IBhayibheli

 

John 15:1

Funda

       

1 "I am the true vine, and my Father is the farmer.

Okususelwe Emisebenzini kaSwedenborg

 

Izimfihlakalo Zezulu #1298

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

1298. Ukuthi “izitini zaba ngamatshe abo” kufanekisa ukuthi babesemangeni esikhundleni sokuba seqinisweni. Lokhu kuchachiswa ngokufanekiswa nge “sitini”, esifanekisa amanga, okusanda kukhulunywa ngakho ngenhla, nangokufanekiswa nge “tshe”, elifanekisa iqiniso kabanzi, nosekukhulunywe ngakho enombolweni 643 Isizathu sokuba “amatshe” afanekise iqiniso wukuthi abantu basemandulondulo babekhombisa imingcele ngamatshe, futhi babephakamisa amatshe ukufakaza ukuthi into injengoba ishiwo, okungukuthi, ukuthi leyonto eshiwoyo iyiqiniso. Lokhu kuchachiswa ngetshe elamiswa wuJakobe njengensika (Genesise 28:22; 35:14) ; ngensika eyayakhiwe ngamatshe eyamiswa phakathi kukaLabani noJakobe (Genesise 31:46, 47, 52); nangealthari eyakhiwa ngabantwana bakaRubeni noGadi noManase eceleni komfula iJordani njengealthari lobufakazi (Joshuwa 22:10, 28, 34). Ngakho-ke nga “matshe” eZwini kufanekiswa amaqiniso, kangangokuba amaqiniso kawafanekiswa njekuphela ngamatshe ayese-althari kodwa futhi afanekiswa nangamatshe ayesemahlombe emvunulo kaAroni, naphezu kwesigcinasifuba sokwahlulela, okungamatshe ayefanekisa amaqiniso othando angcwele.

[2] Malungana ne-althari, ngenkathi kwethulwa noma kuqalwa inkonzo yeminikelo, i-althari lalimele inkonzo kabanzi efanekisayo yeNkosi. Nokho “amatshe” ayekulelo althari ayefanekisa amaqiniso angcwele aleyonkonzo. Yingakho kwakuyaliwe ukuba i-althari lakhiwe ngamatshe aphelele, okungukuthi, angabaziwe, futhi yingakho kwakungavunyelwe ukusebenzisa amathuluzi ensimbi kulawomatshe (Duteronomi 27:5-7; Joshuwa 8:31). Isizathu sokuba lokho kungavunyelwa wukuthi amatshe abaziweyo nalawo okusetshenziswe kuwo amathuluzi ensimbi ayefanekisa izinto eziqanjiwe kanjalo izinto ezibunjiweyo enkonzweni. Lokho kungukuthi lawomatshe ayefanekisa izinto ezisuselwe eyeneni lomuntu, noma izinto eziqanjwe wumcabango nenhliziyo yomuntu. Nakanjani lezozinto zazihlanekezela inkonzo, njengoba kuphawulwe ngokuchachile kuEksodusi 20:25 Ngesizathu esifanayo kwakungasetshenziswa amathuluzi ensimbi ematsheni eThempeli (1 Amakhosi 6:7).

[3] Ukuthi ngamatshe ayefakwe emahlombe emvunulo kaAroni naphezu kwesigcinasifuba sokwahlulela, ngokufanayo kwakufanekiswa amaqiniso angcwele, sekukhonjisiwe enombolweni 114 Lokhu kusobala futhi ku-Isaya lapho kuthiwa khona:

Bheka, ngiyofaka amatshe akho abe ngamatshe ayigugu, ngibeke izisekelo zakho ngamasafire; ngiyokwakha amafasitela akho ngamarubi, namasango akho ngamatshe ayigugu, nemingcele yakho ngamatshe amahle. Bonke abantwana bakho bayofundiswa nguJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyokuba kukhulu (Isaya 54:11-13).

Nga “matshe” lapha kufanekiswa amaqiniso angcwele, yingakho kuthiwa “bonke abantwana bakho bayofundiswa wuJehova”. Yingakho futhi kuJohane kuthiwa izisekelo zomuzi, iJerusalema elingcwele, zazihlotshiswe ngazozonke izinhlobo zamatshe ayigugu, nalowomatshe agagulwe ngamagama awo (Isambulo 21:19, 20). “IJerusalema elingcwele” lifanekisa umbuso weNkosi ezulwini nasemhlabeni, nezisekelo zalombuso zingamaqiniso angcwele. Ngokufanayo kwakufanekiswa amaqiniso angcwele ngezibhebhe zamatshe okwakulotshwe kuzo imiyalo yoMthetho, noma iMiyalo eyiShumi. Kwakuyingakho futhi ukuba lezozibhebhe zibe ngezamatshe, noma izisekelo zazo zibe ngezamatshe, okuyinto etholakala ku Eksodusi 24:12; 31:18; 34:1; Duteronomi5:22; 10:1; ngokuba imiYalo eyiShumi kayilutho olunye ngaphandle kwamaqiniso enkolo.

[4] Ngenxa yokuthi ngenkathi yasemandulondulo amatshe ayefanekisa amaqiniso, nangenxa yokuthi kamuva lapho sekuqalwa ukukhonzela ezinsikeni, kuma-althari naseThempelini, izinsika nama-althari namaThempeli nakho kwakufanekisa amaqiniso angcwele, ngakho-ke neNkosi ibizwa nge “Tshe”, njengakuGenesise lapho kuthiwa khona:

UMninimandla kaJakobe, okuvela kuYe uMalusi, iTshe lika Israyeli (Genesise 49:24).

Ku-Isaya kuthiwa:

INkosi uJehovi ithi: Bheka, ngibeka eSiyoni iTshe lesisekelo, iTshe elivivinyekileyo leGumbi elinqabileyo lesisesekelo esiyiso (Isaya 28:16).

KumaHubo kaDavidi kuthiwa:

ITshe abalenqabayo abakhi selaba yinhloko yegumbi (AmaHubo 118:22).

Kufanekiswa amaqiniso angcwele nakuDaniyeli 2:34 ,35, 45, ngetshe elaqheshulwa edwaleni laphihliza isithombe esibaziweyo sikaNebhukhadinezari saba yizicucu.

[5[ Ukuthi nga “matshe” kufanekiswa amaqiniso kusobala ku-Isaya lapho kuthiwa khona:

Ububi bukaJakobe buyohlangulwa ngalokhu, nalokhu kuyokuba yisosonke isithelo sokususa isono sakhe, lapho enza ukuba onke amatshe e-althari avithizeke njengamatshe omcako (Isaya 27:9).

Nga “matshe e-althari” kufanekiswa amaqiniso enkonzo asaphaziwe noma achithekile. Kuyena futhi lomphrofethi kuthiwa:

Lungisani indlela yabantu; hlelani, niwuhlele umendo, niwakhiphe amatshe (Isaya 62:10).

“Indlela” na “matshe” kufanekisa amaqiniso. KuJeremiya kuthiwa:

Ngimelene nawe, wena ntaba echithayo. Ngiyokugingqa emadwaleni, ngikwenze intaba yokusha. Kabayukuthatha kuwe itshe legumbi, netshe lesisekelo (Jeremiya 51:25, 26).

Lapha kukhulunywa ngeBabele. Nge “ntaba yokusha” kufanekiswa uthando lokuzithanda. Ngo “kungathathi itshe kuyo” kufanekisa ukuthi kalikho iqiniso elivela kulowomsuka.

  
Yiya esigabeni / 10837