IBhayibheli

 

John 10:30

Funda

       

30 I and the Father are one."

Okususelwe Emisebenzini kaSwedenborg

 

Izimfihlakalo Zezulu #6893

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

6893. Ngamazwi “ubonakele kimi” kufanekiswa ukubakhona kukaJehovah. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kokubakhona ngo “kubonakala kumuntu”; ngokuba engqondweni engaphakathi “ukubonakala” kakusho ukubonakala ngamehlo kodwa kusho ukubonakala ngomcabango. Umcabango wodwa njekuphela nawo uyakudala ukubakhona; ngokuba umuntu osemicabangweni uyabonakala, nakanjalo ubakhona phambi kokubona kwangaphakathi. Empeleni yilokhu okwenzekayo empilweni yangemuva kokufa, ngokuba lapho umumoya kuleyompilo ucabanga ngokujulile noma ngokugqolozela omunye umuntu, lowomuntu ubakhona eduze kwalowomumoya. Kungalendlela ukubonana nokuhlangana kwabangane emhlabeni kamoya; kukanjalo futhi nokunqwamana nezitha zabo, ezibabangela amazinyo abushelelezi.

  
Yiya esigabeni / 10837