IBhayibheli

 

John 20:16

Funda

       

16 Jesus said to her, "Mary." She turned and said to him, "Rabboni!" which is to say, "Teacher!"

Okususelwe Emisebenzini kaSwedenborg

 

Izimfihlakalo Zezulu #1874

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

1874. Ngesikhathi ngixoxa nemimoya elungileyo, ngithe kuyo izinto eziningi eZwini, eziningi kangangoba umuntu angekholwe, zibekwe noma ziphawulwe ngokusukela kwimbonakalo yangaphandle nangokusukela emalutheni ezinzwa zomzimba—njengokuthi iNkosi ikhombisa intukuthelo, ulaka, nesankahlu kubantu ababi; ukuthi iNkosi ithola ubumnandi ngokubabhubhisa nokubaqotha; ngisho imbala nokuthi iNkosi iyababulala. Kepha isizathu sokuba iZwi likhulume kanjalo wukuba imigobezelo nezingqoyi kwabantu kungaqothulwa kodwa kujikiswe kubhekiswe kwamanye amabombo amasha. Ngokuba ukuba iZwi belingakhulumi ngendlela ezwakala kumuntu, okungukuthi, ngendlela engeyona eyembonakalo, yamalutha ezinzwa zakhe, neyemigobezelo yakhe, kwakuyobe kungukutshala imbewu emanzini futhi kwakuyobe kungukuphimisa into ebiyochithwa noma ebiyokwaliwa ngokuphazima kweso. Nokho lezozinto eziphawulwa ngokusukela ezimbonakalweni zazo nasemalutheni ezinzwa zomuntu zikwazi ukuba yizikhongozela kabanzi zezinto zezulu likamoya nezezulu lamazulu; ngokuba kulezozikhongozelo kungathululwa iqiniso lokuthi zonke izinto zivela eNkosini; kuthululwe futhi iqiniso lokuthi yize iNkosi ibuvumela ububi kepha bonke ububi kabuphumi kuYo kodwa buphuma emimoyeni engodeveli; ngemuva kwalokho kuthululwe iqiniso lokuthi iNkosi ihlinzeka futhi ihlela ukuba ububi buguqulwe bube wukulunga; ekugcineni kuthululwe iqiniso lokuthi eNkosini kakuphumi lutho ngaphandle kokulunga. Kanjaloke ingqondo yemvelo noma engaphandle iyashabalala lapho yenyuka, ibe ngeyezulu likamoya, ilandele ngokuba ngeyezulu lamazulu, ekugcineni ibe ngeyoBunkulunkulu.

  
Yiya esigabeni / 10837