohane kuthiwa:

Ngabona owayehlezi phezu kwehhashi elimhlophe, amehlo aKhe engamalangabi omlilo (IsAmbulo 19:11,12).

Ngo “wayehlezi phezu kwehhashi elimhlophe” kufanekiswa iNkosi mayelana neZwi, njengoba lokhu kubekwe ngembaba ezahlukwaneni 13,16, zalesoSahluko. Ngakho-ke “ilangabi lomlilo” lifanekisa iQiniso loBunkulunkulu eliqukethwe eZwini, eliyiQiniso eliphuma eKulungeni kweNkosi koBunkulunkulu. Kuyona futhi lencwadi kuthiwa:

Ngabona ofana neNdodana yoMuntu ephakathi kwezinti zezibani, embethe ingubo ekhawula ezinyaweni. Ikhanda laKhe nezinwele zaKhe kumhlophe njengoboya bezimvu, njengeqhwa; kepha amehlo aKhe enjengamalangabi omlilo (IsAmbulo 1:13,14).

Nalapha nga “mehlo anjengamalangabi omlilo” kufanekiswa iQiniso loBunkulunkulu eliphuma eKulungeni kweNkosi koBunkulunkulu.

[6] Ukuthi nge “langabi lomlilo” kufanekiswa iQiniso loBunkulunkulu eliphuma eNkosini kusobala nakuDavidi, lapho kuthiwa khona:

Izwi likaJehovah lehla njengelangabi lomlilo (AmaHubo 29:7), lapho nge “zwi likaJehovah” kufanekiswa khona iQiniso loBunkulunkulu. Ukuze kufanekiswe iQiniso loBunkulunkulu eliphuma eKulungeni kweNkosi koBunkulunkulu, abantu bayalwa ukuba benze uthi lwezibani eziyisikhombisa ngegolide elicwebileyo, balibeke etendeni lokuhlangana, eduze kwetafula elinezinkwa zokubukwa, nezibani baziyeke zivutha ngokunganqamukiyo phambi kukaJehovah (bheka ku-Eksodusi 25:31-40; 37:17-24; 40:24,25; Levithikusi 24:4; Numeri 8:2; Zakhariya 4:2). Uthi lwezibani nezibalo zalo eziyisikhombisa kwakufanekisa iQiniso loBunkulunkulu eliphuma eKulungeni kweNkosi koBunkulunkulu.

[7] Ukuze futhi kufanekiswe uqobo loKulunga koBunkulunkulu, abantu bayalwa ukuba bagcine kwi-althare umlilo ongacimi, ngalamazwi:

Umlilo ophezu kwe-althare uyohlala kulo uvutha njalo, ungacimi; umphristi uyobasa izinkuni kulo ekuseni njalo. Umlilo uyohlala e-althare uvutha njalo, ungacinywa (Levithikusi 6:12,13).

Ukuthi abantu basendulo babejwayele ukufanekisa uThando loBunkulunkulu kubonakala ngokuchuma kwalokho kufanekisa kusukela eSontweni laseMandulo kuze kufinyelele nasezizweni ezikude ezazikhonza izithixo, nanjengoba kwaziwa ezazimise umlilo ongcwele waphakade, zabeka futhi izintombi ukuba ziwengamele, nalezozintombi zazibizwa ngezintombi ezicwebileyo.

[8] Engqondweni ephambene ngo “mlilo” nange “langabi” kufanekiswa izinhlobo zothando ezingcolile, njengothando lokuphindisa, lonya, lwenzondo, nolokuphinga, nakabanzi kufanekiswa izingqoyi eziqubuka othandweni lokuzithanda nasothandweni lokuthanda izintokozo zomhlaba. Nalokhu kusobala ezindaweni eziningi zeZwi, ezinye zazo ziyilezi ezilandelayo: Ku-Isaya kuthiwa:

Bheka, sebengamabibi; umlilo ubashisile; kabazophuli emandleni elangabi. Kakuyukubakhona ilahle lokothiwa, nomlilo wokuba kuhlalwe phambi kwawo (Isaya 47:14).

KuHezekeli kuthiwa:

Bheka, ngiyophemba umlilo kuwe, oyokudla kuwe yonke imithi eluhlaza, nayoyonke imithi eyomileyo. Ilangabi elivuthayo kaliyukucinywa, kuyohwamuka ngalo bonke ubuso kusukela eningizimu kuya enyakatho (Hezekeli 20:47), Lapho ngo “mlilo” nange “langabi” kufanekiswa khona izingqoyi zobubi namanga eziqotha konke okulungileyo nokuyiqiniso eSontweni, nakanjalo ezichitha iSonto.

[9] KuLuka kuthiwa:

Isicebi samemeza sathi: Baba, Abrahama, ngihawukele, uthume uLazaro ukuba agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami, ngokuba ngiyahlushwa kulelilangabi (Luka 16:24).

Abantu abangenalo ulwazi lokuthi ukushisa kwempilo kunomsuka owahlukile emsukeni wokushisa komlilo wemvelo kabanakucabanga lutho olunye ngaphandle kokuthi ngomlilo wesihogo kushiwo umlilo ofana nowasemhlabeni wemvelo. Nokho eZwini kakushiwo umlilo wasemhlabeni kepha kushiwo umlilo wothando, nakanjalo kushiwo umlilo wempilo yomuntu ophuma eNkosini njengeLanga. Nalapho ukushisa kwalomlilo kufudumeza abantu abashikashikeka ngezinto noma ngezenzo eziphambene nalo, kuguquka kube wumlilo wokuphindisela, wenzondo, wolunya, okuqubuka othandweni lokuzithanda nasothandweni lokuthanda izintokozo zomhlaba, njengoba kuphawulwe ngenhla. Yilomlilo ochusheka noma ohlupha abantu abasesihogweni, ngokuba uma kuxegiswa izibopho okuboshwe ngazo izingqoyi zabo, omunye uhlasela omunye, futhi bahluphane ngezindlela ezesabekayo nezingakhulumekiyo. Ngokuba yilowo nalowo ufisa ukuba ngaphezulu kwabanye futhi ufuna ukwephuca abanye izinto zabo ngezindlela ezicashile noma ezisobala. Lapho oyedwa noma ababili phakathi kwabo benalezizingqoyi kuvumbuka inzondo phakathi kwalesosixuku, naleyonzondo iholela ezenzweni zabo ezinonya olumangalisayo, ikakhulu unya lokusebenzisa umlingo nokukhanda imicabango yabanye, okungamaqhinga amaningi ngokungenakubalwa futhi angaziwa nakancane emhlabeni wemvelo.

[10] Abantu abangakholwa ukuthi kukhona izinto zikamoya, ikakhulu labo abakhonza imvelo, kabanakukholwa ukuthi ukushisa okukumuntu ophilayo, okuwuqobo lwempilo ekuye, kunomsuka owahlukile emsukeni wokushisa kwemvelo noma komhlaba. Ngokuba labobantu kabazi, kungasaphathwa ukuvuma, ukuthi kukhona umlilo wasezulwini ophuma eNkosini njengeLanga, nokuthi loMlilo uwuthando olucwebileyo. Ngakho-ke kabanalo ulwazi lwezindawo eziningi zeZwi lapho kufanekiswa khona loluthando; futhi kabanalo nolwazi lwezibonakaliso zalo eziningi ngokungenakubalwa kumuntu, oyisitho esidalelwe ukwamukela noma ukukhongozela lowomlilo.

  
Yiya esigabeni / 10837